Jakobe
3 Ababaningi kini okufanele babe ngabafundisi,+ bazalwane, njengoba nazi ukuthi siyokwamukela isahlulelo esinzima ngokwengeziwe.+ 2 Ngoba sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.+ Uma umuntu engakhubeki ngezwi,+ lowo uyindoda epheleleyo,+ ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu. 3 Uma sifaka amatomu+ emilonyeni yamahhashi ukuze asilalele,+ silawula nemizimba yawo yonke. 4 Bhekani! Ngisho nemikhumbi, nakuba imikhulu kangaka futhi iqhutshwa imimoya enamandla, iqondiswa iphini elincane kakhulu+ iye lapho kufisa khona umuntu oshayelayo.
5 Kanjalo, futhi, nolimi luyilungu elincane kodwa nokho luzigabisa kakhulu.+ Bhekani! Yeka ukuthi kudinga umlilo omncane kangakanani ukuthungela ihlathi elikhulu ngomlilo! 6 Ulimi-ke luwumlilo.+ Ulimi luyizwe lokungalungi phakathi kwamalungu ethu, ngoba lubeka amabala kuwo wonke umzimba+ futhi lokhela isondo lokuphila kwemvelo futhi lokhelwa iGehena. 7 Ngoba zonke izinhlobo zezilo zasendle kanye nezinyoni nezinto ezinwabuzelayo nezidalwa zasolwandle ziyathanjiswa futhi ziye zathanjiswa abantu.+ 8 Kodwa ulimi, akekho noyedwa kubantu ongaluthambisa. Luyinto engalawuleki elimazayo, lugcwele ubuthi obubulalayo.+ 9 Ngalo situsa uJehova,+ yebo, uBaba,+ kodwa nokho siqalekise+ ngalo abantu ababa khona “ngomfanekiso kaNkulunkulu.”+ 10 Emlonyeni ofanayo kuphuma ukubusisa nokuqalekisa.
Akufanelekile, bazalwane, ukuba lezi zinto ziqhubeke zenzeka ngale ndlela.+ 11 Umthombo+ awubangeli ukuba kuphuphume amanzi amnandi nababayo emgodini ofanayo, akunjalo? 12 Bazalwane, umkhiwane awunakuthela iminqumo noma umvini amakhiwane, akunjalo?+ Namanzi anosawoti awanakukhipha amanzi amnandi.
13 Ubani ohlakaniphile noqondayo phakathi kwenu? Makabonise imisebenzi yakhe+ ngokuziphatha kwakhe okuhle ngobumnene bokuhlakanipha. 14 Kodwa uma ninomhawu obabayo+ nokubanga+ ezinhliziyweni zenu, musani ukuzigabisa+ niqambela iqiniso amanga.+ 15 Lokhu akukhona ukuhlakanipha okwehla kuvela phezulu,+ kodwa okwasemhlabeni,+ okobulwane, okobudemoni.+ 16 Ngoba lapho kukhona khona umhawu+ nokubanga, kukhona isiyaluyalu nayo yonke into embi.+
17 Kodwa ukuhlakanipha+ kwaphezulu okokuqala kumsulwa,+ kunokuthula,+ kuyabonelela,+ kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle,+ akuhlukanisi abantu ngokukhetha,+ akuzenzisi.+ 18 Ngaphezu kwalokho, imbewu yesithelo+ sokulunga+ ihlwanyelwa ngaphansi kwezimo zokuthula+ kulabo abenza ukuthula.+