IsAmbulo
5 Esandleni sokunene saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi+ ngabona umqulu ulotshwé ngaphakathi nangaphandle,+ uvalwé+ waqiniswa ngezimpawu eziyisikhombisa. 2 Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani okufanelekelayo ukuvula umqulu athukulule izimpawu zawo na?” 3 Kodwa kwakungekho noyedwa ezulwini noma emhlabeni noma ngaphansi komhlaba owayekwazi ukuwuvula umqulu noma abheke ngaphakathi kuwo. 4 Ngakhala kakhulu ngoba engekho owatholakala ekufanelekela ukuwuvula lo mqulu noma ukubheka ngaphakathi kuwo.+ 5 Kodwa omunye wabadala uthi kimi: “Yeka ukukhala. Bheka! INgonyama yesizwe sakwaJuda,+ impande+ kaDavide,+ inqobile+ ukuze iwuvule umqulu nezimpawu zawo eziyisikhombisa.”
6 Ngabona kumi phakathi kwesihlalo sobukhosi+ nezidalwa eziphilayo ezine naphakathi kwabadala,+ iwundlu,+ kunjengokungathi lihlatshiwe,+ linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa, okungamehlo asho imimoya eyisikhombisa+ kaNkulunkulu ethunyelwe emhlabeni wonke. 7 Laya lawuthatha ngaso leso sikhathi esandleni sokunene saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi.+ 8 Lapho lithatha lo mqulu, izidalwa ezine eziphilayo nabadala abangamashumi amabili nane+ bawa phansi phambi kweWundlu, yilowo nalowo enehabhu+ nezitsha zegolide ezazigcwele impepho, impepho+ isho imithandazo+ yabangcwele. 9 Bahlabelela ingoma entsha,+ bethi: “Uyakufanelekela ukuthatha umqulu uvule izimpawu zawo, ngoba wena wahlatshwa futhi ngegazi lakho+ wathengela+ uNkulunkulu abantu+ kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe, 10 wabenza babe ngumbuso+ nabapristi+ kuNkulunkulu wethu,+ futhi bayobusa njengamakhosi+ phezu komhlaba.”
11 Ngabona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi ezizungeze isihlalo sobukhosi nezidalwa eziphilayo nabadala, isibalo sazo sasingamashumi ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane+ nezinkulungwane zezinkulungwane,+ 12 zithi ngezwi elikhulu: “IWundlu elahlatshwa+ liyakufanelekela ukwamukela amandla nengcebo nokuhlakanipha namandla nodumo nenkazimulo nesibusiso.”+
13 Zonke izidalwa ezisezulwini nasemhlabeni nangaphansi komhlaba+ nezisolwandle nazo zonke izinto ezikukho, ngazizwa zithi: “KuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi+ nakulo iWundlu+ makube isibusiso nodumo+ nenkazimulo+ namandla kuze kube phakade naphakade.” 14 Izidalwa ezine eziphilayo zathi: “Amen!” abadala+ bawa phansi bakhuleka.+