Eyesibili KwabaseKorinte
3 Ingabe kufanele sizethule futhi kini? Noma ingabe sidinga izincwadi ezisethula kini noma ezivela kini? 2 Nina ngokwenu niyincwadi yethu, + elotshwe ezinhliziyweni zethu eyaziwa futhi efundwa isintu sonke. 3 Ngoba niyincwadi kaKristu elotshwe yithi njengezikhonzi, + engalotshwanga ngoyinki kodwa ngomoya kaNkulunkulu ophilayo, hhayi ematsheni ayizicaba + kodwa ematsheni ayizicaba enyama, ezinhliziyweni. +
4 Sinalolu hlobo lokuqiniseka kuNkulunkulu ngoKristu. 5 Akukhona ukuthi thina ngokwethu sikufanelekela ngokwanele ukubheka noma yini njengevela kithi, kodwa ukufaneleka kwethu ngokwanele kuvela kuNkulunkulu, + 6 lowo ngempela osenze sakufanelekela ngokwanele ukuba izikhonzi zesivumelwano esisha, + esingesona esomthetho olotshiwe, + kodwa esomoya; ngoba umthetho olotshiwe ugwebela ekufeni, + kodwa umoya uyaphilisa. +
7 Uma umthetho oletha isigwebo sokufa nowawuqoshwe ematsheni + ngezinhlamvu waba khona ngenkazimulo enkulu, kangangokuthi abantwana bakwa-Israyeli abakwazanga ukubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe, + inkazimulo eyayizoqedwa, 8 kungani umsebenzi womoya + ungenakuba nenkazimulo enkulu nakakhulu? + 9 Ngoba uma umthetho ogweba abantu ukuba bafe + unenkazimulo, + umsebenzi oholela ekulungeni unenkazimulo enkulu nakakhulu kangakanani-ke! + 10 Eqinisweni, ngisho nalokho okwake kwenziwa kwakhazimula akusenayo inkazimulo, ngenxa yenkazimulo ekudlulayo. + 11 Ngoba uma lokho okwakuzoqedwa kwalethwa ngenkazimulo, + iyoba nkulu kangakanani-ke inkazimulo yalokho okuhlalayo! +
12 Njengoba sinethemba elinjalo, + sisebenzisa inkululeko enkulu yokukhuluma, 13 asenzi lokhu uMose akwenza lapho emboza ubuso bakhe ngomgubuzelo, + ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangabukisisi ekupheleni kwalokho okwakuzoqedwa. 14 Kodwa izingqondo zabo zathuntubezeka. + Ngoba kuze kube namuhla, wona lowo mgubuzelo usahleli ungasusiwe lapho kufundwa isivumelwano esidala, + ngoba ususwa ngoKristu kuphela. + 15 Eqinisweni, kuze kube namuhla noma nini lapho kufundwa izincwadi zikaMose, + umgubuzelo uphezu kwezinhliziyo zabo. + 16 Kodwa lapho umuntu ephendukela kuJehova,* umgubuzelo uyasuswa. + 17 UJehova* unguMoya, + lapho kunomoya kaJehova* khona, kukhona inkululeko. + 18 Futhi thina sonke, lapho sibonakalisa inkazimulo kaJehova* njengezibuko ngobuso obungagutshuzelwe, siguqulelwa emfanekisweni ofanayo kusuka enkazimulweni kuya kwenye inkazimulo,* njengoba nje kwenza uJehova* uMoya. *+