NgokukaLuka
17 Wabe esethi kubafundi bakhe: “Akunakugwenywa ukuba kwenzeke izinto ezikhubekisa abanye. Noma kunjalo, maye kulowo owenza lezo zinto kwabanye! 2 Bekuyoba ngcono ngaye ukube bekungalengiswa itshe lokugaya entanyeni yakhe aphonswe olwandle kunokuba akhube omunye kulaba abancane. + 3 Qaphelani. Uma umfowenu enza isono, mkhuze, + uma ephenduka, mthethelele. + 4 Ngisho noma ona kuwe kasikhombisa ngosuku, abuye kuwe kasikhombisa, ethi, ‘Ngiyaphenduka,’ kumele umthethelele.” +
5 Abaphostoli babe sebethi eNkosini: “Siphe ukholo olwengeziwe.” + 6 INkosi yathi: “Ukube beninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, beniyothi kulesi sihlahla sikamalibhele omnyama, ‘Siphuleka utshaleke olwandle!’ sinilalele. +
7 “Ubani kini ongathi enenceku elimayo noma eyelusayo, kuthi lapho ingena ivela ensimini athi kuyo, ‘Woza lapha khona manje udle etafuleni’? 8 Kunalokho, ngeke yini athi kuyo, ‘Lungisa okuthile ukuze ngidle isidlo sami sakusihlwa, ufake iphinifa, ungikhonze ngize ngiqede ukudla nokuphuza, kamuva nawe ungadla uphuze’? 9 Ngeke ayibonge inceku ngoba yenze umsebenzi wayo, akunjalo? 10 Ngokufanayo nani, lapho nenze zonke izinto enabelwe zona, anothi: ‘Siyizinceku ezingelusizo lwalutho. Lokho esikwenzile yilokho obekufanele sikwenze.’ ” +
11 Ngesikhathi eya eJerusalema wadabula phakathi kweSamariya neGalile. 12 Njengoba engena emzini, wahlangana namadoda ayishumi anochoko, kodwa amela kude. + 13 Aphakamisa amazwi awo athi: “Jesu, Mfundisi, yiba nesihe kithi!” 14 Lapho ewabona wathi kuwo: “Hambani niziveze kubapristi.” + Njengoba ehamba, ahlanzwa. + 15 Enye yawo, lapho ibona ukuthi yelashiwe, yabuyela emuva, ikhazimulisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. 16 Yaguqa, yakhothama ezinyaweni zikaJesu, yambonga. Ngaphezu kwalokho, yayingumSamariya. + 17 UJesu wathi: “Bonke abayishumi bahlanziwe, akunjalo? Pho, baphi abanye abangu-9? 18 Akekho yini omunye obuyile ukuze anike uNkulunkulu inkazimulo ngaphandle kwalo muntu wesinye isizwe?” 19 Wathi kuyo: “Sukuma uhambe; ukholo lwakho lukuphilisile.” +
20 Lapho ebuzwa abaFarisi ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uza nini, + wabaphendula wathi: “UMbuso kaNkulunkulu awuzi ngokubonakala okuphawulekayo; 21 futhi abantu ngeke bathi, ‘Bhekani nanku!’ noma, ‘Nankuya!’ Ngoba bhekani! uMbuso kaNkulunkulu uphakathi kwenu.” +
22 Wabe esethi kubafundi: “Kuyofika izinsuku lapho niyofisa khona isikhathi sokuba iNdodana yomuntu ibe nani, kodwa ngeke nisibone. 23 Abantu bayothi kini, ‘Bhekani nanguya!’ noma, ‘Bhekani nangu!’ Ningaphumi futhi ningabalandeli. + 24 Ngoba, njengoba nje umbani ubanika kusukela kwenye ingxenye yezulu kuya kwenye ingxenye yezulu, iyoba njalo iNdodana yomuntu + ngosuku lwayo. + 25 Nokho, okokuqala kumele idlule ekuhluphekeni okuningi futhi yaliwe yilesi sizukulwane. + 26 Ngaphezu kwalokho, njengoba nje kwenzeka ezinsukwini zikaNowa, + kuyoba njalo nasezinsukwini zeNdodana yomuntu: + 27 babedla, bephuza, amadoda eshada, abesifazane beshadiswa, kwaze kwaba yilolo suku uNowa angena ngalo emkhunjini, + kwafika uZamcolo wababhubhisa bonke. + 28 Ngokufanayo, njengoba nje kwenzeka ezinsukwini zikaLoti: + babedla, bephuza, bethenga, bethengisa, betshala, bakha. 29 Kodwa ngosuku uLoti aphuma ngalo eSodoma, kwana umlilo nesibabule kuvela ezulwini kwababhubhisa bonke. + 30 Kuyokwenzeka okufanayo nangalolo suku lapho kwambulwa iNdodana yomuntu. +
31 “Ngalolo suku umuntu ophezu kwendlu kodwa ompahla yakhe isendlini makangehli ayithathe, nomuntu ongaphandle ensimini, naye akumele abuyele ezintweni ezisemuva. 32 Khumbulani umkaLoti. + 33 Noma ubani ofuna ukusindisa ukuphila kwakhe uyolahlekelwa yikho, kodwa noma ubani olahlekelwa yikho uyokusindisa. + 34 Ngiyanitshela, ngalobo busuku abantu ababili bayobe besembhedeni owodwa; omunye uyothathwa, kodwa omunye uyoshiywa. + 35 Kuyobe kunabesifazane ababili begaya etsheni elilodwa; omunye uyothathwa, kodwa omunye uyoshiywa.” 36 *—— 37 Ngenxa yalokhu bathi kuye: “Kuphi Nkosi?” Wathi kubo: “Lapho kukhona khona isidumbu, kulapho futhi izinkozi ziyobuthanela khona.” +