UJeremiya
52 UZedekiya + wayeneminyaka engu-21 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-11 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali + indodakazi kaJeremiya waseLibhina. 2 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, njengakho konke uJehoyakimi ayekwenzile. + 3 Lezi zinto zehlela iJerusalema noJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova kwaze kwaba yilapho esebasusile phambi kwakhe. + UZedekiya wadlubulunda enkosini yaseBhabhiloni. + 4 Ngonyaka ka-9 wokubusa kukaZedekiya, ngosuku lweshumi enyangeni yeshumi, uNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni weza nalo lonke ibutho lakhe lempi ezohlasela iJerusalema. Bagxumeka amatende ukuze balwe nalo, bakha udonga lokulivimbezela nxazonke. + 5 Idolobha lavinjezelwa kwaze kwaba unyaka ka-11 weNkosi uZedekiya.
6 Ngenyanga yesine, ngosuku luka-9 lwenyanga, + indlala yayibhokile edolobheni, abantu babengenakho ukudla. + 7 Ekugcineni izindonga zedolobha zabhodlozwa, lonke ibutho lempi lasuka edolobheni labaleka ebusuku laphuma ngesango elisodongeni olubhangqiwe, ngasengadini yenkosi, kuyilapho amaKhaledi ezungeze idolobha; lahamba ngendlela eya ngase-Araba. + 8 Kodwa ibutho lamaKhaledi layijaha inkosi uZedekiya, + layifica emathafeni awugwadule aseJeriko, lonke ibutho layo lempi lahlakazeka. 9 Layibamba inkosi lenyuka nayo laya enkosini yaseBhabhiloni eRibila ezweni laseHamati, ukuze igwetshwe. 10 Inkosi yaseBhabhiloni yabulala amadodana kaZedekiya phambi kwakhe, yabulala nazo zonke izikhulu zakwaJuda eRibila. 11 Ngemva kwalokho inkosi yaseBhabhiloni yamkhipha amehlo uZedekiya, + yambopha ngamaketanga ethusi yaya naye eBhabhiloni, yamgquma ejele waze wafela khona.
12 Ngenyanga yesihlanu, ngosuku lweshumi, okuwukuthi, ngonyaka ka-19 kaNebukhadinezari* inkosi yaseBhabhiloni, uNebuzaradani induna yonogada, owayeyinceku yenkosi yaseBhabhiloni, weza eJerusalema. + 13 Washisa indlu kaJehova, + indlu yenkosi* nazo zonke izindlu zaseJerusalema; washisa nazo zonke izindlu ezinkulu. 14 Lonke ibutho lamaKhaledi elalikanye nenduna yonogada ladiliza izindonga ezazibiyele iJerusalema. +
15 UNebuzaradani induna yonogada wabayisa ekudingisweni abanye kubantukazana nabo bonke abantu ababesele edolobheni. Wathatha nalabo ababehlubukele enkosini yaseBhabhiloni nazo zonke izisebenzi eziyizingcweti. + 16 Kodwa uNebuzaradani induna yonogada wabashiya abanye kubantu abampofu bezwe ukuze babe abanakekeli bamasimu amagilebhisi nezisebenzi eziphoqelelwe. +
17 AmaKhaledi aphihliza izinsika zethusi + zendlu kaJehova nezinqola + noLwandle lwethusi *+ okwakusendlini kaJehova, athwala lonke ithusi lako aliyisa eBhabhiloni. + 18 Athatha namakani, amahalavu, izinto zokucisha umlilo, izitsha, + izinkomishi + nazo zonke izinto zethusi ezazisetshenziswa ethempelini. 19 Induna yonogada yathatha izindishi, + imicengezi yomlilo, izitsha, amakani, izinti zezibani, + izinkomishi nezitsha zegolide loqobo nezesiliva loqobo. + 20 Ngokuqondene nezinsika ezimbili, uLwandle,* izinkunzi zethusi ezingu-12 + ezazingaphansi koLwandle nezinqola iNkosi uSolomoni eyayizenzele indlu kaJehova, yayingekho indlela yokwazi isisindo sethusi sazo zonke lezi zinto.
21 Ngokuphathelene nezinsika, insika ngayinye yayingamamitha angu-8 ukuphakama, yayingase izungezwe intambo engamamitha amahlanu; + ugqinsi lwayo lwalungangobubanzi beminwe* emine, iyigobongo. 22 Isihloko esasiphezu kwayo sasenziwe ngethusi; isihloko sasingamamitha amabili ukuphakama; + umhlobiso osasisefo nowamahalananda* nxazonke zesihloko wawenziwe ngethusi. Insika yesibili nomhlobiso wayo kwakwenziwe ngendlela efanayo. 23 Kwakunamahalananda angu-96 ezinhlangothini;* esewonke amahalananda ayengu-100 ezungeze umhlobiso osasisefo. +
24 Induna yonogada yathatha noSeraya + umpristi omkhulu, uZefaniya + umpristi wesibili nabalindimnyango abathathu. + 25 Edolobheni yathatha isikhulu segceke esisodwa esasinegunya phezu kwebutho lempi, abangani abayisikhombisa benkosi ababesedolobheni, kanye nonobhala wenduna yempi, owayebuthela abantu bezwe empini, namadoda angu-60 kubantu abaphansi bezwe ababetholakala edolobheni. 26 UNebuzaradani induna yonogada wabathatha wabayisa enkosini yaseBhabhiloni eRibila. 27 Inkosi yaseBhabhiloni yababulala eRibila + ezweni laseHamati. Kanjalo uJuda wasuka ezweni lakhe waya ekudingisweni. +
28 Naba abantu uNebukhadinezari* abayisa ekudingisweni: ngonyaka wesikhombisa, amaJuda angu-3 023. +
29 Ngonyaka ka-18 kaNebukhadinezari, *+ kwathathwa abantu abangu-832 eJerusalema.
30 Ngonyaka ka-23 kaNebukhadinezari,* uNebuzaradani induna yonogada wathatha amaJuda wawayisa ekudingisweni, abantu abangu-745. +
Sebebonke abantu abayiswa ekudingisweni babengu-4 600.
31 Ngonyaka ka-37 wokudingiswa kukaJehoyakini + inkosi yakwaJuda, ngenyanga ka-12, ngosuku luka-25 lwenyanga, u-Evili-merodaki inkosi yaseBhabhiloni, ngonyaka aba ngawo yinkosi, wakhipha* uJehoyakini inkosi yakwaJuda ejele. + 32 Wamphatha kahle, wamphakamisa kunamanye amakhosi ayekanye naye eBhabhiloni. 33 Ngakho uJehoyakini wakhumula izingubo zakhe zasejele, wadla kanye nenkosi zonke izinsuku zokuphila kwakhe. 34 Inkosi yaseBhabhiloni yayimnika ukudla usuku nosuku, zonke izinsuku zokuphila kwakhe, kwaze kwaba usuku lokufa kwakhe.