Bazali Nezingane: Yenzani UNkulunkulu Eze Kuqala!
“Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe.”—UMSHUMAYELI 12:13.
1. Yikuphi ukwesaba abazali nezingane okudingeka bakuhlakulele, futhi kuyobalethelani?
ISIPROFETHO esiphathelene noJesu Kristu sathi “intokozo yakhe iyakuba-sekumesabeni uJehova.” (Isaya 11:3) Ngokuyisisekelo ukwesaba kwakhe kwakuyinhlonipho ejulile ngoNkulunkulu, ukwesaba ukudumaza uNkulunkulu ngoba emthanda. Abazali nezingane kudingeka bahlakulele ukwesaba uNkulunkulu okunjalo okunjengokukaKristu, okuyobalethela injabulo eyatholwa uJesu. Kudingeka benze uNkulunkulu eze kuqala ekuphileni kwabo ngokulalela imiyalo yakhe. Ngokomunye umlobi weBhayibheli, “lokhu yisibopho esiphelele somuntu.”—UmShumayeli 12:13, NW.
2. Yimuphi umyalo owawubaluleke kakhulu eMthethweni, futhi wawunikezwe obani ngokuyinhloko?
2 Umyalo obaluleke kakhulu eMthethweni, othi kufanele ‘sithande uJehova ngayo yonke inhliziyo yethu, umphefumulo, nezikhwepha,’ ngokuyinhloko wanikezwa abazali. Lokhu kuboniswa amazwi aqhubekayo oMthetho: “Ubafundise impela wona [lamazwi aphathelene nokuthanda uJehova] abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:4-7; Marku 12:28-30) Ngaleyo ndlela abazali bayalwa ukuba benze uNkulunkulu eze kuqala ngokumthanda bona kuqala nangokufundisa izingane zabo ukuba zenze okufanayo.
Umthwalo Wemfanelo WobuKristu
3. UJesu wakubonisa kanjani ukubaluleka kokunikeza izingane ukunakekela?
3 UJesu wabonisa ukubaluleka kokunikeza ngisho nezingane ezincane ukunakekela. Ngesinye isikhathi ngasekupheleni kwenkonzo kaJesu yasemhlabeni, abantu baqala ukuletha izinsana kuye. Ngokusobala becabanga ukuthi uJesu wayematasa kakhulu ukuba angaphazanyiswa, abafundi bazama ukubavimba abantu. Kodwa uJesu wabakhuza abafundi bakhe: “Bayekeni abantwana abancane beze kimi, futhi ningazami ukubavimba.” UJesu waze “wabasingatha abantwana,” kanjalo ebonisa ngendlela ethinta inhliziyo ukubaluleka kokunaka abasebancane.—Luka 18:15-17; Marku 10:13-16.
4. Obani abanikezwa umyalo ‘wokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi,’ futhi lokhu kwakuyofuna benzeni?
4 UJesu waveza futhi ukuthi abalandeli bakhe babenomthwalo wemfanelo wokufundisa abanye ngaphandle kwezingane zabo. Ngemva kokufa nokuvuswa kwakhe, uJesu “wabonakala kubafowethu abangaphezu kwamakhulu amahlanu ngesikhathi esisodwa”—kuhlanganise nabazali. (1 Korinte 15:6) Cishe lokhu kwenzeka entabeni yaseGalile lapho kwakubuthene khona nabaphostoli bakhe abangu-11. Lapho, uJesu wanxusa bonke: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, . . . nibafundise ukugcina zonke izinto enginiyale ngazo.” (Mathewu 28:16-20) Akukho mKristu ongadebesela lomyalo kufaneleke! Kobaba nomama ukuwufeza kudinga nokuba banakekele izingane zabo babuye bahlanganyele emsebenzini wokushumayela nokufundisa obala.
5. (a) Yini ebonisa ukuthi iningi labaphostoli, uma kungekhona ukuthi bonke, lalishadile futhi ngenxa yalokho cishe linezingane? (b) Yisiphi iseluleko izinhloko zemikhaya okudingeka zisithathe ngokungathi sína?
5 Kuyaphawuleka ukuthi ngisho nabaphostoli kwadingeka balinganise imithwalo yabo yemfanelo yemikhaya nesibopho sokushumayela nokwelusa umhlambi kaNkulunkulu. (Johane 21:1-3, 15-17; IzEnzo 1:8) Lokhu kungenxa yokuthi iningi labo, uma kungekhona ukuthi bonke, lalishadile. Ngakho umphostoli uPawulu wachaza: “Sinalo igunya lokuhola udade njengomfazi, njengabo bonke nje abanye abaphostoli nabafowabo beNkosi noKhefase, akunjalo?” (1 Korinte 9:5; Mathewu 8:14) Nabanye abaphostoli kungenzeka babenezingane. Izazi-mlando zakudala, njengo-Eusebius, zithi uPetru wayenazo. Bonke abazali abangamaKristu bakuqala kwakudingeka balalele iseluleko esingokomBhalo: “Ngokuqinisekile uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.”—1 Thimothewu 5:8.
Umthwalo Wemfanelo Oyinhloko
6. (a) Iyiphi inselele abadala abangamaKristu abanemikhaya abanayo? (b) Uyini umthwalo wemfanelo oyinhloko womdala?
6 Abadala abangamaKristu abanemikhaya namuhla basesimweni esifana nesabaphostoli. Kumelwe balinganise imithwalo yabo yemfanelo yokunakekela izidingo ezingokomoya nezingokwenyama zemikhaya yabo nesibopho sabo sokushumayela obala nokwelusa umhlambi kaNkulunkulu. Yimuphi umsebenzi okufanele uze kuqala? INqabayokulinda ka-October 1, 1964, (NgesiNgisi March 15, 1964), yaphawula: “Isibopho [sikababa] sokuqala sisemkhayeni wakhe, futhi eqinisweni, ngeke akhonze ngokufanele uma engasinakekeli lesi sibopho.”
7. Obaba abangamaKristu bamenza kanjani uNkulunkulu eze kuqala?
7 Ngakho obaba kumelwe benze uNkulunkulu eze kuqala ngokulalela umyalo ‘wokuqhubeka bekhulisa izingane zabo ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.’ (Efesu 6:4) Lowo mthwalo wemfanelo awunakugudlulelwa komunye umuntu, ngisho noma ubaba engase abe nesabelo sokuqondisa imisebenzi ethile ebandleni lobuKristu. Obaba abanjalo bangayinakekela kanjani imithwalo yabo yemfanelo—bondla amalungu omkhaya ngokwenyama, ngokomoya, nangokomzwelo—ngesikhathi esifanayo bengamele futhi baqondise ebandleni?
Ukunikeza Ukusekela Okudingekayo
8. Umkamdala angamsekela kanjani?
8 Ngokusobala, abadala abanemithwalo yemfanelo yemikhaya bangazuza ekusekelweni. INqabayokulinda ecashunwe ngenhla yaphawula ukuthi umfazi ongumKristu angamsekela umyeni wakhe. Yathi: “Angakwenza kube lula ngangokunokwenzeka ukuba alungiselele izabelo zakhe ezihlukahlukene, futhi asize nasekongeni isikhathi esibalulekile somyeni wakhe nesakhe siqu ngokuba nesimiso esihle ekhaya, ngokulungiselela ukudla ngesikhathi, ngokulungela ukusuka ngesikhathi uma kuyiwa emihlanganweni yebandla. . . . Ngaphansi kokuqondisa komyeni wakhe, umfazi ongumKristu angenza okuningi ekuqeqesheni izingane ngendlela okufanele zihambe ngayo ukuze zijabulise uJehova.” (IzAga 22:6) Yebo, umfazi wadalelwa ukuba abe “umsizi,” futhi umyeni wakhe uyolwamukela ngokuhlakanipha usizo lwakhe. (Genesise 2:18) Ukusekela kwakhe kungenza umyeni akwazi ukuyinakekela ngokuphumelela ngokwengeziwe imithwalo yemfanelo yomkhaya wakhe neyebandla.
9. Obani ebandleni laseThesalonika abakhuthazwa ukuba basize amanye amalungu ebandla?
9 Nokho, akubona abafazi babadala abangamaKristu kuphela abangahlanganyela emsebenzini osekela umbonisi okumelwe ‘eluse umhlambi kaNkulunkulu’ abuye anakekele nomkhaya wakhe siqu. (1 Petru 5:2) Obani abanye? Umphostoli uPawulu wanxusa abazalwane eThesalonika ukuba bakhathalele labo ‘ababebengamele.’ Nokho, eqhubeka ekhuluma nabo labazalwane—ngokuqondile labo ababengengamele—uPawulu wabhala: “Siyanikhuthaza, bafowethu, ukuba nibayale abangahlelekile, nikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile, nisekele ababuthakathaka, nibe ababhekakade kubo bonke.”—1 Thesalonika 5:12-14.
10. Yiliphi ithonya elihle usizo lothando lwabo bonke abazalwane olunalo ebandleni?
10 Yeka indlela okuhle ngayo lapho abazalwane ebandleni benothando olubashukumisela ukuba baduduze abacindezelekile, basekele ababuthakathaka, bayale abangahlelekile, futhi babe ababhekakade kubo bonke! Abazalwane baseThesalonika, ababesanda kwamukela iqiniso leBhayibheli naphezu kokubhekana nokuhlupheka okukhulu, basebenzisa iseluleko sikaPawulu sokwenza lokhu. (IzEnzo 17:1-9; 1 Thesalonika 1:6; 2:14; 5:11) Cabanga ngomphumela omuhle ukubambisana kwabo ngothando okwaba nawo ekuqiniseni nasekuhlanganiseni ibandla! Ngokufanayo, lapho abazalwane namuhla beduduzana, besekelana, beyalana, kwenza kube lula kakhulu ngabadala, ngokuvamile abanemikhaya okufanele bayinakekele, ukusingatha imithwalo yemfanelo yabadala yokwelusa.
11. (a) Kungani kunengqondo ukuphetha ngokuthi abesifazane babefakiwe egameni elithi “bafowethu”? (b) Lusizo luni owesifazane ovuthiwe ongumKristu angalunikeza abesifazane abasebasha namuhla?
11 Ingabe abesifazane babefakiwe ‘kubafowethu’ umphostoli uPawulu ayekhuluma nabo? Yebo, babefakiwe, kwazise abesifazane abaningi baba amakholwa. (IzEnzo 17:1, 4; 1 Petru 2:17; 5:9) Lusizo luni abesifazane abanjalo ababengalunikeza? Kwakunabesifazane abasebasha emabandleni ababenenkinga yokulawula “izinkanuko zabo zobulili” noma ababebe ‘imiphefumulo ecindezelekile.’ (1 Thimothewu 5:11-13) Abesifazane abathile namuhla banezinkinga ezifanayo. Abangase bakudinge nje umuntu ozobalalela noma abangakhala kuye. Ngokuvamile owesifazane ovuthiwe ongumKristu ungumuntu ongcono onganikeza usizo olunjalo. Ngokwesibonelo, angaxoxa ngezinkinga zomuntu siqu nomunye umuntu wesifazane owesilisa ongumKristu angenakuzisingatha ngendlela efanelekile. Eqokomisa ukubaluleka kokunikeza usizo olunjalo, uPawulu wabhala: “Ngokufanayo abesifazane asebebadala mababe . . . abafundisi bokuhle; ukuze basangulukise abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, bathande abantwana babo, babe abahluzekile engqondweni, abamsulwa, abasebenzayo ekhaya, abahle, abazithobayo kubayeni babo siqu, ukuze izwi likaNkulunkulu kungakhulunywa ngalo ngokuchapha.”—Thithu 2:3-5.
12. Yisiqondiso sobani okubalulekile ukuba bonke ebandleni basilandele?
12 Yeka isibusiso odade abathobekile abayiso ebandleni lapho besekela abayeni babo nabadala ngomoya wokubambisana! (1 Thimothewu 2:11, 12; Heberu 13:17) Abadala abanemithwalo yemfanelo yomkhaya bazuza kakhulu lapho bonke bebambisana ekusizaneni ngomoya wothando nalapho bonke bezithoba esiqondisweni sabelusi abamisiwe.—1 Petru 5:1, 2.
Bazali, Yini Eniyenza Ize Kuqala?
13. Obaba abaningi bahluleka kanjani ukunakekela imikhaya yabo?
13 Eminyakeni eminingi edlule umhleli ovelele wezokuzijabulisa waphawula: “Ngibona amadoda aphumelelayo ephethe izinkampani ezinamadoda amaningi; ayakwazi ukusingatha zonke izimo, ayayazi indlela yokuyala nokunikeza imiklomelo emkhakheni wezamabhizinisi. Kodwa ibhizinisi elibaluleke kakhulu aliqhubayo imikhaya yawo futhi ayahluleka ukuyinakekela.” Ngani? Akukhona yini ukuthi enza ibhizinisi nezinye izithakazelo zize kuqala, asishaye indiva iseluleko sikaNkulunkulu? IZwi lakhe lithi: “Lawamazwi engikuyala ngawo . . . , ubafundise impela wona abantwana bakho.” Futhi lokhu kwakumelwe kwenziwe nsuku zonke. Abazali kudingeka banikele ngesikhathi sabo ngokukhululekile—ikakhulukazi uthando lwabo nokukhathalela okujulile.—Duteronomi 6:6-9.
14. (a) Abazali kufanele bazinakekele kanjani izingane zabo? (b) Ukuqeqeshwa kwezingane okufanele kuhlanganisani?
14 IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi izingane ziyifa elivela kuJehova. (IHubo 127:3) Ingabe izingane zakho uzinakekela njengempahla kaNkulunkulu, isipho akuphathise sona? Cishe ingane yakho iyosabela uma uyisingatha, ngaleyo ndlela ubonisa ukunakekela kwakho kothando. (Marku 10:16) Kodwa ‘ukukhulisa ingane ngendlela eyoba ngeyayo’ kudinga okungaphezu nje kokuyanga nokuyiqabula. Ukuze ibe nokuhlakanipha kokugwema izihibe zokuphila, ingane idinga nesiyalo sothando. Umzali ubonisa uthando oluqotho ‘ngokuyiyala ngesineke.’—IzAga 13:1, 24; 22:6.
15. Yini ebonisa isidingo sesiyalo sabazali?
15 Ukubaluleka kwesiyalo sabazali kubonakala endleleni umeluleki wesikole esithile achaza ngayo izingane eziza ehhovisi lakhe: “Ziyadabukisa, zicindezelekile, futhi zikhungathekile. Ziyakhala lapho zichaza isimo sezinto. Eziningi—eziningi ngaphezu kokuba umuntu engacabanga—ziye zazama ukuzibulala, hhayi ngoba zijabule ngokweqile; kungoba zizizwa zingajabule, zinganakiwe, zicindezeleke kakhulu ngenxa yokuthi nakuba zizincane kangako ‘zinomthwalo wokuphatha’ futhi ungaphezu kwamandla azo.” Wanezela: “Kuyinto esabekayo kumuntu osemusha ukuzizwa enomthwalo wokuqondisa izinto.” Yiqiniso, izingane zingase zingasithandi isiyalo, kodwa eqinisweni ziyazazisa iziqondiso nemithetho yabazali. Ziyakujabulela ukuthi abazali bazo bazinakekela kangangokuba bazibekela imingcele. “Kuye kwangithula umthwalo omkhulu engqondweni,” kusho othile oweve eshumini nambili obazali bakhe bakwenza lokho.
16. (a) Kwenzekani kwezinye izingane ezikhulele emakhaya amaKristu? (b) Kungani inkambo yokuduka yengane ingase ingasho ukuthi ukuqeqesha kwabazali kwakungekuhle?
16 Nokho, naphezu kokuba nabazali abayithandayo nabayiqeqesha kahle, enye intsha, njengendodana esaphazayo yomfanekiso kaJesu, iyakulahla ukuqondisa kwabazali futhi iphambuke. (Luka 15:11-16) Nokho, lokho ngokwako kungase kungasho ukuthi abazali abazange bawufeze umthwalo wabo wemfanelo wokuqeqesha ingane yabo ngendlela efanele, njengoba izAga 22:6 zisho. Lenkulumo ethi ‘qeqesha umntwana ngendlela eyoba ngeyakhe futhi angasuki kuyo’ yanikezwa njengento evamile. Ngokudabukisayo, njengendodana esaphazayo, ezinye izingane ‘ziyokudelela ukulalela umzali.’—IzAga 30:17.
17. Yini engaduduza abazali bezingane eziphambukayo?
17 Uyise wendodana ethile eyaphambuka wabubula: “Ngizame kaninginingi ukufinyelela inhliziyo yakhe. Angazi ukuthi ngenzeni ngoba sengizame okuningi. Kunhlanga zimuka nomoya.” Sethemba ukuthi, ekugcineni, izingane ezinjalo eziphambukayo ziyokukhumbula ukuqeqesha kothando ezakuthola futhi zibuye njengoba kwenza indodana esaphazayo. Nokho, iqiniso liwukuthi ezinye izingane ziyahlubuka futhi zenze ukukhohlakala, kube buhlungu kakhulu kubazali bazo. Abazali bangaduduzwa ukwazi ukuthi ngisho nomfundisi omkhulu kunabo bonke owake waphila emhlabeni wabona umfundi wakhe wesikhathi eside uJuda Iskariyothe emkhaphela. Futhi ngokungangabazeki noJehova uqobo wadabuka lapho amadodana akhe amaningi omoya elahla iseluleko sakhe futhi ehlubuka kungelona iphutha laKhe.—Luka 22:47, 48; IsAmbulo 12:9.
Zingane—Ubani Eniyomjabulisa?
18. Izingane zingabonisa kanjani ukuthi zenza uNkulunkulu eze kuqala?
18 UJehova unxusa nina enisebancane: “Lalelani abazali benu ebunyeni neNkosi.” (Efesu 6:1) Abantu abasha benza uNkulunkulu eze kuqala ngokwenza lokhu. Ningabi yiziwula! IZwi likaNkulunkulu lithi: “Isiwula siyadelela ukulaya kukayise.” Futhi akufanele nanini ngokuqhosha ucabange ukuthi awusidingi isiyalo. Iqiniso liwukuthi “kunesizukulwane esizibona simsulwa, kanti asihlanziwe ekungcoleni kwaso.” (IzAga 15:5; 30:12, American Standard Version) Ngakho lalela isiqondiso saphezulu—“yizwa,” ‘londoloza,’ “ungakhohlwa,” ‘lalela,’ “gcina” “ungawushiyi” umyalo nesiyalo sabazali.—IzAga 1:8; 2:1, NW; 3:1; 4:1; 6:20.
19. (a) Izingane zinaziphi izizathu ezinamandla zokulalela uJehova? (b) Abasebancane bangabonisa kanjani ukuthi bayambonga uNkulunkulu?
19 Unezizathu ezinamandla zokulalela uJehova. Uyakuthanda, futhi unikeze imithetho yakhe, kuhlanganise nomthetho wokuba izingane zilalele abazali bazo, ukuze akuvikele futhi akusize ujabulele ukuphila okujabulisayo. (Isaya 48:17) Futhi uye wanikela ngeNdodana yakhe ukuba ikufele ukuze usindiswe esonweni nasekufeni ujabulele ukuphila okumi phakade. (Johane 3:16) Uyabonga? UNkulunkulu uyabuka esemazulwini, uhlola inhliziyo yakho ukuze abone ukuthi umthanda ngempela yini nokuthi uyawazisa yini amalungiselelo akhe. (IHubo 14:2) NoSathane uyabuka, futhi uklolodela uNkulunkulu, ethi ngeke umlalele. Usuke ujabulisa uSathane futhi ‘udabukisa’ uJehova uma ungamlaleli uNkulunkulu. (IHubo 78:40, 41) UJehova uyakunxusa: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami [ngokungilalela] ukuba ngiphendule ongisolayo.” (IzAga 27:11) Yebo, umbuzo uwukuthi, Ubani oyomjabulisa, uSathane noma uJehova?
20. Othile osemusha uye wasilondoloza kanjani isibindi sokukhonza uJehova ngisho nalapho efikelwa ukwesaba?
20 Akulula ukwenza intando kaNkulunkulu lapho ubhekene nokucindezela okulethwa uSathane nezwe lakhe kuwe. Kungase kwesabise. Omunye osemusha waphawula: “Ukwesaba kunjengokugodola. Kukhona ongakwenza ngakho.” Wachaza: “Uma ugodola, ugqoka ijezi. Uma usagodola, ugqoka elinye. Futhi uyaqhubeka ugqoka okuthile ukugodola kuze kuphele ungabe usagodola. Ngakho ukuthandaza kuJehova lapho wesaba kunjengokugqoka ijezi lapho ugodola. Uma ngemva kokuthandaza kanye ngisesaba, ngiyathandaza futhi, ngiphinde futhi, ngiphinde futhi, kuze kube yilapho ngingasesabi. Kuyaphumelela. Kuye kwangigcina ngingekho ezinkingeni!”
21. UJehova uyosisekela kanjani uma sizama ngempela ukumenza eze kuqala ekuphileni kwethu?
21 Uma sizama ngempela ukwenza uNkulunkulu eze kuqala ekuphileni kwethu, uJehova uyosisekela. Uyosiqinisa, asinike usizo lwezingelosi lapho ludingeka, njengoba nje enza eNdodaneni yakhe. (Mathewu 18:10; Luka 22:43) Nonke nina bazali nezingane yibani nesibindi. Yibani nokwesaba okunjengokukaKristu, kuyonilethela injabulo. (Isaya 11:3) Yebo, “mesabe uNkulunkulu weqiniso futhi ugcine imiyalo yakhe, ngoba lokhu yisibopho esiphelele somuntu.”—UmShumayeli 12:13, NW.
Ungaphendula?
◻ Yimiphi imithwalo yemfanelo abalandeli bakaJesu bokuqala okwakudingeka bayilinganise?
◻ Yimuphi umthwalo wemfanelo abazali abangamaKristu okumelwe bawufeze?
◻ Yiluphi usizo abadala abangamaKristu abanemikhaya abangaluthola?
◻ Iyiphi inkonzo ewusizo odade abangayenza ebandleni?
◻ Yisiphi iseluleko nesiqondiso okubalulekile ukuba izingane zisilalele?
[Isithombe ekhasini 15]
Ngokuvamile owesifazane ovuthiwe ongumKristu anganikeza owesifazane osemusha usizo oludingekayo
[Isithombe ekhasini 17]
Iyiphi induduzo abazali bezingane eziphambukayo abangayithola emiBhalweni?