UJoweli
3 “Ngoba bheka! ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi,
Lapho ngibuyisa abathunjiwe bakwaJuda nabaseJerusalema, +
2 Ngiyoqoqela ndawonye nazo zonke izizwe
Ngiyobahlulela lapho +
Ngenxa yabantu bami nefa lami u-Israyeli,
Ngoba babahlakazela ezizweni,
Bahlukaniselana izwe lami. +
3 Babenzela abantu bami inkatho; +
Babethengisa ngomfana ukuze baqashe isifebe,
Bathengise ngentombazane ukuze bathole iwayini abazoliphuza.
4 Ningayenza kanjani into enje kimi
Nina Thire neSidoni nazo zonke izifunda zaseFilistiya?
Ingabe kukhona eniziphindiselela ngenxa yako?
Uma niziphindiselela kimi
Nami ngizophindisela ngokukhulu ukushesha ngokuvumelana nalokho enikwenzile. +
5 Ngoba nithathe isiliva lami negolide lami, +
Nilethe ingcebo yami enhle kakhulu emathempelini enu;
6 Nidayise ngabantu bakwaJuda nabaseJerusalema kumaGreki +
Ukuze nibasuse nibayise kude nendawo yabo;
7 Manje ngiyabavusa ngibasusa endaweni enabadayisela kuyo, +
Impindiselo ngiyoyiletha phezu kwamakhanda enu.
8 Amadodana enu namadodakazi enu ngizowadayisela abantu bakwaJuda, +
Bona bawadayisele amadoda aseSheba, esizweni esikude kakhulu;
Ngoba uJehova ukukhulumile.
9 Memezelani lokhu phakathi kwezizwe: +
‘Lungelani* impi! Vusani amadoda anamandla!
Wonke amasosha mawasondele ahlasele! +
10 Yenzani amageja enu abe izinkemba nocelemba benu babe imikhonto.*
Obuthakathaka makathi: “Nginamandla.”
11 Wozani nilekelele nonke nina zizwe ezizungezile, qoqanani ndawonye!’ ” +
O Jehova, yehlisela abantu bakho abanamandla* kuleyo ndawo.
12 “Makuvuswe izizwe zikhuphukele eSigodini* SikaJehoshafati;
Ngoba ngiyohlala lapho ukuze ngahlulele zonke izizwe ezizungezile. +
13 Fakani isikela ngoba isivuno sesivuthiwe.
Yehlani nigxobe isikhamo sewayini ngoba sigcwele. +
Imiphongolo iyachichima ngoba ububi bazo buningi kakhulu.
14 Izixuku, izixuku zisesigodini* sesinqumo sokwahlulela,
Ngoba usuku lukaJehova luseduze esigodini* sesinqumo sokwahlulela. +
15 Ilanga nenyanga kuyoba mnyama
Nezinkanyezi ngeke zisakhanya.
16 UJehova uyobhonga eseZiyoni,
Uyophakamisa izwi lakhe eseJerusalema.
Izulu nomhlaba kuyozamazama;
Kodwa uJehova uyoba isiphephelo sabantu bakhe +
Nenqaba yabantu bakwa-Israyeli.
17 Niyokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, ohlala eZiyoni, intaba yami engcwele. +
18 Ngalolo suku izintaba ziyoconsa iwayini elimnandi, +
Kuyogeleza ubisi emagqumeni
Kuyogeleza amanzi kuyo yonke imifudlana yakwaJuda.