Eyokuqala KaPetru
4 Njengoba uKristu ahlupheka enyameni, + nani hlomani ngesimo sengqondo esifanayo;* ngoba umuntu oye wahlupheka enyameni uziyekile izono, + 2 ukuze ngesikhathi sakhe esisele esenyameni, angabe esaphilela izifiso zabantu, + kodwa aphilele intando kaNkulunkulu. + 3 Ngoba sanele isikhathi esidlule enisichithe nenza intando yezizwe + lapho niqhubeka ezenzweni zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo,* inkanuko engalawuleki, ukuphuza ngokweqile, imicimbi* exokozelayo, imicimbi* yokuzitika ngotshwala nokukhonza izithombe okunyanyekayo. *+ 4 Ziyakhungatheka ngenxa yokuthi aniqhubeki nigijima nazo enkambweni efanayo eyonakele yokuzitika ngamanyala, ngakho ziyanihlambalaza. + 5 Kodwa laba bantu bayolandisa kulowo olungele ukwahlulela abaphilayo nabafile. + 6 Eqinisweni, yingakho izindaba ezinhle zamenyezelwa nakwabafile, + ukuze nakuba bahlulelwa ngokwenyama ngokombono wabantu, baphile ngokuvumelana nomoya ngokombono kaNkulunkulu.
7 Kodwa ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho-ke, yibani abahluzekile engqondweni + futhi niphaphamele ukuthandaza. + 8 Ngaphezu kwakho konke, thandanani kakhulu, + ngoba uthando lumboza izono eziningi. + 9 Ngenisanani* ngaphandle kokukhononda. + 10 Ngokwezinga ngamunye amukele ngalo isipho, sisebenziseni ekukhonzaneni njengabaphathi abahle bomusa omkhulu kaNkulunkulu oboniswa ngezindlela ezihlukahlukene. + 11 Uma umuntu ekhuluma, makakhulume njengokungathi ukhuluma amazwi avela kuNkulunkulu; uma umuntu ekhonza, makakhonze njengoncike emandleni anikezwa nguNkulunkulu; + ukuze kukho konke uNkulunkulu akhazinyuliswe + ngoJesu Kristu. Inkazimulo namandla kungokwakhe kuze kube phakade naphakade. Amen.
12 Bathandekayo, lunganimangazi uvivinyo olunjengomlilo enibhekene nalo, + njengokungathi nehlelwa yinto eyinqaba.* 13 Ngokuphambene nalokho, qhubekani nijabula + ngokwezinga enihlanganyela ngalo ezinhluphekweni zikaKristu, + ukuze nithokoze futhi nichichime injabulo naphakathi kokwambulwa kwenkazimulo yakhe. + 14 Uma nihlanjalazwa* ngenxa yegama likaKristu, niyajabula, + ngoba umoya wenkazimulo, yebo, umoya kaNkulunkulu, uhlezi phezu kwenu.
15 Nokho, makungabikho noyedwa kini ohlupheka ngoba engumbulali noma eyisela noma engumenzi wokubi noma ngoba engugaxekile ezindabeni zabanye abantu. + 16 Kodwa uma noma ubani ehlupheka ngoba engumKristu, makangabi namahloni, + kodwa makaqhubeke ekhazimulisa uNkulunkulu njengoba ebizwa ngaleli gama. 17 Ngoba lesi yisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu. + Manje uma kuqala ngathi kuqala, + kuyokwenzekani kulabo abangazilaleli izindaba ezinhle zikaNkulunkulu? + 18 “Futhi uma umuntu olungile esindiswa kanzima, kuyokwenzekani ngomuntu ongamhloniphi uNkulunkulu nesoni?” + 19 Ngakho-ke, labo abahlupheka ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu mabaqhubeke bezibeka kuMdali othembekile kuyilapho benza okuhle. +