UZakariya
12 Isimemezelo:
“Leli yizwi likaJehova ngokuphathelene no-Israyeli,” kusho uJehova,
Yena owelula amazulu, +
Wabeka isisekelo somhlaba, +
Owadala umoya womuntu ngaphakathi kuye.
2 “Bheka ngenza iJerusalema libe yindebe* eyenza zonke izizwe ezilizungezile zidiyazele; uJuda neJerusalema kuyovinjezelwa. + 3 Ngalolo suku ngiyokwenza iJerusalema libe yitshe elisindayo* kuzo zonke izizwe. Bonke abaliqukulayo nakanjani bayolimala kabi; + zonke izizwe zomhlaba ziyobuthana ngokumelene nalo. + 4 Ngalolo suku,” kusho uJehova, “ngiyoshaya wonke amahhashi ngokwethuka nabagibeli bawo ngobuhlanya. Ngiyohlala ngiyibhekile indlu kaJuda, kodwa ngishaye wonke amahhashi ezizwe ngobumpumputhe. 5 Abaholi bakwaJuda bayothi ezinhliziyweni zabo, ‘Abakhile eJerusalema bangamandla kimi ngenxa kaJehova wamabutho uNkulunkulu wabo.’ + 6 Ngalolo suku ngiyokwenza abaholi bakwaJuda babe njengomlilo* phakathi kwezinkuni nanjengesibani esivuthayo ezithungwini zokudla okusanhlamvu okuvuniwe, + bayoshwabadela zonke izizwe ezingasesandleni sokudla nezingakwesobunxele nxazonke; + iJerusalema lizophinde libe nabantu endaweni yalo,* eJerusalema. +
7 “UJehova uyoqale asindise amatende kaJuda, ukuze ubuhle* bendlu kaDavide nobuhle* bezakhamuzi zaseJerusalema bungabi bukhulu kakhulu phezu kukaJuda. 8 Ngalolo suku uJehova uyoba yisivikelo nxazonke zabakhile eJerusalema; + okhubekayo* phakathi kwabo uyoba njengoDavide ngalolo suku, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ehamba phambi kwabo. + 9 Ngalolo suku ngiyoqiniseka ukuthi ngiyazibhuqa zonke izizwe ezihlasela iJerusalema. +
10 “Endlini kaDavide nasezakhamuzini zaseJerusalema ngiyothululela umoya womusa nowokuncenga, bayombheka lowo abamgwaza, + bayomkhalela njengoba bengakhalela indodana okuwukuphela kwayo; bayomlilela kalusizi njengoba bengalilela indodana eyizibulo. 11 Ngalolo suku isililo eJerusalema siyoba sikhulu, njengesililo saseHadadirimoni eThafeni LaseMegido. + 12 Izwe liyolila, umndeni ngamunye; umndeni wendlu kaDavide ngawodwana, nabesifazane bawo ngabodwana; umndeni wendlu kaNathani + ngawodwana, nabesifazane bawo ngabodwana; 13 umndeni wendlu kaLevi + ngawodwana, nabesifazane bawo ngabodwana; umndeni wamaShimeyi + ngawodwana, nabesifazane bawo ngabodwana; 14 nayo yonke imindeni esele, yilowo nalowo mndeni ngawodwana, nabesifazane bayo ngabodwana.