UDaniyeli
7 Ngonyaka wokuqala wokubusa kukaBhelishazari + inkosi yaseBhabhiloni, uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe njengoba elele embhedeni wakhe. + Ngakho walibhala phansi leli phupho; + wazibhala zonke izindaba. 2 UDaniyeli wathi:
“Ngangibhekile emibonweni yami ebusuku, bheka! imimoya emine yamazulu yayinyakazisa ulwandle olukhulu. + 3 Izilo ezine ezinkulu + zaphuma olwandle, ngasinye sihlukile kwezinye.
4 “Esokuqala sasifana nebhubesi, + sinamaphiko okhozi. + Ngabuka aze ahluthwa amaphiko aso, saphakanyiswa emhlabeni samiswa ngezinyawo ezimbili njengomuntu, sanikwa inhliziyo yomuntu.
5 “Bheka! Esinye isilo sesibili sasifana nebhere. + Olunye uhlangothi lwaso lwaphakanyiswa, kwakukhona izimbambo ezintathu emlonyeni waso sizibambe ngamazinyo; kwathiwa kuso, ‘Sukuma udle inyama eningi.’ +
6 “Ngemva kwalokhu ngaqhubeka ngibuka, bheka! esinye isilo, esifana nengwe, + emhlane waso sasinamaphiko amane afana nawenyoni. Lesi silo sasinamakhanda amane, + sanikwa igunya lokubusa.
7 “Ngemva kwalokhu ngaqhubeka ngibhekile emibonweni yasebusuku, ngabona isilo sesine, esasesabeka, sethusa futhi sinamandla ngokungajwayelekile, sasinamazinyo amakhulu ensimbi. Sasishwabadela siphihliza, okusele sasikunyathela ngezinyawo. + Sasihlukile kwezinye izilo ezazingaphambi kwaso, sasinezimpondo eziyishumi. 8 Njengoba ngibuka lezi zimpondo, kwavela olunye uphondo phakathi kwazo, oluncane, + izimpondo ezintathu zokuqala zabhonculwa lapho luvela. Lolu phondo lwalunamehlo afana namehlo omuntu, lunomlomo okhuluma ngokuqhosha. *+
9 “Ngaqhubeka ngibuka kwaze kwabekwa izihlalo zobukhosi, oMdala Wezinsuku + wahlala phansi. + Izingubo zakhe zazimhlophe njengeqhwa, + izinwele zekhanda lakhe zazinjengoboya obuhlanzekile. Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo; amasondo aso ayengumlilo ovuthayo. + 10 Umfudlana womlilo wawugeleza uphuma phambi kwakhe. + Izinkulungwane eziyinkulungwane zazilokhu zimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi eziphindwe kazinkulungwane eziyishumi zazimi phambi kwakhe. + INkantolo + yahlala, kwavulwa izincwadi.
11 “Ngaqhubeka ngibhekile ngaleso sikhathi ngenxa yomsindo wamazwi okuqhosha* uphondo olwaluwakhuluma; + ngabuka saze sabulawa lesi silo, isidumbu saso sabhujiswa sashiswa emlilweni. 12 Kodwa zonke ezinye izilo, + ukubusa kwazo kwasuswa, futhi ukuphila kwazo kwelulwa isikhathi nenkathi.
13 “Ngaqhubeka ngibhekile emibonweni yasebusuku, futhi bheka! kwakuza kanye namafu amazulu, othile onjengendodana yomuntu; + wathola ilungelo lokungena koMdala Wezinsuku, + bamsondeza phambi kwaKhe. 14 Wanikwa ubukhosi, + udumo + nombuso, ukuze abantu, izizwe nezilimi zimkhonze. + Ubukhosi bakhe bungubukhosi obumi kuze kube phakade obungayikudlula, nombuso wakhe awusoze wachithwa. +
15 “Kodwa mina, Daniyeli, ngangicindezelekile* ngenxa yokuthi imibono yekhanda lami yangethusa. + 16 Ngasondela komunye walabo ababemi lapho ukuze ngimbuze ukuthi kwakusho ukuthini ngempela lokhu. Ngakho wangiphendula wangitshela incazelo yalezi zinto.
17 “ ‘Lezi zilo ezinkulu ezine, + zingamakhosi amane ayoma emhlabeni. + 18 Kodwa abangcwele boPhezukonke + bayokwamukela umbuso, + bayodla ifa lombuso + kuze kube phakade, yebo kuze kube phakade.’
19 “Ngabe sengifisa ukwazi kabanzi ngalesi silo sesine, esasihlukile kuzo zonke ezinye; sasesabeka ngendlela engavamile, sinamazinyo ensimbi namazipho ethusi, sasishwabadela siphihliza, okwakusele sasikunyathela ngezinyawo zaso; + 20 nangezimpondo eziyishumi + ezazisekhanda laso, nangalolu olunye uphondo olwavela futhi okwawa ezintathu phambi kwalo, + uphondo olwalunamehlo nomlomo owawukhuluma ngokuqhosha* nolwalubonakala lulukhulu kunezinye.
21 “Ngaqhubeka ngibuka njengoba lolo phondo lulwa nabangcwele futhi lwalubanqoba, + 22 kwaze kwaba yilapho oMdala Wezinsuku + efika, ekhipha isahlulelo esivuna abangcwele boPhezukonke, + futhi kufika nesikhathi esibekiwe sokuba abangcwele badle ifa lombuso. +
23 “Yilokhu akusho: ‘Isilo sesine siyoba umbuso wesine oyoba khona emhlabeni. Uyohluka kuyo yonke eminye imibuso, uyoshwabadela wonke umhlaba, uwunyathele uwuphihlize. + 24 Ngokuqondene nezimpondo eziyishumi, kuyovela amakhosi ayishumi kulowo mbuso; kuphinde kuvele enye ngemva kwawo, yona iyohluka kwawokuqala, iyowahlaza amakhosi amathathu. + 25 Iyokhuluma amazwi amelene noPhezukonke, + iyobakhathaza ngokuqhubekayo abangcwele boPhezukonke. Iyohlosa ukushintsha izikhathi nomthetho, bayonikelwa esandleni sayo isikhathi, nezikhathi nengxenye yesikhathi. *+ 26 Kodwa iNkantolo yahlala, ekugcineni basuswa ubukhosi bayo, ukuze ibhuqwe futhi ibhujiswe ngokuphelele. +
27 “ ‘Umbuso nobukhosi nobukhulu bemibuso engaphansi kwawo wonke amazulu kwanikwa abantu abangcwele boPhezukonke. + Umbuso wabo ungumbuso omi kuze kube phakade, + yonke imibuso iyobakhonza futhi ibalalele.’
28 “Le ndaba iphelela lapha. Mina, Daniyeli, imicabango yami yangethusa kakhulu, kangangokuba ubuso bami baphaphatheka;* kodwa le ndaba ngayigcina enhliziyweni yami.”