U-Isaya
60 “Vuka wena wesifazane, + khanyisa ngoba ukukhanya kwakho kufikile.
Inkazimulo kaJehova iyakhanya phezu kwakho. +
2 Ngoba bheka, ubumnyama buyomboza umhlaba
Nobumnyama obukhulu bumboze izizwe;
Kodwa uJehova uyokhanya phezu kwakho,
Inkazimulo yakhe iyobonakala kuwe.
4 Phakamisa amehlo akho uqalaze nxazonke!
Bonke baqoqene; beza kuwe.
5 Ngaleso sikhathi uyobona uqhakaze, +
Inhliziyo yakho iyothokoza igcwale injabulo,
Ngoba ingcebo yasolwandle iyoqondiswa kuwe;
Umnotho wezizwe uyoza kuwe. +
6 Amakamela amaningi ayomboza izwe lakho,*
Amakamela angamaduna asemancane akwaMidiyani nawase-Efa. +
Bonke abantu baseSheba—bayofika;
Bayobe bethwele igolide nempepho.
Bayomdumisa obala uJehova. +
7 Yonke imihlambi yaseKhedari + iyoqoqanela kuwe.
Izinqama zaseNebhayoti + ziyokukhonza.
8 Obani laba abeza bendiza njengamafu,
Njengamajuba eya ezidlekeni zawo?
9 Iziqhingi ziyothembela kimi; +
Imikhumbi yaseTharishishi ihamba phambili,*
Iletha amadodana akho evela kude, +
Kanye nesiliva negolide lawo,
Egameni likaJehova uNkulunkulu wakho nakoNgcwele ka-Israyeli,
10 Abezinye izizwe bayokwakha izindonga zakho,
Namakhosi abo akukhonze, +
Ngoba ngakushaya ngithukuthele,
Kodwa ngomusa wami ngiyokubonisa isihe. +
11 Amasango akho ayohlala evulekile; +
Ngeke avalwe emini noma ebusuku,
Ukuze akungenisele umnotho wezizwe,
Amakhosi azo ayobe ehola. +
12 Ngoba noma yisiphi isizwe nanoma yimuphi umbuso ongeke ukukhonze uyoshabalala,
Nezizwe ziyobhuqwa ngokuphelele. +
13 Inkazimulo yeLebhanoni iyoza kuwe, +
Isihlahla somjunipha, esomthidari nesomsayipuresi kanye kanye, +
Ukuze kuyenze ibe yinhle indawo yami engcwele;
Ngizoyikhazimulisa indawo yezinyawo zami. +
14 Amadodana alabo ababekucindezela ayoza akhothame phambi kwakho;
Bonke abakudelelayo kumele bakhothame ezinyaweni zakho,
Kuyodingeka bakubize ngokuthi uyidolobha likaJehova,
IZiyoni loNgcwele ka-Israyeli. +
15 Esikhundleni sokuba ube ngoshiyiwe nozondwayo, kungekho muntu odabula kuwe, +
Ngiyokwenza ube yinto edunyiswa abantu kuze kube phakade,
Imbangela yokujabula kuzo zonke izizukulwane. +
16 Empeleni uyoncela ubisi lwezizwe, +
Uyoncela ibele lamakhosi; +
Nakanjani uyokwazi ukuthi mina Jehova, nginguMsindisi wakho,
Nokuthi onaMandla kaJakobe unguMhlengi wakho. +
17 Esikhundleni sethusi ngiyoletha igolide,
Esikhundleni sensimbi ngiyoletha isiliva,
Esikhundleni sokhuni, ithusi,
Esikhundleni samatshe, insimbi;
Ngiyomisa ukuthula kube ababonisi bakho
Nokulunga kube ngabakwabela umsebenzi. +
18 Ngeke buphinde buzwakale ubudlova ezweni lakho
Noma ukucekela phansi nokubhidliza ngaphakathi kwemingcele yakho. +
Uyobiza izindonga zakho ngokuthi iNsindiso + namasango akho ngokuthi iNdumiso.
19 Ilanga ngeke lisakukhanyisela emini,
Nenyanga ngeke isakukhanyisela,
Ngoba uJehova uyoba ngukukhanya kwakho kuze kube phakade, +
UNkulunkulu wakho uyoba udumo lwakho. +
20 Ilanga lakho ngeke lisashona,
Nenyanga yakho ngeke isanyamalala,
Ngoba uJehova uyoba ngukukhanya kwakho kuze kube phakade, +
Nezinsuku zakho zokulila ziyobe seziphelile. +
21 Bonke abantu bakho bayoba abalungile;
Izwe liyoba ngelabo kuze kube phakade.
22 Omncane uyoba yinkulungwane
Umuntukazana abe yisizwe esinamandla.
Mina Jehova, ngiyokusheshisa ngesikhathi sako.”