U-Isaya
65 “Ngizibonakalisile kulabo abangazange bangicele;
Ngivume ukuba ngitholwe yilabo abangazange bangifune. +
Ngithe, ‘Nangu mina, nangu mina!’ esizweni esasingalibizi igama lami. +
2 Usuku lonke ngelulele izandla zami esizweni esinenkani, +
Kulabo abahamba ngendlela engalungile, +
Abalandela imicabango yabo; +
3 Isizwe esihlale singicasula ngamabomu, +
Esenza imihlatshelo ezingadini, + sishunqise umusi womhlatshelo phezu kwezitini.
Bachitha ubusuku besezindaweni ezifihlekile,*
Bedla inyama yengulube, +
Nomhluzi wezinto ezingcolile usezitsheni zabo. +
Laba bayintuthu emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.
6 Bheka! Kulotshiwe phambi kwami;
Ngeke ngime ngingenzi lutho,
Kodwa ngizophindisela kubo, +
Ngizophindisela ngesilinganiso esigcwele*
7 Ngenxa yeziphambeko zabo nangenxa yeziphambeko zokhokho babo,” + kusho uJehova.
“Ngenxa yokuthi bashunqise umusi womhlatshelo ezintabeni
Bangihlambalaza emagqumeni, +
Okokuqala ngizobakhokhela ngokugcwele.”*
8 Yilokhu uJehova akushoyo:
“Njengoba nje iwayini elisha litholakala ehlukuzweni lamagilebhisi
Umuntu athi, ‘Ungalichithi ngoba kukhona okuhle* kulo,’
Ngiyokwenza kanjalo ngenxa yezinceku zami;
Ngeke ngizibhubhise zonke. +
KwaJuda ngiveze oyodla ifa lezintaba zami; +
Abakhethiwe bami bayolithatha,
Izinceku zami ziyohlala khona. +
10 ISharoni + liyoba yidlelo lezimvu
ISigodi* Sase-Akori + sibe yindawo okuphumula kuyo izinkomo,
Ngoba abantu bami bayongifuna.
11 Kodwa nina niphakathi kwalabo abamshiyayo uJehova, +
Labo abakhohlwa yintaba yami engcwele, +
Abadekela unkulunkulu weNhlanhla itafula,
Labo abagcwalisela unkulunkulu wokuDalelwa indebe yewayini elixutshiwe.
12 Ngakho ngizoninikela enkembeni, +
Nonke ngothi lwenu niyokhothama ukuze nibulawe, +
Ngoba nganibiza kodwa aniphendulanga,
Ngakhuluma kodwa anilalelanga; +
Naqhubeka nenza okubi emehlweni ami,
Nakhetha okungicasulayo.” +
13 Ngakho-ke yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“Bhekani! Izinceku zami ziyokudla kodwa nina niyolamba. +
Izinceku zami ziyophuza + kodwa nina niyokoma.
Izinceku zami ziyojabula + kodwa nina niyoba namahloni. +
14 Bhekani! Izinceku zami ziyomemeza ngenjabulo ngenxa yokwenama kwenhliziyo,
Kodwa nina niyokhala ngenxa yobuhlungu benhliziyo
Niyolila ngenxa yokuphuka emoyeni.
15 Niyoshiya igama abakhethiwe bami abayolisebenzisa njengesiqalekiso,
INkosi EnguMbusi uJehova iyobulala ngamunye wenu,
Kodwa izinceku zayo iyozibiza ngelinye igama; +
16 Ukuze wonke umuntu ozifunela isibusiso emhlabeni
Abusiswe nguNkulunkulu weqiniso,*
Nanoma ubani ofungayo emhlabeni
17 Ngoba bhekani! Ngidala amazulu amasha nomhlaba omusha; +
Izinto zesikhathi esidlule ngeke zikhunjulwe,
Ngeke zifike nasenhliziyweni. +
18 Ngakho thokozani, nijabule kuze kube phakade ngalokho engikudalayo.
Ngoba ngidala iJerusalema libe yisizathu sokujabula
Nabantu balo babe yisizathu sokuthokoza. +
19 Ngiyojabula ngeJerusalema ngithokoze ngabantu bami; +
Ngeke kuphinde kuzwakale kulo umsindo wokulila noma ukukhala ngenxa yosizi.” +
20 “Ngeke kuphinde kube khona usana oluphila izinsuku ezimbalwa kuleyo ndawo,
Ngeke kusaba nexhegu elisheshe life lingakazigcwalisi izinsuku zalo.
Noma ubani ofa eneminyaka eyikhulu ubudala uyobhekwa njengomfana nje,
Isoni siyofa ngenxa yesiqalekiso nakuba sineminyaka eyikhulu.*
22 Ngeke bakhe bese kuhlala omunye,
Ngeke batshale bese kudla abanye.
Ngoba izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zesihlahla, +
Abakhethiwe bami bayowujabulela ngokugcwele umsebenzi wezandla zabo.
24 Ngisho nangaphambi kokuba bangibize, mina ngiyophendula;
Lapho besakhuluma, mina ngiyozwa.
25 Impisi newundlu kuyodla ndawonye,
Ibhubesi liyodla utshani njengenkomo, +
Ukudla kwenyoka kuyoba uthuli.
Ngeke zilimaze noma zibangele noma iyiphi incithakalo kuyo yonke intaba yami engcwele,” + kusho uJehova.