ElikaDavide, ngesikhathi ezishaya ohlanyayo + phambi kuka-Abhimeleki, waze wamxosha, wahamba.
א [Aleph]
34 Ngizomdumisa uJehova ngazo zonke izikhathi;
Ngeke ngiyeke ukumdumisa.
ב [Beth]
2 Ngizoziqhayisa ngoJehova; +
Abamnene bayozwa bajabule.
ג [Gimel]
3 Dumisani uJehova kanye nami; +
Masiliphakamise kanyekanye igama lakhe.
ד [Daleth]
4 Ngambuza uJehova, wangiphendula. +
Wangikhulula kukho konke engikwesabayo. +
ה [He]
5 Bayajabula labo abathembela kuye;
Ngeke baphoxeke.
ז [Zayin]
6 Lona ohluphekile wakhala, uJehova wezwa.
Wamsindisa kuzo zonke izingcindezi zakhe. +
ח [Heth]
7 Ingelosi kaJehova ivikela labo abamesabayo, +
Iyabakhulula. +
ט [Teth]
8 Nambithani nibone ukuthi uJehova muhle; +
Uyajabula umuntu ophephela kuye.
י [Yod]
9 M̀esabeni uJehova, nonke nina bantu bakhe abangcwele,
Ngoba labo abamesabayo abasweli lutho. +
כ [Kaph]
10 Ngisho namabhubesi asemancane anamandla akhungethwe yindlala,
Kodwa labo abafuna uJehova, ngeke baswele lutho oluhle. +
ל [Lamed]
11 Wozani madodana ami, ngilaleleni;
Ngizonifundisa ukumesaba uJehova. +
מ [Mem]
12 Ngubani phakathi kwenu okujabulelayo ukuphila
Ongathanda ukuphila isikhathi eside ukuze abone izinto ezinhle? +
נ [Nun]
13 Khona-ke qapha ulimi lwakho kokubi, +
Nezindebe zakho ekukhohliseni. +
ס [Samekh]
14 Fulathela okubi, wenze okuhle; +
Funa ukuthula, uzame ukukulondoloza. +
ע [Ayin]
15 Amehlo kaJehova akwabalungile, +
Nezindlebe zakhe ziyalalela lapho bekhalela usizo. +
פ [Pe]
16 Kodwa uJehova umelene nabenza okubi,
Ukuze abenze bangakhunjulwa emhlabeni. +
צ [Tsade]
17 Bakhala, uJehova wezwa; +
Wabakhulula kuzo zonke izingcindezi zabo. +
ק [Qoph]
18 UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; +
Uyabasindisa abadangele. +
ר [Resh]
19 Ziningi izinhlupheko zolungile, +
Kodwa uJehova umkhulula kuzo zonke. +
ש [Shin]
20 Uqapha wonke amathambo akhe;
Akukho nelilodwa lawo eliphuliwe. +
ת [Taw]
21 Inhlekelele iyombulala omubi;
Labo abazonda olungile bayotholakala benecala.
22 UJehova usindisa ukuphila kwezinceku zakhe;
Akekho noyedwa kulabo abaphephela kuye oyotholakala enecala. +