UHezekeli
28 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi: 2 “Ndodana yomuntu, yithi kumholi weThire, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“Ngenxa yokuthi inhliziyo yakho isiyazidla, + ulokhu uthi, ‘Ngingunkulunkulu.
Ngihleli esihlalweni sobukhosi sikankulunkulu emajukujukwini olwandle.’ +
Kodwa ungumuntu nje, awuyena unkulunkulu,
Nakuba enhliziyweni yakho ucabanga ukuthi ungunkulunkulu.
3 Bheka! Uhlakaniphe ukwedlula uDaniyeli. +
Azikho izimfihlo ofihlelwe zona.
4 Uzenze waceba ngokuhlakanipha kwakho nangokuqonda kwakho,
Ulokhu uqongelela igolide nesiliva endaweni yokugcina ingcebo. +
5 Ikhono lakho lokuhweba likulethele ingcebo eningi, +
Inhliziyo yakho yazidla ngenxa yengcebo yakho.” ’
6 “ ‘Ngakho yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“Ngenxa yokuthi enhliziyweni yakho ucabanga ukuthi ungunkulunkulu,
7 Ngikulethela izifiki ukuba zimelane nawe, abantu abanonya kunabo bonke ezizweni, +
Bayohosha izinkemba zabo zimelane nobuhle bokuhlakanipha kwakho
Bangcolise ubukhazikhazi bakho. +
9 Uyoqhubeka yini uthi, ‘Ngingunkulunkulu,’ kulowo okubulalayo?
Uyoba umuntu nje hhayi unkulunkulu esandleni salabo abakungcolisayo.” ’
10 ‘Uyofa njengabangasokile esandleni sezifiki,
Ngoba mina ngikhulumile,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova.”
11 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi: 12 “Ndodana yomuntu, cula ingoma yokulila ngenkosi yaseThire, uthi kuyo, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
13 Wawuse-Edene, insimu kaNkulunkulu.
Wawuhlotshiswe ngazo zonke izinhlobo zamatshe ayigugu
—Irubi, itopazi nejaspi; ikhrisolithe, i-onikisi nejeyidi; isafire, itherkhoyisi + ne-emeraldi;
Izisekelo zawo nezikhoxe zawo kwakuyigolide.
Alungiswa ngosuku owadalwa ngalo.
14 Ngakumisa waba ikherubi eligcotshiwe eliyisivikelo.
Wawusentabeni engcwele kaNkulunkulu, + uhambahamba phakathi kwamatshe avuthayo.
15 Wawungenaphutha ezindleleni zakho kusukela ngosuku owadalwa ngalo
Kwaze kwaba yilapho kutholakala ukungalungi kuwe. +
Ngakho ngizokukhipha njengongcolile entabeni kaNkulunkulu, ngikubhubhise +
Kherubi eliyisivikelo, ngikususe ematsheni omlilo.
17 Inhliziyo yakho yazidla ngenxa yobuhle bakho. +
Wangcolisa ukuhlakanipha kwakho ngenxa yobukhazikhazi bakho. +
Ngizokuphonsa phansi emhlabeni. +
Ngizokwenza umbukwane phambi kwamakhosi.
18 Ngenxa yecala lakho elikhulu nokuhweba kwakho ngokungathembeki, ungcolise izindlu zakho ezingcwele.
Ngizokwenza ukuba kuqubuke umlilo phakathi kwakho, ukushwabadele. +
Ngizokwenza ube umlotha emhlabeni phambi kwabo bonke abakubukayo.
19 Bonke ababekwazi phakathi kwezizwe bayokugqolozela bemangele. +
Isiphetho sakho siyofika kungazelelwe futhi siyonyantisa,
Ngeke usaba khona kuze kube phakade.” ’ ” +
20 Izwi likaJehova laphinde lafika kimi, lithi: 21 “Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho eSidoni, + uprofethe ngokumelene nalo. 22 Kufanele uthi, ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo:
“Bheka ngimelene nawe Sidoni, ngizokhazinyuliswa phakathi kwakho;
Abantu bayokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngilahlulela futhi ngingcweliswa kulo.
23 Ngiyothumela kulo isifo esiwumshayabhuqe negazi liyogobhoza ezitaladini zalo.
Obulewe uyowa phakathi kwalo lapho inkemba imelana nalo nhlangothi zonke;
Bayokwazi ukuthi nginguJehova. +
24 “ ‘ “Indlu ka-Israyeli ngeke isazungezwa izinto ezilimazayo nameva ahlabayo, + labo ababenza inhlekisa; abantu bayokwazi ukuthi ngiyiNkosi EnguMbusi uJehova.” ’
25 “ ‘Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova ekushoyo: “Lapho ngiphinde ngiqoqela ndawonye indlu ka-Israyeli ngiyisusa ezizweni ehlakazelwe kuzo, + ngizongcweliswa phakathi kwayo emehlweni ezizwe. + Bayohlala ezweni labo + engalinika inceku yami uJakobe. + 26 Bayohlala kulo belondekile, + bakhe izindlu batshale amasimu amagilebhisi, + bayohlala ngokulondeka lapho ngikhipha isahlulelo kubo bonke ababazungezile ababenza inhlekisa; + bayokwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo.” ’ ”