uJobe
38 Ngemva kwalokho uJehova waphendula uJobe esivunguvungwini wathi: +
4 Wawukuphi lapho ngakha isisekelo somhlaba? +
Ngitshele uma ucabanga ukuthi uyaqonda.
5 Ubani owakala izilinganiso zawo, uma kuwukuthi uyazi,
Noma, owelulela kuwo intambo yokukala?
6 Zambelwa kuphi izisekelo zawo,
Ubani owabeka itshe lawo legumbi, *+
7 Lapho izinkanyezi zasekuseni + zikhamuluka kanyekanye ngenjabulo,
Nawo wonke amadodana kaNkulunkulu *+ eqala ukumemeza ehalalisa?
8 Futhi ubani owavimba ulwandle ngezicabha +
Lapho luphulukundlela njengokungathi luphuma esibelethweni,
9 Lapho ngilwembathisa amafu
Ngilusonga ngamafu amnyama,
10 Lapho ngilubekela umkhawulo
Ngibeka imigoqo nezicabha zalo endaweni efanele, +
11 Ngathi kulo, ‘Ungahamba ugcine lapha, ungadluleli phambili;
Amagagasi akho agubhayo azogcina lapha’? +
12 Wake* wakuyala yini wena ukusa
Noma wenza ukuntwela kokusa kwazi indawo yako, +
13 Uwena yini owatshela ukukhanya kwasekuseni ukuba kuye emaphethelweni omhlaba
Kuxoshe ababi? +
14 Umhlaba uyaguqulwa njengobumba ngaphansi kophawu,
Nokubukeka kwawo kuyaphawuleka njengokwezingubo.
15 Kodwa ababi bagodlelwa ukukhanya
Nengalo yabo ephakeme iphukile.
18 Ukuqondile yini ukuthi mkhulu kangakanani umhlaba? +
Ngitshele uma ukwazi konke lokhu.
19 Ukukhanya kuhlala kuyiphi indawo? +
Indawo yobumnyama yona ikuphi,
20 Ukuba ukuthathe ukuyise endaweni yako
Nokuba uqonde izindlela eziya emzini wako?
22 Ungenile yini ezinqolobaneni zeqhwa, +
Noma uzibonile yini izinqolobane zesichotho, +
23 Engizigcinele isikhathi sosizi,
Usuku lokulwa nolwempi? +
25 Ubani ovule umgudu wesikhukhula
Wenza nendlela yefu lesiphepho esihambisana nokuduma, +
26 Ukuze imvula ine lapho kungahlali muntu khona,
Ehlane lapho kungekho bantu khona, +
27 Ukuze anise imvula ezindaweni ezinesomiso
Abangele nokuba utshani buhlume? +
29 Iqhwa laphuma esibelethweni sikabani,
Isithwathwa sezulu sona sazalwa ubani +
30 Lapho amanzi embozwe njengokungathi ambozwe ngetshe,
Namanzi ajulile eyiqhwa? +
31 Ungazibopha yini izibopho zeqoqo lezinkanyezi iKhima
Noma uthukulule izintambo zeqoqo lezinkanyezi iKhesili? +
32 Ungalihola yini iqoqo lezinkanyezi* ngesikhathi salo
Noma uqondise iqoqo lezinkanyezi i-Ashi kanye namadodana alo?
35 Ungayithumela yini imibani?
Iyoza yini kuwe ithi, ‘Silapha!’
36 Ubani owafaka ukuhlakanipha emafwini *+
Noma owanika izinto ezinhle ezisesibhakabhakeni* ukuqonda? +
37 Ubani ohlakaniphe kangangokuba angabala amafu,
Noma ongatshekisa izimbiza zamanzi zezulu +
38 Lapho uthuli luphenduka isigaxa
Namagabade omhlaba enamathelana?