AbaHluleli
13 Ama-Israyeli aphinde enza okubi emehlweni kaJehova, + ngakho uJehova wawanikela esandleni samaFilisti + iminyaka engu-40.
2 Phakathi naleso sikhathi, kwakunomuntu waseZora + womndeni wakwaDani, + ogama lakhe kwakunguManowa. + Umkakhe wayeyinyumba engenamntwana. + 3 Ngemva kwesikhathi ingelosi kaJehova yafika kulona wesifazane yathi kuye: “Uyinyumba, awunamntwana. Kodwa uzokhulelwa uzale indodana. + 4 Manje qaphela ukuba ungaliphuzi iwayini noma utshwala, + ungadli lutho olungcolile. + 5 Ngoba uzokhulelwa uzale indodana, akufanele nhlobo igunde ekhanda, + ngoba lo mntwana uyoba umNaziri kaNkulunkulu kusukela ezalwa,* nguye oyohola ekusindiseni u-Israyeli esandleni samaFilisti.” +
6 Lona wesifazane wahamba wayobikela umyeni wakhe wathi: “Kufike umuntu kaNkulunkulu weqiniso kimi, ubebukeka njengengelosi kaNkulunkulu weqiniso, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, kanti naye akangitshelanga igama lakhe. + 7 Kodwa uthe kimi, ‘Uzokhulelwa, uzale indodana. Manje ungaliphuzi iwayini noma utshwala, ungadli lutho olungcolile, ngoba lowo mntwana uyoba umNaziri kaNkulunkulu kusukela ezalwa* kuze kube sekufeni kwakhe.’ ”
8 UManowa wancenga uJehova wathi: “Uxolo, Jehova. Ngicela umuntu kaNkulunkulu weqiniso osanda kumthumela aphinde abuye azosifundisa lokho okufanele sikwenze kumntwana ozozalwa.” 9 Ngakho uNkulunkulu weqiniso wamlalela uManowa, ingelosi kaNkulunkulu weqiniso yaphinde yafika kowesifazane ngesikhathi ehlezi ensimini, uManowa umyeni wakhe engekho. 10 Ngokushesha owesifazane wagijima wayotshela umyeni wakhe wathi: “Bheka! Lowaya muntu owayefike kimi ngaloluya suku ubuyile.” +
11 UManowa wasukuma wahamba nomkakhe. Wafika kulo muntu wathi kuye: “Ingabe nguwe lo muntu owakhuluma nomkami?” Yena wathi: “Nginguye.” 12 UManowa wathi: “Kwangathi amazwi akho angagcwaliseka! Uyophila kanjani lo mntwana, uyokwenza msebenzi muni?” + 13 Ngakho ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Umkakho kufanele akugweme konke engimxwayise ngakho. + 14 Akufanele adle lutho olwenziwe ngamagilebhisi, akufanele aphuze iwayini noma utshwala, + angadli lutho olungcolile. + Makakugcine konke engimyale ngakho.”
15 UManowa wabe esethi engelosini kaJehova: “Sicela uhlale sikulungisele izinyane lembuzi.” + 16 Kodwa ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Uma ngihlala, ngeke ngikudle ukudla kwakho; kodwa uma ufisa ukunikela umnikelo oshiswayo kuJehova, ungawunikela.” UManowa wayengazi ukuthi yingelosi kaJehova. 17 UManowa wathi engelosini kaJehova: “Ungubani igama lakho, + ukuze sikudumise lapho izwi lakho ligcwaliseka?” 18 Nokho, ingelosi kaJehova yathi kuye: “Ulibuzelani igama lami, njengoba kuyigama elimangalisayo?”
19 UManowa wathatha imbuzi esencane nomnikelo wokudla okusanhlamvu wakunikela kuJehova phezu kwedwala. Yena* wayenza okuthile okumangalisayo uManowa nomkakhe bebukele. 20 Njengoba ilangabi lenyukela ngasezulwini lisuka e-altare, ingelosi kaJehova yenyuka elangabini elalisuka e-altare uManowa nomkakhe bebukele. Ngaso leso sikhathi bawa ngobuso phansi emhlabathini. 21 Ingelosi kaJehova ayizange iphinde ibonakale kuManowa nomkakhe. Khona-ke uManowa wabona ukuthi kwakuyingelosi kaJehova. + 22 UManowa wathi kumkakhe: “Nakanjani sizofa, ngoba uNkulunkulu lo esimbonile.” + 23 Kodwa umkakhe wathi kuye: “Ukube uJehova ubefuna ukusibulala, ubengeke awamukele umnikelo oshiswayo + nomnikelo wokudla okusanhlamvu esandleni sethu, ubengeke asibonise zonke lezi zinto, futhi ubengeke asitshele zonke lezi zinto.”
24 Kamuva lona wesifazane wazala indodana wayiqamba ngokuthi uSamsoni; + njengoba umfana ayekhula, uJehova waqhubeka embusisa. 25 Ngemva kwesikhathi umoya kaJehova waqala ukusebenza kuye + eMahane-dani, + phakathi kweZora ne-Eshitawoli. +