UNehemiya
2 Ngenyanga kaNisani,* ngonyaka ka-20 + weNkosi u-Aritahishashita, + kwakubekwe iwayini phambi kwenkosi, futhi njengokujwayelekile ngalithatha ngayinika lona. + Kodwa ngangingakaze ngibhocobale phambi kwayo. 2 Ngakho inkosi yathi kimi: “Kungani ubhocobele ube ungaguli? Lokhu kumane kusho ukukhathazeka kwenhliziyo.” Ngethuka kakhulu lapho isho lokho.
3 Ngathi enkosini: “Mana njalo nkosi! Ngingahlala kanjani ngingabhocobali lapho idolobha lakithi, indawo okungcwatshwe kuyo okhokho bami, liyincithakalo, namasango alo eshiswe ngumlilo?” + 4 Inkosi yathi kimi: “Yini ofuna yenziwe?” Ngaso leso sikhathi ngathandaza kuNkulunkulu wamazulu. + 5 Ngemva kwalokho ngathi enkosini: “Uma kukuhle enkosini futhi uma ungayibonisa umusa inceku yakho, ngicela ungivumele ngiye kwaJuda, edolobheni okungcwatshwe kulo okhokho bami, ukuze ngiyolakha kabusha.” + 6 Khona-ke inkosi, kuhlezi indlovukazi* eceleni kwayo, yathi kimi: “Luzothatha isikhathi eside kangakanani uhambo lwakho, uzobuya nini?” Ngakho inkosi yangivumela ukuba ngihambe + lapho ngiyitshela isikhathi engizobuya ngaso. +
7 Ngabe sengithi enkosini: “Uma kukuhle enkosini, manginikwe izincwadi eziya kubabusi abangaPhesheya Komfula, *+ ukuze bangivumele ngidlule ngize ngifike kwaJuda, 8 nencwadi eya ku-Asafa umgcini weHlathi Lasebukhosini,* ukuze anginike izingodo zokwakha amasango eSakhiwo Esiqinile + esincikene neThempeli nezokwakha izindonga zokubiyela idolobha + kanye nendlu engizohlala kuyo.” Ngakho inkosi yanginika zona, + ngoba uNkulunkulu wami wayenami. *+
9 Ekugcineni ngafika kubabusi bangaPhesheya Komfula ngabanika izincwadi ezivela enkosini. Ngaphezu kwalokho, inkosi yayala izinduna zebutho lempi nabagibeli bamahhashi ukuba bahambe nami. 10 Lapho uSanibhalati + umHoroni noThobiya + isikhulu* esingumAmoni + bezwa ngakho, bacasuka kakhulu ngokuthi kwakunomuntu ozokwenzela ama-Israyeli into enhle.
11 Ekugcineni ngafika eJerusalema, ngahlala khona izinsuku ezintathu. 12 Ngavuka ebusuku, mina kanye nedlanzana lamadoda, futhi angikutshelanga muntu lokho uNkulunkulu wami ayekufake enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema, futhi angithathanga silwane ngaphandle kwembongolo engangiyigibele. 13 Ngaphuma ngeSango Lesigodi + ebusuku, ngadlula phambi koMthombo Wenyoka Enkulu ngaya eSangweni Lezindunduma Zomlotha + futhi ngahlola izindonga zeJerusalema ezazibhidlikile namasango alo ayedliwe umlilo. + 14 Ngadlula ngaya eSangweni Lesiphethu + naseChibini Lenkosi, yayingekho indawo okwakungadlula kuyo imbongolo engangiyigibele. 15 Ngakho ngaqhubeka ngenyuka ngomhosha *+ ebusuku, ngilokhu ngihlola udonga, ngemva kwalokho ngabuyela ekhaya ngangena ngeSango Lesigodi.
16 Izinduna + zazingazi ukuthi ngiyephi nokuthi ngenzani, ngoba ngangingakawatsheli lutho amaJuda, abapristi, izicukuthwane, izinduna nazo zonke ezinye izisebenzi. 17 Ekugcineni ngathi kubo: “Niyalubona usizi esibhekene nalo; iJerusalema liyincithakalo namasango alo ashiswe ngomlilo. Wozani sakhe kabusha izindonga zeJerusalema, ukuze sisuse leli hlazo.” 18 Ngabatshela ngendlela uNkulunkulu wami angisekela ngayo *+ nangalokho inkosi eyakusho kimi. + Bathi: “Masisukumeni sakhe.” Ngakho baqinisana* ukuze benze lo msebenzi omuhle. +
19 Manje lapho uSanibhalati umHoroni, uThobiya + isikhulu* esingumAmoni + noGeshemi wase-Arabhiya + bezwa ngalokhu, basihleka usulu + futhi basidelela bathi: “Nizama ukwenzani? Ingabe nivukela inkosi?” + 20 Ngabaphendula ngathi: “UNkulunkulu wamazulu nguye ozosisiza siphumelele, + futhi thina zinceku zakhe sizosukuma sakhe; kodwa nina aninangxenye, nasabelo nalutho eniyokhunjulwa ngalo* eJerusalema.” +