KumaHebheru
9 Isivumelwano esidala sona sasinezimfuneko ezingokomthetho zenkonzo engcwele nendawo yaso engcwele + esemhlabeni. 2 Ngoba kwakhiwa igumbi lokuqala letende okwakukhona kulo uthi lwesibani + netafula nezinkwa zokubukwa; + futhi libizwa ngokuthi iNdawo Engcwele. + 3 Kodwa ngemva kwekhethini lesibili + kwakukhona igumbi letende elibizwa ngokuthi iNgcwelengcwele. + 4 Lona lalinomcengezi wegolide wokushisa impepho + nomphongolo wesivumelwano + onanyekwe ngegolide nxazonke, + okwakukhona kuwo imbiza yegolide eyayinemana + kanye nenduku ka-Aroni eyahluma imiqumbe + kanye namatshe ayizicaba + esivumelwano; 5 ngaphezu kwawo kwakukhona amakherubi akhazimulayo amboze isivalo sesihlawulelo. *+ Kodwa manje akusona isikhathi sokukhuluma ngokuningiliziwe ngalezi zinto.
6 Ngemva kokuba lezi zinto sezakhiwe ngale ndlela, abapristi babengena egumbini lokuqala letende njalo ukuze benze izinkonzo ezingcwele; + 7 kodwa umpristi ophakeme wayengena yedwa egumbini lesibili kanye ngonyaka, + nokho wayengenakungena ngaphandle kwegazi, + alinikela ngenxa yakhe + nangenxa yezono ezazenziwe abantu + ngokungazi. 8 Kanjalo umoya ongcwele ukwenza kucace ukuthi indlela engena endaweni engcwele yayingakambulwa ngesikhathi itende lokuqala limile. + 9 Leli tende liwumfanekiso wesikhathi samanje, + futhi ngokwaleli lungiselelo, kunikelwa izipho kanye nemihlatshelo. + Nokho, lokhu akukwazi ukwenza unembeza womuntu owenza inkonzo engcwele uphelele. + 10 Kuphathelene kuphela nokudla neziphuzo nokuzihlanza ngokwesiko* okuhlukahlukene. + Kwakuyizimfuneko ezingokomthetho eziphathelene nomzimba + futhi zabekwa kwaze kwaba isikhathi esimisiwe sokuqondisa izinto.
11 Nokho, lapho uKristu efika njengompristi ophakeme wezinto ezinhle ezase zenzekile, wadabula etendeni elikhulu neliphelele ngokwengeziwe elingenziwanga ngezandla, okuwukuthi, elingelona elale ndalo.* 12 Akangenanga endaweni engcwele negazi lezimbuzi nelamathole eduna, kodwa wangena negazi lakhe, + kwaba kanye kuphela futhi wasitholela ukukhululwa* okuphakade. + 13 Ngoba uma igazi lezimbuzi nelezinkunzi + nomlotha wesithole* ofafazwa kulabo abangcolisiwe kungcwelisa ukuze kuhlanzeke inyama, + 14 igazi likaKristu, + owathi ngomoya waphakade wazinikela engenasici kuNkulunkulu, liyobahlanza kakhulu kangakanani onembeza bethu emisebenzini efile + ukuze sinikele inkonzo engcwele kuNkulunkulu ophilayo? +
15 Yingakho engumlamuleli wesivumelwano esisha, + ukuze labo ababiziwe bamukele isithembiso sefa eliphakade + ngenxa yokuthi eye wafa ukuze ngesihlengo + bakhululwe eziphambekweni zabo ngaphansi kwesivumelwano esidala. 16 Ngoba lapho kukhona khona isivumelwano, kudingeka afe umenzi wesivumelwano ongumuntu, 17 ngoba isivumelwano sisebenza ngokufa, njengoba singasebenzi uma nje umenzi wesivumelwano ongumuntu esaphila. 18 Ngenxa yalokho, nesivumelwano esidala asisebenzanga* ngaphandle kwegazi. 19 Ngoba lapho uMose esetshele bonke abantu yonke imiyalo yoMthetho, wathatha igazi lamathole eduna nelezimbuzi, kanye namanzi, uboya obubomvu nehisopi wafafaza incwadi* nabantu bonke, 20 wathi: “Leli yigazi lesivumelwano uNkulunkulu aniyale ukuba nisigcine.” + 21 Ngokufanayo wafafaza itende nazo zonke izitsha zenkonzo engcwele* ngegazi. + 22 Yebo, cishe zonke izinto zihlanzwa ngegazi ngokoMthetho, + futhi ngaphandle kokuba kuthululwe igazi akukho ukuthethelelwa okuba khona. +
23 Ngakho-ke, kwakudingekile ukuba imifuziselo yezinto + ezisezulwini ihlanzwe ngalezi zindlela, + kodwa izinto zasezulwini zidinga okungcono kakhulu kunemihlatshelo. 24 UKristu akangenanga endaweni engcwele eyenziwe ngezandla, + engumfanekiso wokungokoqobo, + kodwa wangena ezulwini ngokwalo, + ukuze abonakale phambi* kukaNkulunkulu ngenxa yethu. + 25 Lokhu akwenzelwanga ukuba azinikele kaningi, njengalapho umpristi ophakeme engena endaweni engcwele unyaka nonyaka + negazi okungelona elakhe. 26 Ukube kwakunjalo, kwakuyomelwe ahlupheke kaningi kusukela ekusungulweni kwezwe. Kodwa manje uzibonakalise kwaba kanye kuphela esiphelweni sezimiso zezinto* ukuze asuse isono ngomhlatshelo wakhe. + 27 Futhi njengoba nje abantu bemiselwe ukuba bafe kube kanye kuphela, kodwa ngemva kwalokhu bahlulelwe, 28 kanjalo noKristu wanikelwa kwaba kanye kuphela ukuze athwale izono zabaningi; + futhi lapho efika okwesibili uyobe engazele ukuzosusa isono* futhi uyobonwa yilabo abamfuna ngobuqotho ukuze basindiswe. +