U-Amose
7 Yilokhu iNkosi EnguMbusi uJehova eyangibonisa kona embonweni: Bheka! Wathumela uswebezane lwezintethe lapho imikhiqizo yasebusika* iqala ukuhluma. Lena kwakuyimikhiqizo eyayitshalwe ngemva kokuba utshani benkosi busikiwe. 2 Lapho izintethe seziqedile ukudla izitshalo zezwe, ngathi: “O Nkosi EnguMbusi Jehova, ngicela uthethelele! + Angasinda* kanjani uJakobe? Ngoba ubuthaka!” +
3 Ngakho uJehova washintsha umqondo* ngalokhu. + UJehova wathi: “Ngeke kwenzeke.”
4 INkosi EnguMbusi uJehova yabe isingibonisa lo mbono: Bheka! INkosi EnguMbusi uJehova yayala ukuba kube nesijeziso esiwumlilo. Wahangula amanzi amaningi, wadla nesiqephu sezwe. 5 Ngabe sengithi: “O Nkosi EnguMbusi Jehova, ngicela ukuhoxise lokhu. + Angasinda* kanjani uJakobe? Ngoba ubuthaka!” +
6 Ngakho uJehova washintsha umqondo *+ ngalokhu. INkosi EnguMbusi uJehova yathi: “Nalokho futhi ngeke kwenzeke.”
7 Wabe esengibonisa lo mbono: Bheka! UJehova wayemi phezu kodonga olwenziwa kusetshenziswa intambo yokukala, ephethe intambo yokukala. 8 UJehova wabe esethi kimi: “Ubonani Amose?” Ngathi: “Intambo yokukala.” UJehova wathi: “Bheka ngibeka intambo yokukala phakathi kwabantu bami u-Israyeli. Ngeke ngisabaxolela. + 9 Izindawo eziphakeme zika-Isaka + ziyochithwa, nezindlu ezingcwele zika-Israyeli zibhuqwe; + ngiyomelana nendlu kaJerobowamu ngenkemba.” +
10 U-Amaziya umpristi waseBhethele + wathumela lo myalezo kuJerobowamu + inkosi yakwa-Israyeli: “U-Amose ukwakhela uzungu khona kanye phakathi endlini ka-Israyeli. + Izwe alikwazi ukuwabekezelela amazwi akhe. + 11 Ngoba yilokhu u-Amose akushoyo, ‘UJerobowamu uyobulawa ngenkemba, nakanjani u-Israyeli uyoya ekudingisweni asuke ezweni lakhe.’ ” +
12 U-Amaziya wathi ku-Amose: “O mboni wemibono, hamba, balekela ezweni lakwaJuda, usebenze* lapho, yilapho lapho ungaprofetha khona. + 13 Kodwa ungabe usaprofetha eBhethele + ngoba liyindlu engcwele yenkosi + futhi liyindlu yombuso.”
14 U-Amose waphendula u-Amaziya wathi: “Ngangingeyena umprofethi futhi ngingeyona nendodana yomprofethi; kodwa ngangingumalusi + nginakekela nezihlahla zamakhiwane* emisikhamori. 15 Kodwa uJehova wangiyekisa ukwalusa umhlambi, uJehova wabe esethi kimi, ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.’ + 16 Manje yizwa izwi likaJehova: ‘Wena uthi, “Ungaprofethi ngokumelene no-Israyeli + futhi ungashumayeli + ngokumelene nendlu ka-Isaka.” 17 Ngakho yilokhu uJehova akushoyo: “Umkakho uyoba isifebe edolobheni, amadodana namadodakazi akho ayobulawa ngenkemba. Izwe lakho liyohlukaniswa ngentambo yokukala, kuthi wena ufele ezweni elingahlanzekile; nakanjani u-Israyeli uyoya ekudingisweni esuka ezweni lakhe.” ’ ” +