UHabakuki
3 Umthandazo kaHabakuki umprofethi, oyingoma yokulila:
2 O Jehova, ngiwuzwile umbiko ngawe.
O Jehova, uyamangalisa umsebenzi wakho.
Kwangathi ungawenza uphile phakathi neminyaka!*
Kwangathi ungawenza waziwe phakathi neminyaka.*
Kwangathi ungakhumbula ukubonisa isihe ngesikhathi seziyaluyalu. +
Isithunzi sakhe samboza amazulu; +
Umhlaba wagcwala udumo lwakhe.
4 Ukukhazimula kwakhe kwakunjengokukhanya. +
Imisebe emibili yayiphuma esandleni sakhe,
Lapho amandla akhe ayecashe khona.
6 Wama, wanyakazisa umhlaba. +
Ngokubuka nje, wabangela izizwe ukuba ziqhashe. +
Izintaba zaphakade zaphihlizwa,
Amagquma asendulo akhothama. +
Izindlela zakudala zingezakhe.
7 Ngabona inkinga ematendeni aseKushani.
Izindwangu zamatende zezwe lakwaMidiyani zavevezela. +
8 Ingabe ivuthela imifula Jehova,
Ingabe intukuthelo yakho ivuthela imifula?
Noma ingabe ulaka lwakho lumelene nolwandle? +
9 Usuwukhiphile umnsalo wakho, usulungele ukuciba.
Izinduku* zilungele ukwenza umsebenzi wazo ngokwesifungo.* (Sela)
Waqhekeza umhlaba ngemifula.
10 Izintaba zakubona zaba sezinhlungwini ezinzima. +
Imvula yakhukhula.
Ekujuleni, amanzi abhonga ngezwi lawo. +
Aphakamisela izandla zawo phezulu.
11 Ilanga nenyanga kwama endaweni yako ephakeme. +
Imicibisholo yakho yaphuma njengokukhanya. +
Umbani womkhonto wakho wakhanya.
12 Wadabula emhlabeni ngolaka.
Wanyathela* izizwe uthukuthele.
13 Waphuma ukuze usindise abantu bakho, ukuze usindise ogcotshiwe wakho.
Waphihliza umholi wendlu* yomubi.
Yembuleka kusukela esisekelweni kuze kufike phezulu.* (Sela)
Babekujabulela kakhulu ukushwabadela ohluphekile ngasese.
15 Wahamba wadabula ulwandle ngamahhashi akho,
Wadabula amanzi amaningi agubhayo.
Amathambo ami abola; +
Imilenze yami yayiqhaqhazela.
Kodwa ngilulindele buthule usuku losizi, +
Ngoba luzofikela abantu abasihlaselayo.
17 Nakuba isihlahla somkhiwane singase singaqhakazi,
Kungabi nazithelo ezihlahleni zamagilebhisi;
Nakuba isihlahla somnqumo singase singatheli,
Namasimu engase angakhiqizi kudla;
Nakuba umhlambi wezimvu nezimbuzi ungase uphele esibayeni,
Kungabi nazinkomo ezibayeni;
18 Kodwa mina ngiyothokoza ngoJehova;
Ngiyojabula ngoNkulunkulu wensindiso yami. +
19 INkosi EnguMbusi uJehova ingamandla ami; +
Iyokwenza izinyawo zami zibe njengezenyamazane
Ingenze ngihambe ezindaweni eziphakeme. +
Kumqondisi;
ngezinsimbi zami zomculo ezinezintambo.