UZefaniya
1 Leli yizwi likaJehova elafika kuZefaniya* indodana kaKushi indodana kaGedaliya indodana ka-Amariya indodana kaHezekiya ezinsukwini zikaJosiya + indodana ka-Amoni + inkosi yakwaJuda:
2 “Ngizokuqeda konke okuphezu komhlaba,” kusho uJehova. +
3 “Ngizoqeda umuntu kanye nesilwane.
Ngizoqeda izinyoni zamazulu nezinhlanzi zolwandle, +
Nezikhubekiso *+ kanye nababi;
Ngizosusa abantu phezu komhlaba,” kusho uJehova.
4 “Ngizokwelula isandla sami ngimelane noJuda
Ngimelane nabo bonke abakhile eJerusalema,
Ngizosusa zonke izinsalela* zikaBhali + kule ndawo,
Igama labapristi bonkulunkulu bezinye izizwe kanye nabapristi bamanga, +
5 Nalabo abakhothamela ibutho lasemazulwini bephezu kophahla lwezindlu, +
Nalabo abakhothamayo, bafunge ukuthi bazoba qotho kuJehova +
Bebe befunga ukuthi bazoba qotho nakuMalkamu; +
6 Nalabo abayekayo ukulandela uJehova +
Abangamfuni uJehova noma abangabuzi kuye.” +
7 Thula phambi kweNkosi EnguMbusi uJehova, ngoba usuku lukaJehova luseduze. +
UJehova ulungiselele umhlatshelo; ubangcwelisile labo abamemile.
8 “Ngosuku lomhlatshelo kaJehova ngiyojezisa izikhulu,
Amadodana enkosi + nabo bonke abagqoka izingubo zezinye izizwe.
9 Ngalolo suku ngiyojezisa wonke umuntu ogibela esiteji,*
Labo abagcwalisa indlu yamakhosi abo ngodlame nangenkohliso.
10 Ngalolo suku,” kusho uJehova,
“Kuyoba khona umsindo wokukhala eSangweni Lezinhlanzi, +
Nesililo eNgxenyeni Entsha yedolobha, +
Nokuphahlazeka okukhulu emagqumeni.
11 Lilani nina zakhamuzi zaseMakiteshi,*
Ngoba bonke abahwebi* babulewe;*
Bonke labo abakala isiliva babhujisiwe.
12 Ngaleso sikhathi ngiyolihlola ngokucophelela iJerusalema ngezibani,
Ngiyojezisa labo abazithele ngabandayo,* abathi enhliziyweni yabo,
‘UJehova ngeke akwenze okuhle futhi ngeke akwenze okubi.’ +
13 Umcebo wabo uyophangwa nezindlu zabo ziyocekelwa phansi. +
Bayokwakha izindlu kodwa ngeke bahlale kuzo;
Bayotshala amasimu amagilebhisi kodwa ngeke baliphuze iwayini lawo. +
14 Usuku olukhulu lukaJehova luseduze! +
Luseduze, lusondela ngokushesha! *+
Umsindo wosuku lukaJehova uyesabisa. +
Iqhawe liyakhala khona. +