Eyokuqala KaJohane
1 Lokho okwakukhona kusukela ekuqaleni, esikuzwile, esikubonile ngamehlo ethu, esikuqaphelile nezandla zethu ezikuthintile, okuphathelene nezwi lokuphila, + 2 (yebo, ukuphila kwenziwa kwabonakala, sibonile futhi siyafakaza + futhi sinibikela ngokuphila okuphakade + okwakunoYise futhi kwabonakaliswa kithi), 3 lokho esikubonile nesikuzwile sinibikela kona nani, + ukuze nani nibe nesabelo* kanye nathi. Ngaphezu kwalokho, lesi sabelo sethu sikuBaba neNdodana yakhe uJesu Kristu. + 4 Ngakho sibhala lezi zinto ukuze injabulo yethu igcwale.
5 Yilo umyalezo esawuzwa kuye futhi esinazisa wona: uNkulunkulu ungukukhanya + futhi abukho nhlobo ubumnyama kuye.* 6 Uma sithi, “Sinesabelo kanye naye,” kodwa sibe siqhubeka sihamba ebumnyameni, siqamba amanga asiphili ngeqiniso. + 7 Nokho, uma sihamba ekukhanyeni njengoba naye ngokwakhe esekukhanyeni, sinaso isabelo esisihlanganyelayo futhi igazi likaJesu, iNdodana yakhe, lisihlanza kuso sonke isono. +
8 Uma sithi, “Asinaso isono,” siyazikhohlisa + neqiniso alikho kithi. 9 Uma sizivuma izono zethu, yena uthembekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu, asihlanze kukho konke ukungalungi. + 10 Uma sithi, “Asonanga,” simenza umqambimanga, futhi izwi lakhe alikho kithi.