INgxenye 3
Indlela Esingazi Ngayo Ukuthi UNkulunkulu Ukhona
1, 2. Yisiphi isimiso esisisizayo ukuba sibone ukuthi ukhona yini uNkulunkulu?
ENYE indlela yokuthola ukuthi uNkulunkulu ukhona yini iwukusebenzisa lesimiso esinezisekelo ezinhle: Lokho okwenziwe kudinga umenzi. Lapho into eyenziwe iyinkimbinkimbi kakhulu, kumelwe nomenzi wayo abe onekhono kakhulu.
2 Ngokwesibonelo, ake uqalaze ekhaya lakho. Amatafula, izihlalo, amadeski, imibhede, amabhodwe, amapani, amapuleti, kanye nezinto zokudla konke kudinga umenzi, njengoba kunjalo nangezindonga, izindawo zaphansi, kanye nosilingi. Kodwa, uma kuqhathaniswa lezozinto kulula ukuzenza. Njengoba izinto ezilula zidinga umenzi, akukhona yini okunengqondo ukuthi izinto eziyinkimbinkimbi zidinga umenzi ohlakaniphe ngisho nangokwengeziwe?
Indawo Yethu Yonke Emangalisayo
3, 4. Indawo yonke isisiza kanjani ukuba sazi ukuthi uNkulunkulu ukhona?
3 Iwashi lidinga umenzi wamawashi. Kuthiwani ngesimiso sethu sikanozungezilanga esiyinkimbinkimbi ngokwengeziwe ngendlela engenakulinganiswa, iLanga kanye namaplanethi alo kusizungeza ngokunemba okukhulu amakhulu ngamakhulu eminyaka? Kuthiwani ngomthala wethu omangalisayo esiphila kuwo, obizwa ngokuthi iMilky Way, kanye nezinkanyezi zawo ezingaphezu kwezigidi zezigidi eziyikhulu? Ingabe wake wema ebusuku wabuka iMilky Way? Ingabe yakuhlaba umxhwele? Khona-ke cabanga ngesibhakabhaka esikhulu ngendlela engakholeki esinezigidi zezigidi ezingenakubalwa zemithala enjengeMilky Way yethu! Okunye, izindikimba zasezulwini zinokwethenjelwa endleleni ezihamba ngayo amakhulu ngamakhulu eminyaka kangangokuba ziye zafaniswa namawashi angasilahli isikhathi.
4 Uma iwashi, elilula uma kuqhathaniswa, libonisa ukuthi ukhona umenzi wewashi, ngokuqinisekile isibhakabhaka esiyinkimbinkimbi ngokwengeziwe ngendlela engenakulinganiswa nesabekayo sibonisa ukuthi ukhona umklami nomenzi. Yingakho iBhayibheli lisimema ukuba ‘siphakamisele amehlo ethu phezulu sibone,’ bese libuza: “Ngubani odalile lezozinto na?” Impendulo: “Nguye [uNkulunkulu] okhipha ibandla lazo ngezibalo, abize zonke ngamagama; ngobuningi bamandla akhe nangobukhulu bezikhwepha zakhe ayisilali neyodwa.” (Isaya 40:26) Kanjalo, isibhakabhaka sikhona ngenxa yamandla angabonakali, alawulayo, ahlakaniphile—uNkulunkulu.
Umhlaba Uklanywe Ngendlela Evelele
5-7. Yimaphi amaqiniso ngomhlaba abonisa ukuthi wawunoMklami?
5 Lapho ososayensi behlola umhlaba ngokwengeziwe, kuba yilapho beqaphela ngokwengeziwe ukuthi uklanywe ngendlela evelele ukuze abantu bahlale kuwo. Uqhele ngebanga elifanele elangeni ukuze uthole isilinganiso esifanele sokukhanya nokushisa. Kanye ngonyaka uzungeza ilanga, ngokutsheka ngesilinganiso esifanele, okwenza kube nezinkathi zonyaka ezingxenyeni eziningi zomhlaba. Umhlaba futhi ujikeleza kueksizi yawo njalo emahoreni angu-24, wenze kube nezikhathi eziba khona njalo zokukhanya nobumnyama. Uzungezwe umoya onenhlanganisela efanele yamagesi ukuze sikwazi ukuphefumula futhi sivikeleke ekuhlatshweni imisebe elimazayo evela emkhathini. Futhi unamanzi kanye nenhlabathi okudingekayo ukuze kulinywe ukudla.
6 Ngaphandle kokusebenza ngokubambisana kwazo zonke lezizici, kanye nezinye, ukuphila bekungenakwenzeka. Ingabe konke lokho kwenzeka ngengozi? IScience News ithi: “Kubonakala sengathi izimo ezinjalo ezikhethekile nezingageji kangaka bezingeke neze zizenzakalele nje.” Cha, zazingeke. Zazihilela ukuklama okunenjongo ngoMklami ophakeme.
7 Uma ubungaya endlini enhle futhi uthole ukuthi igcwaliswe ngokudla, ukuthi inesimiso sokushisisa kanye nokupholisa umoya, nanokuthi inamapayipi amanzi afakwe kahle, ubungaphetha ngokuthini? Ukuthi konke kwamane nje kwazivelela? Cha, ngokuqinisekile ubuyophetha ngokuthi umuntu othile ohlakaniphile wayiklama futhi wayenza ngokucophelela okukhulu. Nomhlaba waklanywa futhi wenziwa ngokucophelela okukhulu ukuze unikeze izakhamuzi zawo lokho ezikudingayo, futhi uyinkimbinkimbi ngokwengeziwe kakhulu futhi unakho konke okudingekayo ngaphezu kwanoma iyiphi enye indlu.
8. Yini enye ekhona ngokuphathelene nomhlaba ebonisa ukusikhathalela kukaNkulunkulu kothando?
8 Futhi, cabangela izinto eziningi ezenezela injabulo ekuphileni. Bheka izinhlobonhlobo eziningi zezimbali ezinemibala emihle kanye namaphunga azo amnandi abantu abawajabulelayo. Bese kuba nezinhlobonhlobo eziningi zokudla okunambitheka kamnandi kakhulu kithi. Kunamahlathi, izintaba, amachibi, kanye nenye indalo okujabulisayo ukuyibuka. Futhi, kuthiwani ngokushona kwelanga okuhle okwandisa ukujabulela kwethu ukuphila? Futhi emkhakheni wezilwane, ingabe asijabuli ngokutshekula ngokudlala kanye nesimo esithandekayo semidlwane, amakatshana, kanye nezinye izilwane ezincane? Ngakho umhlaba unikeza izinto eziningi ezimangalisayo ezijabulisayo ezingadingeki ngempela ekusekeleni ukuphila. Lokhu kubonisa ukuthi umhlaba waklanywa ngokukhathalela kothando, kucatshangwa ngabantu, ukuze singagcini nje ngokuba khona kodwa futhi sikujabulele ukuphila.
9. Ubani owenza umhlaba, futhi wawenzelani?
9 Khona-ke, isiphetho esifanele siwukuvuma ukuthi ukhona uMniki wazo zonke lezizinto, njengoba kwenza umlobi weBhayibheli owathi ngoJehova uNkulunkulu: “Wena wenzile izulu nomhlaba.” Ngayiphi injongo? Uphendula ngokuchaza uNkulunkulu ngokuthi “wawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.”—Isaya 37:16; 45:18.
Ingqamuzana Ephilayo Emangalisayo
10, 11. Kungani ingqamuzana ephilayo imangalisa kangaka?
10 Kuthiwani ngezinto eziphilayo? Ingabe zona azimdingi umenzi? Ngokwesibonelo, cabangela ezimbalwa zezici ezimangalisayo zengqamuzana ephilayo. Encwadini yakhe ethi Evolution: A Theory in Crisis, isazi sesayensi yamamolecule ezinto eziphilayo uMichael Denton sithi: “Ngisho nezinto ezincane kakhulu kunazo zonke izinto eziphilayo emhlabeni namuhla, amangqamuzana ebacterium, ayizinto eziyinkimbinkimbi ngokwedlulele. Nakuba amangqamuzana amancane kakhulu ebacterium emancane ngendlela engakholeki, . . . ngayinye iyimboni yangempela encane kakhulu ukuba ingabonwa ngamehlo enezinkulungwane zezingxenye eziklanywe ngokumangalisayo zomshini oyinkimbinkimbi wamamolecule . . . oyinkimbinkimbi kakhulu ngaphezu kwanoma yimuphi umshini owenziwe umuntu futhi ngokuqinisekile ongenakufaniswa nalutho ezintweni ezingaphili.”
11 Ngokuphathelene nomklamo wezakhi zofuzo osengqamuzaneni ngayinye, uthi: “Amandla eDNA okugcina ukwaziswa awadlula kakhulu awanoma isiphi isimiso esaziwayo; anekhono kangangokuba konke ukwaziswa okudingekayo kokunikeza ngokunembile yonke imininingwane yokwakheka kwento ephilayo eyinkimbinkimbi njengomuntu kunesisindo esiyizigidi eziyizinkulungwane ezimbalwa zegremu. . . . Uma kuqhathaniswa isilinganiso sobuchwepheshe kanye nobunkimbinkimbi obuboniswa umshini wamamolecule okuphila, ngisho [nemikhiqizo] yethu yeqophelo eliphezulu kakhulu ibonakala ingenabo ubuciko. Sizizwa silulaziwe.”
12. Wathini usosayensi othile ngemvelaphi yengqamuzana?
12 UDenton uyanezela: “Ubunkimbinkimbi bohlobo lwengqamuzana encane kakhulu eyaziwayo bukhulu kangangokuba kungokungenakwenzeka ukwamukela ukuthi into enjena yayingahlanganiswa nje ndawonye ngokungazelele isenzakalo esithile nje esiyinqaba, okungakholeki ukuthi sasingenzeka.” Kwakufanele ibe nomklami nomenzi.
Ubuchopho Bethu Obumangalisa Ngokungakholeki
13, 14. Kungani ubuchopho bumangalisa ngisho nangokwengeziwe kunengqamuzana ephilayo?
13 Lososayensi ube esethi: “Ngokuphathelene nobunkimbinkimbi, ingqamuzana eyodwa ayilutho uma iqhathaniswa nesimiso esifana nesobuchopho bezidalwa ezincelisayo. Ubuchopho bomuntu bunamangqamuzana emizwa acishe abe yizigidi eziyizinkulungwane eziyishumi. Ingqamuzana ngayinye yomuzwa inemithanjana yokuxhumanisa elinganiselwa ezinkulungwaneni eziyishumi nezinkulungwane eziyikhulu exhumana ngayo namanye amangqamuzana emizwa asebuchosheni. Ingqikithi yayo yonke lemithanjana esebuchosheni bomuntu ifinyelela . . . esigidini sezigidi eziyinkulungwane.”
14 UDenton uyaqhubeka: “Ngisho noma ngabe bekuhlelwe ngokukhethekile ingxenye eyodwa kuphela ekhulwini yemithanjana yokuxhumanisa esebuchosheni, nakho lokhu bekusayoba isimiso esinemithanjana yokuxhumanisa esikhulu kakhulu kunesimiso sezokuxhumana saseMhlabeni.” Ube esebuza: “Ingabe noma iluphi uhlobo lwenqubo nje ezenzekelayo belungalokotha luhlanganise izimiso ezinjena?” Ngokusobala, impendulo kufanele ibe ngucha. Ubuchopho kufanele ukuthi babunoMklami noMenzi okhathalelayo.
15. Yikuphi okushiwo abanye ngokuphathelene nobuchopho?
15 Ubuchopho bomuntu benza ngisho namacomputer eqophelo eliphezulu kakhulu abonakale eyisidala. Umlobi wezesayensi uMorton Hunt wathi: “Izinkumbulo zethu ezisebenza kahle zigcina ukwaziswa okuyizigidi zezigidi eziningi ngaphezu kwecomputer yokucwaninga ekhona manje.” Kanjalo, isazi sokuhlinzwa kobuchopho uDkt. Robert J. White waphetha: “Akukho okunye engingakwenza ngaphandle kokuvuma ukuthi kunoMuntu Ohlakaniphile Ophakeme, okuwuyena owaklama futhi wathuthukisa ukuxhumana okungakholeki kwengqondo nobuchopho—okuyinto engaphezulu kakhulu kwamandla omuntu okuqonda. . . . Kumelwe ngikholelwe ukuthi konke lokhu kwaba nesiqalo esihlakaniphile, ukuthi oThile wakwenza kwenzeka.” Futhi kwakufanele kube oThile okhathalelayo.
Isimiso Segazi Esiyingqayizivele
16-18. (a) Isimiso segazi siyingqayizivele ngaziphi izindlela? (b) Lokhu kufanele kusenze sifinyelele kusiphi isiphetho?
16 Cabangela futhi isimiso segazi esiyingqayizivele esithutha izakhi zomzimba kanye nomoya-mpilo bese sivikela ekungenweni izifo. Ngokuphathelene namangqamuzana abomvu egazi, isici esiyinhloko salesimiso, incwadi ethi ABC’s of the Human Body ithi: “Iconsi elilodwa legazi liqukethe amangqamuzana egazi ahlukene angaphezu kwezigidi ezingu-250 . . . Umzimba mhlawumbe uqukethe izigidi zezigidi ezingu-25 zawo, ezanele ukuthi uma zendlalwa, zigcwalise izinkundla ezine zokudlalela ithenisi. . . . Kwenziwa amangqamuzana amasha, ngesilinganiso sezigidi ezintathu njalo ngomzuzwana.”
17 Ngokuphathelene namangqamuzana egazi amhlophe, enye ingxenye eyingqayizivele yesimiso segazi, yona lencwadi iyasitshela: “Nakuba kunohlobo olulodwa lwamangqamuzana abomvu, amangqamuzana amhlophe ayizinhlobonhlobo, uhlobo ngalunye luyakwazi ukulwa izimpi zomzimba ngendlela ehlukile. Ngokwesibonelo, olunye uhlobo lususa amangqamuzana afile. Ezinye izinhlobo ziveza amasosha omzimba alwa namagciwane, zibulala ushevu ezintweni ezivela ngaphandle, noma ziwadle ngokoqobo futhi ziwagaye amabacterium.”
18 Yeka isimiso esimangalisayo nesihleleke ngezinga eliphezulu! Ngokuqinisekile noma yini ehlanganiswe ndawonye kahle kangaka nevikela kahle kangaka kufanele ibe nomhleli ohlakaniphe kakhulu nokhathalelayo—uNkulunkulu.
Ezinye Izimangaliso
19. Iso lifaniswa kanjani namathuluzi enziwe umuntu?
19 Kunezinye izimangaliso eziningi ezisemzimbeni womuntu. Esinye sazo iso, liklanywe ngobuciko obuphakeme kangangokuba ayikho ikhamera engafana nalo. Isazi sezinkanyezi uRobert Jastrow sathi: “Iso kubonakala sengathi laklanywa; akukho mklami wezibonakude owayengenza okungcono kunalo.” Futhi incwadi iPopular Photography iyalandisa: “Amehlo omuntu abona imininingwane eminingi kakhulu kunefilimu. Abona ubude, uhlonze nobubanzi bento, ngesilinganiso esibanzi kakhulu se-engela, ngaphandle kokutshekisa lokho akubonayo, ngokunyakaza okungaguquki . . . Ukufanisa ikhamera neso lomuntu akusikho ukufanisa izinto ezisezingeni elilinganayo. Iso lomuntu lifana kakhulu necomputer yobuchwepheshe beqophelo eliphezulu kakhulu enokuhlakanipha kobunyoninco, amakhono okuhlela ukwaziswa, izivinini, kanye nezindlela zokusebenza eziwedlula kude noma yimuphi umshini owenziwe umuntu, icomputer noma ikhamera.”
20. Yiziphi ezinye izici ezimangalisayo zomzimba womuntu?
20 Cabanga futhi ngendlela zonke izitho zomzimba eziyinkimbinkimbi ezibambisana ngayo ngaphandle komzamo esiwenza sicabangile. Ngokwesibonelo, sifaka izinhlobo eziningi ezahlukahlukene zokudla neziphuzo eziswini zethu, kodwa umzimba uyazishintsha bese ukhiqiza amandla. Ake uzame ukufaka izinhlobonhlobo zezinto ezinjalo ethangeni likaphethiloli wemoto futhi ubone ukuthi ingahamba ibanga elingakanani! Bese kuba nesimangaliso sokuzala, ukuvezwa komntwana othandekayo—umfanekiso wabazali bakhe—ngezinyanga nje eziyisishiyagalolunye. Futhi kuthiwani ngekhono lomntwana oneminyaka nje embalwa ubudala lokufunda ukukhuluma ulimi olunzima?
21. Becabangela izimangaliso zomzimba, abantu abacabangayo bathini?
21 Yebo, inani elikhulu lezinto ezimangalisayo, eziyinkimbinkimbi ezidaliwe emzimbeni womuntu lisenza sigcwale ukwesaba. Akukho njiniyela ongenza okufana nalezo zinto. Ingabe zimane nje ziyimisebenzi yenhlanhla eyenzeka ngengozi? Ngokuqinisekile akunjalo. Kunalokho, lapho becabangela zonke izici ezimangalisayo zomzimba womuntu, abantu abacabangayo benanela amazwi ashiwo umhubi: “Ngiyakukubonga [Nkulunkulu], ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa.”—IHubo 139:14.
Umakhi Ophakeme
22, 23. (a) Kungani kufanele sikuvume ukuba khona koMdali? (b) IBhayibheli lithini ngokufanelekile ngoNkulunkulu?
22 IBhayibheli lithi: “Njengokulindelekile, zonke izindlu zakhiwa othile; kodwa uNkulunkulu wakha yonke into ekhona.” (Heberu 3:4, The Jerusalem Bible) Njengoba yonke indlu, kungakhathaliseki ukuthi ilula kangakanani, kumelwe ibe nomakhi, khona-ke indawo yonke eyinkimbinkimbi kakhulu, kanye nezinhlobonhlobo eziningi zokuphila emhlabeni, kumelwe ukuthi nayo yaba nomakhi. Futhi njengoba sivuma ukuthi bakhona abantu abasungula izinto ezinjengezindiza, amathelevishini, kanye namacomputer, akufanele yini sikuvume nokuthi ukhona uMuntu owanika abantu ubuchopho bokwenza lezozinto?
23 IBhayibheli liyakuvuma, limbiza ngokuthi “uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula.” (Isaya 42:5) IBhayibheli ngokufanelekile lithi: “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba-khona, zadalwa.”—IsAmbulo 4:11.
24. Singazi kanjani ukuthi uNkulunkulu ukhona?
24 Yebo, singazi ukuthi ukhona uNkulunkulu ngezinto azenzile. “Ngokuba okungabonwayo kwakhe [uNkulunkulu], . . . kubonakala kwasekudalweni kwezwe, ngokuba kuqondakala ngezenzo [zikaNkulunkulu].”—Roma 1:20.
25, 26. Kungani ukusetshenziswa kabi kwento kungelona iphuzu eliphikisa ukuba kwayo nomenzi?
25 Iqiniso lokuthi okuthile okwenziwe kusetshenziswa kabi alisho ukuthi akunaye umenzi. Indiza ingasetshenziselwa izinjongo zokuthula, njengendiza yokuthutha. Kodwa futhi ingasetshenziselwa ukonakalisa, njengeyokuwisa amabhomu. Ukuthi isetshenziselwa ukubulala akusho ukuthi ayizange ibe nomenzi.
26 Ngokufanayo, iqiniso lokuthi abantu ngokuvamile baye baphenduka baba babi alisho ukuthi abazange babe noMenzi, ukuthi akekho uNkulunkulu. Ngakho, iBhayibheli lisho ngokunembile ukuthi: “O ukuphendukezela kwenu! Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini, ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi: Yena akangenzanga, na? noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi: Akanakuqonda, na?”—Isaya 29:16.
27. Kungani singalindela ukuba uNkulunkulu aphendule imibuzo yethu ephathelene nokuhlupheka?
27 UMdali uye wabonisa ukuhlakanipha kwakhe ngokuba yinkimbinkimbi kwalokho akwenzile. Uye wabonisa ukuthi uyasikhathalela ngempela ngokwenza umhlaba ukufanelekele ukuba kuhlalwe kuwo, ngokwenza imizimba yethu nezingqondo ngendlela emangalisayo ngempela, nangokwenza izinto eziningi kangaka ezinhle ukuze sijabule. Ngokuqinisekile ubengabonisa ukuhlakanipha okufanayo nokukhathalela ngokusazisa izimpendulo zemibuzo enjengokuthi: Kungani uNkulunkulu evumele ukuhlupheka? Yini azoyenza ngakho?
[Isithombe ekhasini 5]
Umhlaba, onomoya ozungezile ovikelayo, uyikhaya eliyingqayizivele uNkulunkulu okhathalelayo aliklamele thina
[Isithombe ekhasini 6]
Umhlaba wenziwa ngokukhathalela kothando ukuze sikujabulele ngokugcwele ukuphila
[Isithombe ekhasini 7]
‘Ubuchopho obubodwa bunemithanjana yokuxhumanisa engaphezu kwaso sonke isimiso sezokuxhumana esiseMhlabeni.’—Isazi sesayensi yama“molecule” ezinto eziphilayo
[Isithombe ekhasini 8]
“Iso libonakala sengathi laklanywa; akekho umklami wezibonakude owayengenza okungcono kunalo.”—Isazi sezinkanyezi