Indima Yowesifazane EmiBhalweni
“Uyakubizwa ngokuthi indodakazi [“Owesifazane,” “NW”], ngokuba uthathwé endodeni.”—GENESISE 2:23.
1, 2. (a) Abanye abantu bacabanga ukuthi iBhayibheli libabheka kanjani abesifazane? (b) Uma sikhuluma iqiniso, yikuphi ukuqhathanisa okufanele kwenziwe, futhi ithini enye incwadi okubhekiselwa kuyo?
IMIBHALO Engcwele ibabheka kanjani abesifazane? Imibono ngalokhu iyahlukahluka. Enye incwadi yamuva exoxa ngalendaba ithi: “Umqondo wamuva ocatshangelwayo uwukuthi iBhayibheli liye labalulaza abesifazane.” Abanye abantu bathi kokubili ezingxenyeni zalo zesiHeberu nezesiGreki, iBhayibheli liyabacindezela abesifazane. Ingabe lokhu kuyiqiniso?
2 Uma sikhuluma iqiniso, kufanelekile kuqala ukuba kuhlolwe indlela abesifazane ababephathwa ngayo ngezikhathi zeBhayibheli phakathi kwabantu ababengamkhulekeli uJehova. Kweminye imiphakathi yasendulo eyayikhulekela unkulunkulukazi ongumama, abesifazane babehlonishwa njengabayizimpawu zenzalo. Kubonakala ukuthi babehlonishwa kakhulu kwelaseBabiloni naseGibithe. Kodwa kwezinye izindawo babengaphathwa kahle. EAsiriya lasendulo indoda yayingahlukanisa nomkayo uma ithanda futhi imbulale ngisho nokumbulala uma ayengathembekile. Uma engaphandle kwasekhaya, kwakumelwe agqoke isembozo sobuso. EGrisi naseRoma, kwakungabesifazane abacebile kuphela, iningi labo elaliyizifebe eziseqophelweni eliphezulu, ababethola imfundo futhi bejabulela izinga elithile lenkululeko. Ngakho, kuyaqabula ukufunda kuyiNew International Dictionary of New Testament Theology:a “Ngokuphambene nalo lonke izwe lasempumalanga (elingokwenkolo) [owesifazane emiBhalweni yesiHeberu] uqashelwa njengomuntu nanjengomngane wendoda.” Lokhu kushiwo kahle encwadini yokugcina yemiBhalo yesiHeberu, lapho umprofethi kaJehova echaza khona umfazi wendoda ngokuthi ‘umngane’ wayo, enezela: “Ningamkhohlisi umfazi wobusha benu.”—Malaki 2:14, 15.
Wadalwa Njengomphelelisi Wendoda
3 kanye nombhalo waphansi. (a) Ngemva kokudala uAdamu, yiziphi izabelo zomsebenzi uJehova amnika zona? (b) Ngisho nakuba ayengakabi naye umfazi, sasiyini isimo sika-Adamu ngaphambi kokudalwa kukaEva, futhi sasiyini isimo ‘sika-Adamu wokugcina,’ uJesu?
3 NgokweBhayibheli, uJehova wadala uAdamu “ngomhlabathi” futhi wambeka ensimini yase-Edene, ukuba ayilime. UNkulunkulu waletha izilo zasendle kanye nezidalwa ezindizayo kuAdamu ukuba azihlole futhi azethe amagama. Phakathi nesikhathi esingaziwa ubude baso esathathwa uAdamu ukuba enze lokhu, wayeyedwa. Ukuze enze izabelo ayezithole kuJehova kuze kube yilesosikhathi, wayephelele futhi engantuli lutho.b ‘Wayengatholelwanga umsizi [owayengumphelelisi wakhe, NW].’—Genesise 2:7, 15, 19, 20.
4, 5. (a) Lapho kwakungasekuhle ukuba uAdamu aqhubeke ehlala yedwa, yini uJehova ayenza? (b) Yisiphi isabelo sesikhathi eside uJehova asinikeza uAdamu noEva, futhi lokhu kwakuzofunani ngabo bobabili?
4 Nokho, ngemva kokuba kudlule isikhathi esithile, uJehova wathi ‘kwakungekuhle ukuba umuntu ahlale yedwa,’ wayeselungiselela uAdamu umngane owayezohlanganyela naye imisebenzi eyayisengaphambili. Wehlisela uAdamu ubuthongo obukhulu, wakhipha olunye lwezimbambo zakhe, futhi wakha ngalo owesifazane, ‘ithambo lamathambo ka-Adamu nenyama yenyama yakhe.’ Manje uAdamu ‘wayesezoba nomsizi,’ “umphelelisi.” “UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”—Genesise 1:25, 28; 2:18, 21-23, qhathanisa neNW.
5 Phawula ukuthi lesisabelo sanikezwa ‘bona,’ bobabili indoda nowesifazane. Ukusebenzisana kwabo kwakungeke kugcine ngokugcwalisa umhlaba. Kwakuyohlanganisa futhi nokunqoba umhlaba nokubusa okufanele phezu kwazo zonke izidalwa eziphansi. Kwakuyofuna izimfanelo zokuhlakanipha nezingokomoya, futhi bobabili indoda nowesifazane babenamandla adingekayo okuveza lezimfanelo ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu.
Indima Enengqondo Yowesifazane
6. (a) IBhayibheli libonisani ngamandla endoda angokomzimba uma eqhathaniswa nawowesifazane? (b) Abesifazane bangenza kahle ngayiphi indlela ekucabangeni ukuze bamukele uhlelo lwezinto lukaJehova?
6 Yebo, ukunqoba umhlaba kwakuyodinga namandla angokomzimba. Ngokuhlakanipha kwakhe okungenamkhawulo, uJehova wadala uAdamu kuqala, kwase kuba uEva. Wadalwa ‘evela endodeni,’ ‘edalelwe indoda,’ futhi ngokusobala enamandla angokomzimba angaphansi kwawendoda. (1 Thimothewu 2:13; 1 Korinte 11:8, 9; qhathanisa neyoku-1 Petru 3:7.) Leli iqiniso abaningi abalwela amalungelo abesifazane, nabanye abesifazane, ababonakala benobunzima ekulamukeleni. Ngokuqinisekile bebengajabula ngokwengeziwe uma bebengazama ukuqonda isizathu sokuba uJehova ahlele izinto ngalendlela, kanjalo bemukele indima yabo abayinikezwe uNkulunkulu. Abantu abakhononda ngamalungiselelo kaNkulunkulu bangase bafaniswe nenyoni ecula kamnandi ebusuku evele ihlale ithule esidlekeni sayo ngenxa yokuthi ayinawo amandla njengenyoni yasogwini lolwandle, esikhundleni sokuba indizele egatsheni eliphezulu futhi icule ibonga ngenxa yezipho eziyingqayizivele uNkulunkulu ayinikeze zona.
7. Kungani uAdamu ayesethubeni elihle lokuba abonise ubunhloko kuEva nakubo bonke abantwana ababeyozalwa, kodwa ingabe lokhu kwakuyomlimaza uEva?
7 Ngaphambi kokuba uEva adalwe, ngokungangabazeki uAdamu wazuza okuhlangenwe nakho okuningi ekuphileni. Phakathi nalesikhathi, uJehova wamnikeza iziyalezo ezithile. UAdamu kwakumelwe adlulisele leziyalezo kumkakhe, kanjalo esebenza njengomkhulumeli kaNkulunkulu. Ngokunengqondo, kwakufanele ukuba ahole kuzo zonke izindaba eziphathelene nokukhulekela kanye nemisebenzi yokwesaba uNkulunkulu okwakumelwe bayenze benombono wokufeza isabelo sabo. Lapho abantwana bezalwa, wayezoba inhloko yomkhaya. Kodwa lokhu kwakungeke kumlimaze umkakhe. Kunalokho, kwakuzoba ngokwenzuzo yakhe ngoba wayezoba nothile owayezomsekela lapho esebenzisa igunya lakhe siqu alinikezwe uNkulunkulu phezu kwabantwana bakhe.
8. Yiluphi uhlelo lwezinto lwaphezulu oluhlelwe eBhayibhelini?
8 Ngokohlelo lwezinto lwaphezulu, uAdamu wayezolandisa kuJehova, uEva wayengaphansi kobunhloko buka-Adamu, bonke abantwana babeyoba ngaphansi kokuqondisa kwabazali babo, futhi izilwane zazizithoba esintwini. Indoda nowesifazane babenezindima zabo ezihlukene, futhi ngamunye wayengaphila ukuphila okujabulisayo nokukhiqizayo. Kanjalo, ‘konke kwakungenziwa ngemfanelo nangenhlelo.’—1 Korinte 11:3; 14:33, 40, umbhalo waphansi weNW Ref. Bi.
Isono Sayonakalisa Indima Yowesifazane
9, 10. Yaba yini imiphumela yokuwela esonweni kwendoda nowesifazane, futhi lokhu kuye kwaphumelaphi ngabesifazane abaningi?
9 Njengokulindelekile, ukungena kwesono nokungapheleli epharadesi lasekuqaleni kwalonakalisa lelilungiselelo lezinto elihlelekile. (Roma 7:14-20) Kwayilethela ubunzima indoda ehlubukayo kanye nomkayo ongalaleli. (Genesise 3:16-19) Kusukela ngalesosikhathi, amadoda amaningi anobugovu aye abusebenzisa kabi ubunhloko bawo obufanele, eletha ukuhlupheka okuningi kwabesifazane kuyo yonke leminyaka.
10 Ewubona kusengaphambili lomphumela okhethekile wesono, uJehova wathi kuEva: “Ukunxanela kwakho kuyakuba-sendodeni yakho; yona iyakukubusa.” (Genesise 3:16) Lokhu kubusa okusetshenziswa kabi akuzange kube ukusetshenziswa okufanele kobunhloko. Kuye kwabonisa isimo sendoda esinesono kanye nokungapheleli kowesifazane, ngoba ngezinye izikhathi abesifazane baye bahlupheka ngenxa yokuthi baye bazama ukugabadela igunya labayeni babo.
11. Siyini isimo sabesifazane abaningi, futhi yini omunye umlobi ayibhala ngabesifazane bezikhathi zezinzalamizi?
11 Kodwa ngezinga abaye banamathela ngalo ezimisweni zeBhayibheli, abesifazane abaningi baye bathola ukwaneliseka nenjabulo. Lokhu kwakunjalo ngisho nasezikhathini zezinzalamizi. Ekhuluma ngaleyonkathi encwadini yakhe ethi La Bible au Féminin (IBhayibheli Ngokuqondene Nobulili Besifazane), umlobi uLaure Aynard uyabhala: “Okuphawuleka ngokukhethekile kukho konke lokhu kulandisa yindima ebalulekile eyayifezwa abesifazane, isithunzi sabo emehlweni ezinzalamizi, ukuthatha kwabo izinyathelo ngesibindi, nesimo senkululeko ababephila kuyo.”
Abesifazane Ngaphansi KoMthetho KaMose
12, 13. (a) Sasiyini isikhundla sabesifazane ngaphansi koMthetho kaMose? (b) Abesifazane babeqhuba kanjani ngokomoya ngaphansi koMthetho?
12 Ngokwemithetho kaJehova eyanikezwa ngoMose, abafazi kwakumelwe “bathandwe.” (Duteronomi 13:6, qhathanisa neNW.) Isithunzi sabafazi kwakumelwe sihlonishwe ezindabeni ezingokobulili, futhi akekho owesifazane okwakumelwe axhashazwe ngokobulili. (Levitikusi 18:8-19) Amadoda nabesifazane babelingana phambi koMthetho uma babetholwa benecala lokuphinga, ukulala nesihlobo, noma ukulala nesilwane. (Levitikusi 18:6, 23; 20:10-12) Umyalo wesihlanu wawufuna ukuba ubaba nomama banikezwe inhlonipho elinganayo.—Eksodusi 20:12.
13 Ngaphezu kwakho konke, uMthetho wanikeza abesifazane ithuba eligcwele lokuba bathuthukise ingokomoya labo. Babezuza ekufundweni koMthetho. (Joshuwa 8:35; Nehemiya 8:2, 3) Kwakufuneka bagcine imikhosi engokwenkolo. (Duteronomi 12:12, 18; 16:11, 14) Babehlanganyela eSabatheni lamasonto onke futhi babengasenza isifungo samaNaziri. (Eksodusi 20:8; Numeri 6:2) Babenobuhlobo bomuntu siqu noJehova futhi bezithandazela kuye bengabodwa.—1 Samuweli 1:10.
14. Yini isazi seBhayibheli esingumKatolika esiyishoyo ngabesifazane abangamaHeberu, futhi yini engashiwo ngendima yowesifazane ngaphansi koMthetho?
14 Lapho siphawula ngabesifazane abangamaHeberu, isazi seBhayibheli esingumKatolika uRoland de Vaux siyabhala: “Yonke imisebenzi enzima ekhaya ngokuqinisekile yayiwela kuye; wayenakekela imihlambi, asebenze emasimini, apheke ukudla, aphothe, njalonjalo. Nokho, kunokuba ululaze isithunzi sakhe, wonke lomsebenzi obonakala uyisicefe wawumzuzela ukucatshangelwa. . . . Futhi lezozindima ezingavamile ezisinikeza umbono omncane wokusondelana kokuphila komkhaya zibonisa ukuthi umfazi ongumIsrayeli wayethandwa futhi elalelwa ngumyeni wakhe, futhi emphatha njengolingana naye. . . . Futhi akungabazeki ukuthi lokhu kwakuyisimo esivamile. Kwakuwukulandelwa okuthembekile kwemfundiso ebhekwa njengengcwele ekuGenesise, lapho kuthiwa khona uNkulunkulu wadala owesifazane njengomsizi wendoda, lowo okwakumelwe inamathele kuye (Gen 2:18, 24); futhi isahluko sokugcina sezAga sihuba izindumiso ngomfazi omuhle, obusiswa abantwana bakhe, nangokuqholosha komyeni wakhe (IzA 31:10-31).” (Ancient Israel—Its Life and Institutions) Ngokungangabazeki, lapho uMthetho ulandelwa kwaIsrayeli, abesifazane babengaphathwa kabi.
Abesifazane Abavelele
15. (a) Ukuziphatha kukaSara kububonisa kanjani ubuhlobo obufanele phakathi kwendoda nomkayo? (b) Kungani indaba kaRahabi kufanele ukuba iphawulwe?
15 ImiBhalo YesiHeberu inezibonelo eziningi zabesifazane ababeyizinceku ezivelele zikaJehova uNkulunkulu. USara unikeza umfanekiso omuhle wokuthi owesifazane owesaba uNkulunkulu angaba kanjani othobela umyeni wakhe futhi ngesikhathi esifanayo abe usizo kuye ekwenzeni izinqumo. (Genesise 21:9-13; 1 Petru 3:5, 6) Indaba kaRahabi ingephawulekayo. Ikubonisa kungamanga ukumangalela kokuthi uJehova uyabandlulula ngokohlanga futhi uyabacindezela abesifazane. URahabi wayeyisifebe esingeyena umIsrayeli. UJehova akazange amamukele njengomkhulekeli kuphela kodwa ngenxa yokholo lwakhe olukhulu, olwalusekelwa imisebenzi ehlanganisa ukushintsha indlela yokuphila, wathi ulungile. Ngaphezu kwalokho, wamnika umvuzo oyilungelo elingavamile lokuba ukhokhokazi kaMesiya.—Mathewu 1:1, 5; Heberu 11:31; Jakobe 2:25.
16. Isibonelo sika-Abigayili sibonisani, futhi kungani inkambo yakhe yesenzo yayifaneleka?
16 Indaba ka-Abigayili ibonisa ukuthi uJehova akafuni ukuba umfazi athobele umyeni wakhe ngokungacabangi. Umyeni wakhe wayeyindoda ecebile, enemihlambi emikhulu yezimvu nezimbuzi. Kodwa ‘wayelukhuni enobubi emisebenzini yakhe.’ UAbigayili wenqaba ukulandela umyeni wakhe enkambweni yakhe embi. Ebonisa ukuhlakanipha, umqondo omuhle, ukuthobeka, nokuba nomqondo osheshayo, wavimbela isimo esasingaba yinhlekelele kwabendlu yakhe, futhi wabusiswa ngokucebile nguJehova.—1 Samuweli 25:2-42.
17. (a) Yiliphi ilungelo elivelele abanye abesifazane ababenalo kwaIsrayeli? (b) Yisiphi isifundo isibonelo sikaMiriyamu esisiphathele abesifazane abangamaKristu abangase banikezwe amalungelo athile enkonzo?
17 Abesifazane abambalwa babeba ngisho nangabaprofethikazi. Kwakunjalo ngoDebora, phakathi nesikhathi sabAhluleli. (AbAhluleli, izahluko 4 no-5) UHulida wayengumprofethikazi kwaJuda, ngokushesha ngaphambi kokubhujiswa kweJerusalema. (2 AmaKhosi 22:14-20) Indaba kaMiriyamu ifanele ukuphawulwa. Nakuba kukhulunywa ngaye njengomprofethikazi, owayethunywe uJehova, ngokusobala ngesinye isikhathi lelilungelo lamenza waqhosha. Wahluleka ukuqaphela igunya uJehova ayelinikeze umfowabo omncane uMose ukuba ahole uIsrayeli, futhi wajeziswa ngenxa yalokho, nakuba kusobala ukuthi waphenduka futhi wabuyiselwa.—Eksodusi 15:20, 21; Numeri 12:1-15; Mika 6:4.
Abesifazane Ngaphansi KobuJuda
18, 19. Sasiyini isikhundla sabesifazane ngaphansi kobuJuda, futhi kwenzeka kanjani lokhu?
18 Njengoba sibonile, uMthetho kaMose wawuwavikela amalungelo abesifazane, futhi lapho ulandelwa, wawuvumela abesifazane ukuba baphile ukuphila okwanelisayo. Kodwa njengoba isikhathi sasihamba, ikakhulukazi ngemva kokubhujiswa kweJerusalema ngo-607 B.C.E., kwavela inkolo yobuJuda, eyayisekelwe kakhulu emasikweni adluliselwa ngomlomo kunaseMthethweni olotshiwe kaJehova. Kusukela ekhulwini lesine leminyaka B.C.E. kuqhubeke, ubuJuda bamukela ifilosofi eningi yamaGreki. Ngokuvamile izazi zefilosofi zamaGreki zazingawanaki amalungelo abesifazane, ngakho kwaba nokwehla okufanayo kwesikhundla sabesifazane ebuJudeni. Kusukela ekhulwini lesithathu leminyaka B.C.E., abesifazane baqala ukwehlukaniswa emadodeni emasinagogeni amaJuda futhi benqatshelwa ukufunda iTorah (UMthetho KaMose). IEncyclopaedia Judaica iyavuma: “Ngenxa yalokho babembalwa abesifazane ababefundile.” Imfundo ngokuyinhloko kwakungeyabafana.
19 Encwadini yakhe ethi Jerusalem in the Time of Jesus, uJ. Jeremias uyabhala: “Ngokuvamile, konke, isikhundla sabesifazane emthethweni wesonto sichazwa kangcono kakhulu kuloluhlelo oluphindaphindwa njalo: ‘Abesifazane, izigqila (ezingabeZizwe) nabantwana.’ . . . Kukho konke lokhu singanezela ukuthi kwakunemibono eminingi yendelelo eyayishiwo ngabesifazane. . . . Ngakho-ke sinomuzwa wokuthi ubuJuda nangesikhathi sikaJesu babubabukela phansi kakhulu abesifazane.”
Abesifazane Abathembekile Ababelindele UMesiya
20, 21. (a) Naphezu kwesimo sengqondo sendelelo sabaholi benkolo bamaJuda ngabesifazane, obani ababephakathi kwalabo ababelindile njengoba isikhathi sikaMesiya sasisondela? (b) Yini ebonisa ukuthi uElisabethe noMariya babenokuzinikela okujulile kokwesaba uNkulunkulu?
20 Lesisimo sengqondo sendelelo ngabesifazane sasingenye indlela orabi bamaJuda ‘ababenza ngayo izwi likaNkulunkulu libe yize ngesiko labo.’ (Marku 7:13) Kodwa naphezu kwalendelelo, njengoba sasisondela isikhathi sokuza kukaMesiya, abanye abesifazane abesaba uNkulunkulu babelinde ngokuqapha. Omunye walaba kwakunguElisabethe, umfazi wompristi ongumLevi uZakariya. Yena nomyeni wakhe “babelungile . . . phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.” (Luka 1:5, 6) UElisabethe wathola umusa kuJehova ngokuthi, nakuba ayeyinyumba futhi esekhule kakhulu ngeminyaka, waba unina kaJohane uMbhapathizi.—Luka 1:7, 13.
21 Eshukunyiswe umoya ongcwele, uElisabethe wabonisa uthando olujulile ngomunye owesifazane owesaba uNkulunkulu wosuku lwakhe, isihlobo sakhe esithiwa uMariya. Lapho, cishe ngasekupheleni kuka-3 B.C.E., ingelosi uGabriyeli itshela uMariya ukuthi wayezokhulelwa umntwana (uJesu) ngokuyisimangaliso, yambiza ngokuthi, “Wena ophiwe umusa,” inezela: “INkosi inawe.” Ngokushesha ngemva kwalokho, uMariya wavakashela uElisabethe, owabe esembusisa kanye nomntwana ongakazalwa ayemkhulelwe, ebiza uJesu ngokuthi “iNkosi” yakhe ngisho nangaphambi kokuba azalwe. Kulokho, uMariya waphubuka enikeza udumo kuJehova okwaba ubufakazi obusobala bokuzinikezela kwakhe okujulile kokwesaba uNkulunkulu.—Luka 1:28, 31, 36-55.
22. Ngemva kokuzalwa kukaJesu, yimuphi owesifazane owesaba uNkulunkulu owabonisa ukuthi wayephakathi kwalabo abebelindele uMesiya?
22 Lapho uJesu esezelwe futhi uMariya emyisa ethempelini eJerusalema ukuba amlethe kuJehova, omunye owesifazane owesaba uNkulunkulu, umprofethikazi owayesekhulile uAna, wazwakalisa injabulo yakhe. Wabuyisela ukubonga kuJehova futhi wakhuluma ngoJesu kubo bonke labo ababemlindele ngokulangazela uMesiya owayethenjisiwe.—Luka 2:36-38.
23. Umphostoli uPetru ukhuluma kanjani ngabesifazane abathembekile besikhathi sangaphambi kobuKristu, futhi imiphi imibuzo ezohlolwa esihlokweni esilandelayo?
23 Ngakho, njengoba sasisondela isikhathi senkonzo kaJesu yasemhlabeni, kwakusekhona “abesifazane abangcwele abamethemba uNkulunkulu.” (1 Petru 3:5) Abanye balaba besifazane baba abafundi bakaKristu. UJesu wabaphatha kanjani? Futhi ingabe bakhona abesifazane namuhla abayamukela ngenjabulo indima yabo njengoba ihlelwe eBhayibhelini? Lemibuzo izohlolwa esihlokweni esilandelayo.
[Imibhalo yaphansi]
a Umqulu 3, ikhasi 1055.
b “UAdamu wokugcina,” uJesu Kristu, ngokufanayo wayeyindoda ephelele, nakuba ayengenaye umfazi ongumuntu.—1 Korinte 15:45.
Imibuzo Yokubukeza
◻ Ukuphathwa kwabesifazane kwaIsrayeli kwakuphambene kanjani nalokho okwakukwamanye amazwe?
◻ Sasiyini isikhundla sika-Adamu uma siqhathaniswa nesikaEva, futhi ngani?
◻ Yisiphi isikhundla abesifazane abangamaIsrayeli ababenaso ngaphansi koMthetho, futhi ingabe babelahlekelwa ngokomoya?
◻ Yiziphi izifundo ezingafundwa ekuphileni kwabesifazane abavelele emiBhalweni YesiHeberu?
◻ Yiziphi izibonelo ezinhle zokholo ezingatholwa naphezu kwemibono yobuJuda?
[Ibhokisi ekhasini 10]
“OWESIFAZANE OWESABA UJEHOVA”
“10 Ngubani ongathola umfazi okhutheleyo na? Ngokuba inani lakhe lidlula kakhulu amarubi. 11 Inhliziyo yendoda yakhe iyethemba kuye; ayiyikuswela inzuzo. 12 Uyayenzela okuhle, kungabi-ngokubi, zonke izinsuku zokuphila kwakhe. 13 Ufuna uboya bezimvu nefilakisi; usebenza ngezandla ezivumayo. 14 Unjengemikhumbi yabathengi; ulanda kude ukudla kwakhe. 15 Uyavuka kusesebusuku, aphe abendlu yakhe ukudla namantombazana akhe imisebenzi yawo. 16 Ucabanga ngensimu, ayithenge; ngesithelo sezandla zakhe utshala isivini. 17 Uyabhinca okhalweni amandla; uyaqinisa izingalo zakhe. 18 Uyabona ukuthi ukuphatha kwakhe kunenzuzo; isibani sakhe asicimeki nasebusuku. 19 Uyabeka izandla zakhe othini lokuphotha izintambo, neminwe yakhe ibamba insimbi. 20 Ohluphekayo uyamvulela isandla sakhe, yebo, uzelulela abampofu izandla zakhe. 21 Akesatshiswa ngabendlu yakhe ngungqoqwane, ngokuba bonke abendlu yakhe bembathiswa okubomvu. 22 Uyazenzela izindwangu ezimbozayo; izambatho zakhe ziyilineni elicolekileyo nokububende. 23 Indoda yakhe iyaziwa emasangweni, lapho ihlezi namalunga ezwe. 24 Wenza izingubo zelineni, athengise ngazo, anikele kubathengi amabhande. 25 Amandla nesithunzi kungukwembatha kwakhe; uhleka usuku oluzayo. 26 Uyawuvula umlomo wakhe ngokuhlakanipha, nomthetho womusa usolimini lwakhe. 27 Uyaqaphela okwenziwayo endlini yakhe, akadli isinkwa sobuvila. 28 Abantwana bakhe bayasukuma, bambusise; nendoda yakhe iyamdumisa ngokuthi: 29 Baningi abafazi abakhutheleyo, kepha wena ubadlula bonke. 30 Ubuhle buyinkohliso, nokubukeka kuyize, kepha owesifazane owesaba uJehova uyakudunyiswa. 31 Muphe ezithelweni zezandla zakhe, izenzo zakhe zimdumise emasangweni.”—IzAga 31:10-31.
[Isithombe ekhasini 8, 9]
Indawo yowesifazane emkhayeni yayinesithunzi