‘Ukondla Indlu Yakho’—Ukuhlangabezana Nalenselele Emazweni Asathuthuka
“NGOKUQINISEKILE uma noma ubani engabondli abakubo siqu, futhi ikakhulukazi labo abangamalungu endlu yakhe, uluphikile ukholo futhi mubi kakhulu kunomuntu ongenalo ukholo.” Washo kanjalo umphostoli uPawulu. (1 Thimothewu 5:8) Nakuba ukondla umkhaya kuye kwaba nzima ngokuqhubekayo emazweni anothile, ngokuvamile kuba inselele esabeka nakakhulu emazweni asathuthuka.
Ngokwesibonelo, e-Afrika izinkinga zezomnotho ngokuvamile ziyinto evamile, aziqabukeli. Imisebenzi iyindlala, futhi lapho itholakala, kungase kudingeke ukuba bobabili indoda nenkosikazi basebenze ukuze nje bathole okokuzisekela. Izinhloko zemikhaya kungase kudingeke zihambe amabanga amade ukuze zithole umsebenzi, zishiye omkazo nezingane bebodwa izinyanga—noma iminyaka. Indawo yokuhlala efanele nayo kungase kube nzima ukuyithola. Imikhaya eminingi yase-Afrika mikhulu; ngakho indawo yokuhlala iyaminyana, intule ukunethezeka okuyisisekelo. Ngokuvamile kuba nezimo ezingenampilo.
Ngaphezu kwalokho, izinkambiso zendawo, amasiko asenesikhathi eside ekhona, nemibono ethandwayo kungase kungqubuzane nomoya weZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Cabanga ngezinye zezimo zengqondo ezivamile ngomshado nezingane. Ezinye izinhloko zemikhaya zikholelwa ukuthi zinomthwalo wemfanelo wokukhokha intela yendlu nezimali zesikole eziyisibopho kuphela. Omkazo—futhi ngezinye izikhathi ngisho nezingane esezikhulile—basala nomsebenzi wokondla ngezinto eziyisisekelo njengokudla nezambatho.
Ngaphezu kwalokho, amanye amadoda anombono wokuthi “imali yami imali yami, kodwa imali yakho imali yami nami.” Ngokuvamile lokho kubangela ukucasuka emakhosikazini asebenzayo. Omunye wesifazane waseTanzania wakhononda: “Imali ichithwa etshwaleni, hhayi kithina noma ezinganeni. Sonke siyasebenza, noma futhi sisebenza kakhudlwana, kodwa yena uthatha yonke imali asitshele ukuthi eyakhe—uyisebenzele.”
Nokho, amaKristu abeka iZwi likaNkulunkulu ngaphambi kwesiko lendawo noma umbono othandwayo. IBhayibheli linikeza isiqondiso esiwusizo endabeni yokunakekela umkhaya. Ngokwesibonelo, lithi “abantwana akufanele baqongelelele abazali babo, kodwa abazali okufanele baqongelelele abantwana babo.” (2 Korinte 12:14) Ngakho-ke, amadoda asaba uNkulunkulu akwaziyo ukusebenza awakushiyeli kumakhosikazi awo ngobuvila noma ezinganeni zawo esezikhulile ukuba zondle umkhaya ngokudla nezambatho; lowo mthwalo wemfanelo usemahlombe enhloko yomkhaya ngokuphelele.—1 Korinte 11:3.
Yiqiniso, umholo wendoda ungase unganeli ukunakekela zonke izidingo zomkhaya wayo. Kodwa uma umkayo esebenza, indoda engumKristu ngeke icasuke. Kunalokho, iyomphatha ‘njengomngane’ ohloniphekile. (Malaki 2:14) Ngakho, ngeke ngonya ithathe imali yakhe ayisebenzele kanzima bese iyisaphaza ingayishayi mkhuba imizwa yakhe. Ngokuphambene, yona nomkayo ‘bayokwelulekana’ futhi banqume ukuthi izimali zabo zingasetshenziswa kanjani ngendlela engcono kakhulu ukuze kuzuze wonke umkhaya. (IzAga 13:10) Lapho kungenzeka khona, indoda inikeza umkayo ngisho nesilinganiso esithile senkululeko ezimalini, njengoba yayijatshulelwa “umfazi okhutheleyo” ngezikhathi zeBhayibheli. (IzAga 31:10, 11, 16) Ukulandela iseluleko seBhayibheli ezindabeni ezinjalo kuthuthukisa injabulo nokwaneliseka komkhaya.
Ukubhekana Nezinselele Zokusweleka Komsebenzi
Cabanga ngenkinga yokusweleka komsebenzi. Lapho imisebenzi iyivelakancane namaholo ephansi, izinhloko zemikhaya eziningi e-Afrika ziye zafuna umsebenzi kude namakhaya—ezimayini, emafemini, emapulazini, nakwezolimo. Uma indoda engumKristu ikulesi simo, ingase izithole ihlukene nabakhulekeli abakanye nayo futhi ichayeke kubangane ababi kakhulu. (IzAga 18:1; 1 Korinte 15:33) Nakuba umkhaya wayo ungase uzame ukusingatha isimo ngokuphumelelayo, cishe uyohlupheka ngenxa yokungabi nobaba ekhaya ukuze ahole ngokomoya noma anikeze ukusekela okungokomzwelo. Ngokuyindida, ukungabikho isikhathi eside nakho kungase kuphumele kuyo kanye into obekufanele kuyivimbele—inkinga yezimali.
Omunye umama uthi: “Umyeni wami wahamba eyomba igolide. Wayezimisele ukubuya ngemva kwenyanga noma ezimbili, kungeqi kulokho. Kwaba unyaka! Ngangisele nezingane eziyisithupha okwakufanele ngizinakekele. Bese kuba yintela yendlu okwakufanele ikhokhwe. Njengoba impilo yami yayingeyinhle, kwakudingeka ngikhokhe imali yasesibhedlela. Sasidinga izembatho, futhi kwakufanele sidle nsuku zonke. Ngangingasebenzi. Kwakunzima. Okwakunzima kunakho konke kwakuwukunakekela izingane ngokomoya—isifundo somkhaya, imihlangano, nomsebenzi wokushumayela. Ngokusekela kukaJehova, ngandlela-thile sakwazi ukubhekana nesimo.”
Ngisho nomama abathile baye bazizwa bebophekile ukushiya imikhaya yabo izinyanga ezithile ukuze bayosebenza. Abanye baziphilisa ngokuba abadayisi abahambahambayo futhi abavami ukuba sekhaya. Ngakho izingane esezikhulile ziyaphoqeleka ukuba zithathe indima yokuba umzali zinakekele ukudla, imisebenzi yasekhaya, zize ngisho zinikeze nesiyalo ezinganeni zakubo ezisencane. Ukuhlanganyela emisebenzini engokomoya kuyalimala. Yebo, umkhaya ungadonsa kanzima kakhulu!
Yebo, lapho izimo zomnotho zinzima, kungase kungabi bikho lutho umzali angalwenza ukuze ondle umkhaya wakhe ngaphandle kokuba afune umsebenzi endaweni ekude. Ezikhathini zeBhayibheli amadodana kaJakobe ngokusobala kwadingeka ashiye imikhaya yawo ukuze ayothola ukudla eGibithe. (Genesise 42:1-5) Ngakho lapho kuphakama izimo ezifanayo namuhla, izinhloko zemikhaya kumelwe ziqhathanise noma iziphi izinzuzo zezinto ezibonakalayo umsebenzi okude ongase uzilethe nokulimala okungokomoya nokungokomzwelo ngenxa yokuhlukana isikhathi eside. Imikhaya eminingi ikhetha ukukhuthazelela izinkinga zezomnotho kunokuba ihlukane isikhathi eside. Ikhumbula amazwi kaPawulu atholakala kweyoku-1 Thimothewu 6:8 athi: “Uma sinokokuzisekela nokokuzimboza, siyokwaneliswa yilezizinto.”—Qhathanisa nezAga 15:17.
Ezikhathini eziningi kuba khona okungase kwenziwe ngaphandle kokuhamba. Ngokubonisa ukuzimisela ukuthatha isinyathelo kuqala nekhono lokusungula izinto, abanye baye bakwazi ukuvula umsebenzi ngokwenza izinkonzo eziwusizo.a (Qhathanisa nezAga 31:24.) Noma kungase kube indaba yokwamukela imisebenzi ephansi edelelekile kwabanye. (Efesu 4:28) Umphostoli uPawulu uqobo ‘wayeshikashikeka futhi ekhandleka ubusuku nemini’ ukuze agweme ukuba umthwalo ngokwezimali kwabanye. (2 Thesalonika 3:8) Amadoda angamaKristu namuhla angalandela leso sibonelo.
Izinkinga Zesikole
Enye inkinga ihilela isikole. Kwezinye izindawo eziqhelile, kuvamile ngabazali ukuba bahambise izingane zabo ezihlotsheni ziyohlala nazo isikhathi eside ukuze izingane zifunde ngokwanele. Njengoba zihlukene nabazali bazo, lezo zingane ngokuvamile ziba nobunzima bokuya emihlanganweni noma ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Njengoba zingasitholi isiyalo esidingekile, kalula ziba izisulu zabangane ababi. Ngenxa yalokho, eziningana ziye zayishiya indlela yobuKristu yokuphila.
Akukho kungabaza ngokuthi imfundo yezwe inezinzuzo ezithile. Kodwa iBhayibheli ligcizelela ukubaluleka kwemfundo engokomoya, futhi uNkulunkulu uye wanikeza abazali umthwalo wemfanelo wokunikeza leyo mfundo. (Duteronomi 11:18, 19; IzAga 3:13, 14) Nokho, ukuyisa ingane kude isikhathi eside cishe kuyochitha imizamo yomzali yokuyikhulisa “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.b
Lapho amathuba emfundo endaweni ebonakala enganele, kungase kungabikho abazali abangakwenza ngaphandle kokwenza okusemandleni ukuba bazifundise bona izingane zabo amakhono ayisisekelo. Kukhona nosizo olunikezwa ‘uMfundisi wethu Omkhulu,’ uJehova. (Isaya 30:20, NW) Amabandla oFakazi BakaJehova aseduze anamalungiselelo emfundo amaningana. Amabandla amaningi aqhuba amakilasi abangafundile. ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini naso siyilungiselelo eliwusizo elingalola ikhono lengane lokufunda nokukhuluma ngokucacile.
Umbono Olinganiselayo Ngokuba Nezingane
Ukondla izingane kungaba nzima kakhulu lapho ziziningi. Abazali base-Afrika bavame ukuthi bayazithanda izingane; ngakho baba neziningi ngangokunokwenzeka! Nakuba izingane zingase zibhekwe njengomthombo womnotho, abazali abaningi abakwazi ukuzondla ngendlela efanele uma ziziningi.
Yebo, iBhayibheli lithi “abantwana bayifa elivela kuJehova.” (IHubo 127:3) Nokho, phawula ukuthi lawo mazwi alotshwa ngenkathi yezimo ezazizinhle kwa-Israyeli. Kamuva, indlala enkulu nempi kwenza ukuba nabantwana kwaba uvivinyo. (IsiLilo 2:11, 20; 4:10) Enombono wesimo esinzima esikhona emazweni amaningi asathuthuka, amaKristu anokwethenjelwa kufanele akucabangele ngokungathi sína ukuthi zingaki izingane angase akwazi ngempela ukuzondla, ukuzigqokisa, ukuzikhoselisa, nokuziqeqesha. Ngemva kokuba isibale izindleko, imibhangqwana eminingi inquma ukuthi kungcono kakhulu ukuphambana nesiko futhi ilinganisele inani lezingane eba nazo.c—Qhathanisa noLuka 14:28.
Kuyacaca ukuthi lezi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thimothewu 3:1-5) Njengoba lesi simiso sezinto siphokophele ekupheleni kwaso okungenakugwenywa, akungabazeki ukuthi zizokhula izingcindezi emikhayeni esemazweni asathuthuka. Nokho, ngokunamathela ngokuseduze ezimisweni zeZwi likaNkulunkulu, izinhloko zemikhaya zingaphumelela ekunakekeleni kokubili izidingo ezingokwenyama nezingokomoya zemikhaya yazo, ngoba uJehova wenza lesi sithembiso kulabo abamkhonza ngokwethembeka: “Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.” (Heberu 13:5) Yebo, ngisho nasemazweni ampofu, amaKristu angabhekana ngokuphumelelayo nenselele yokondla imikhaya yawo!
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ukuvula Imisebenzi Emazweni Asathuthuka” kumagazini i-Phaphama! ka-October 22, 1994, ongumngane walona.
b Ukuze uthole imininingwane eyengeziwe, bheka “Imibuzo Evela Kubafundi” kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 1983.
c Kwanikezwa ukwaziswa okuwusizo ochungechungeni oluthi “Ukuhlelwa Komndeni—Impikiswano Yembulunga Yonke,” olwalukuyi-Phaphama! ka-February 22, 1993.