Intsha Iyabuza . . .
Ingabe Ngingenza Ngcono Esikoleni?
“Abazali bami bawazisa kabi amamaki. ‘Uthole amamaki amangaki esivivinyweni sezibalo? Uthole amamaki amangaki esivivinyweni sesiNgisi?’ Ngiyakuzonda lokho!”—uSam oneminyaka engu-13.
AKUYENA yedwa uSam onale nkinga. Ngempela, ababhali bencwadi ethi “Could Do Better” babhala: “Asikamtholi umzali ocabanga ukuthi ingane yakhe yenza konke okusemandleni ayo esikoleni.” Kodwa intsha eningi, njengoSam, inomuzwa wokuthi abazali bayo bayicindezela kakhulu ukuba ithuthukise umsebenzi wayo wesikole—mhlawumbe ngisho nokuba iphume phambili. Ingase ithole okunye ukucindezeleka ekilasini. “Othisha abanaso isineke ngokwanele,” kukhononda omunye oweve eshumini nambili. “Bafuna ubambe izinto ngekhanda zisuka nje futhi uma ungazibambi, bakwenza uzizwe uyisiwula. Ngakho-ke angizihluphi ngokuzama.”
Intsha ehlulekayo ukufinyelela lokho okulindelwe abazali nothisha ngokuvamile ibizwa ngokuthi iyizehluleki. Futhi cishe bonke abafundi bayaye behluleke esikoleni ngesinye isikhathi. Ngani? Ngokuthakazelisayo, akubangelwa ngaso sonke isikhathi ubuvila noma ukungabi nalo ikhono lokufunda.a
Okwenza Abanye Bahluleke
Kuyavunywa, uma kuziwa emsebenzini wesikole, kunenye intsha emane nje yaneliswe ukuthi iphumelele, ngaphandle kokuzikhandla. “Uma ngingenza okuncane ukuze ngiphumelele,” kuvuma uHerman oneminyaka engu-15, “ngimane ngenze kona.” Nokho, eqinisweni, akuyona yonke le ntsha engakunaki ukufunda. Kungase kube ukuthi esinye isifundo simane nje asiyithakazelisi. Bese kuba khona abanye abanenkinga yokubona inzuzo yalokho abakufundayo. UReuben oneminyaka engu-17 ubudala, ukubeka kanje: “Kunezifundo engineqiniso lokuthi ngeke ngizisebenzise uma sengiqedile esikoleni.” Ukungabi nasithakazelo noma umdlandla kungase kuholele kalula ekuhlulekeni.
Zikhona nezinye izici. Ngokwesibonelo, uma uthisha eshesha kakhulu kunawe, ungase ukhungatheke. Uma enensa, uzocikeka. Ukucindezela kontanga nako kungayithonya indlela ophumelela ngayo esikoleni. Incwadi ethi Kids Who Underachieve iyachaza: “Uma ingane ekhaliphile esikoleni ifuna ukuzwana neqembu lontanga elingakhaliphile, ingase izizwe iphoqelekile ukuba ithole amamaki aphansi.” Ngakho-ke, omunye oweve eshumini nambili wakhononda ngokuthi lapho ezikhandla eminyakeni yakhe yokuqala esikoleni, abanye babeba nomona futhi bamenze inhlekisa. Yebo, intsha ingase ibhekane ngokoqobo nokusebenza kwesimiso esitholakala kuzAga 14:17: “Umuntu onamakhono okucabanga uyazondwa.”
Ngezinye izikhathi, umsuka wokwehluleka ujule kakhulu. Ngokudabukisayo, enye intsha ikhula izicabangela kabi. Lokhu kungenzeka uma ingane ivame ukugconwa ngamagama angemahle, njengokuthi unwabu, isiwula noma uvilavoco. Ngeshwa, ingase iphile ngokuvumelana nalawa magama. Njengoba omunye udokotela asho, “uma utshelwa ukuthi uyisiwula bese ukukholelwa, uzoba yiso ngempela.”
Ngokuvamile, ukubelesela kwabazali nothisha kunezinhloso ezinhle. Nokho, ngisho noma kunjalo, intsha ingase ibe nomuzwa wokuthi ifunwa okungaphezu kwamandla. Uma kunjalo nangawe, qiniseka ukuthi abazali bakho kanye nothisha abazami ukukucasula ngokukubelesela. Mhlawumbe bamane bafuna ukuba wenze konke okusemandleni. Nokho, ukukhathazeka kokwenza lokho abakufunayo kungase kukwenze uzizwe ufuna ukumane uyeke. Kodwa ungapheli amandla: Ungenza ngcono esikoleni.
Ukuba Nomdlandla
Isinyathelo sokuqala ukuba nomdlandla! Ukuze wenze lokho, kudingeka ube nenjongo kulokho okufundayo. IBhayibheli lithi: “Umuntu olimayo kufanele alime ngethemba nomuntu obhulayo kufanele enze kanjalo ngethemba lokuba ngodlayo.” (1 Korinte 9:10) Ukubona ukubaluleka ‘kokulima’ ezifundweni ezithile akulula ngaso sonke isikhathi. Ngokwesibonelo, ungase uthi, ‘Ngifuna ukwenza izinhlelo ze-computer. Pho kungani kufanele ngifunde umlando?’
Kuyavunywa, akuyona yonke into esohlelweni lwezifundo zakho zesikole engabonakala ibalulekile—okungenani hhayi manje. Kodwa zama ukuba nombono wesikhathi eside esizayo. Imfundo evamile ezifundweni ezihlukahlukene iyokwenza uliqonde kangcono izwe elikuzungezile. Intsha eningi yoFakazi BakaJehova iye yathola ukuthi ulwazi olusabalele luye lwayisiza ukuba ‘ibe yizinto zonke kubantu bazo zonke izinhlobo,’ luyinikeza amakhono ahlukene ekushumayeleni isigijimi soMbuso kubantu bezizinda ezihlukene zokuphila. (1 Korinte 9:22) Ngisho noma isifundo sibonakala singenanzuzo, uyazuza ngokusazi. Okungenani, uyokwandisa ‘ikhono lakho lokucabanga,’ eliyokuzuzisa kakhulu ngokuhamba kwesikhathi.—IzAga 1:1-4.
Isikole singakwazi futhi ukwembula amakhono akho acashile. Umphostoli uPawulu wabhalela uThimothewu: “Sivuthele njengomlilo isipho sikaNkulunkulu esikuwe.” (2 Thimothewu 1:6) Ngokusobala uThimothewu wayemiswe kwenye inkonzo ekhethekile ebandleni lobuKristu. Kodwa ikhono lakhe ayelinikwe uNkulunkulu—“isipho” sakhe—lalidinga ukuhlakulelwa, kungenjalo lalizophupha liphele. Yiqiniso, amakhono akho asesikoleni awuwaphathisiwe ngokuqondile uNkulunkulu, njengoba kwakunjalo ngesipho sikaThimothewu. Nakuba kunjalo, amakhono onawo—kungaba awobuciko, umculo, izibalo, isayensi, noma omunye umkhakha—abalulekile kuwe, futhi isikole singakusiza ukuba uthole futhi uthuthukise amakhono anjalo.
Imikhuba Emihle Yokutadisha
Nokho, ukuze uzuze kakhulu esikoleni, uyodinga indlela enhle yokutadisha. (Qhathanisa neyabaseFilipi 3:16.) Hlela isikhathi esanele sokuhlanganisa ingxenye enkulu yalokho okutadishayo, kodwa yiba nesikhathi sokuphumula ukuze uqabuleke. Uma ukutadisha kwakho kuhlanganisa ukufunda, qala uhlole indaba ukuze uthole umqondo wayo. Okulandelayo, yenza imibuzo esekelwe ezihlokweni ezinkulu. Bese uyafunda, ufune izimpendulo zemibuzo yakho ngesikhathi ufunda. Okokugcina, bona ukuthi ungakusho yini ngekhanda lokho okufundile.
Hlobanisa lokho okufundayo nalokho okwaziyo. Ngokwesibonelo, isifundo sesayensi singaba isibuko esingenza ukuba ‘izimfanelo zikaNkulunkulu ezingabonakali zibonakale ngokucacile.’ (Roma 1:20) Isifundo somlando singakusiza ukuba uzibonele ngokwakho ubuqiniso balawa mazwi: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Njengoba uzikhandla ekutadisheni, uzothola ukuthi ukufunda kuba lula—kuthakazelisa nakakhulu! USolomoni waphawula: “Ukwazi kulula koqondayo.”—IzAga 14:6.
Gcina Isimo Sengqondo Esiqondile
Nokho, ngezinye izikhathi ukuhluleka kuhlotshaniswa nohlobo lwabangane umuntu alukhethayo. Abangane bakho bayakukhuthaza yini ukuba uphumelele, noma bona ngokwabo bayahluleka? Isaga seBhayibheli sithi: “Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.” (IzAga 13:20) Ngakho-ke khetha abangane bakho ngokuhlakanipha. Jwayelana nalabo abanesimo sengqondo esihle ngesikole. Ungangabazi ukuziyela mathupha kuthisha wakho uyoxoxa naye ngomgomo wakho wokuthuthukisa amamaki akho. Akungabazeki ukuthi uthisha wakho uyozama ngokusemandleni ukukusiza ukuba wenze kanjalo.
Uma uhlaselwa imicabango engaqondile ngamakhono akho, cabangela isibonelo somphostoli uPawulu. Lapho abantu begxeka ikhono lakhe lokukhuluma, waphendula: “Ngisho noma ngingenalo ikhono ekukhulumeni, ngokuqinisekile angiyena ongenalo olwazini.” (2 Korinte 10:10; 11:6) Yebo, uPawulu wagxila emakhonweni akhe, kunokuba agxile ebuthakathakeni. Ayini amakhono akho? Uma ungakwazi ukuwabona, kungani ungakhulumi nomuntu omdala owusizo? Umngane onjalo angakusiza ukuba ubone amakhono akho futhi ukwazi ukuwasebenzisa ngokunenzuzo.
Ukuthuthuka Naphezu Kwezinkinga
“Naka lezi zinto ngokugcwele nangawo wonke amandla akho ukuze intuthuko yakho igqame kubo bonke ukuba bayibone.” (1 Thimothewu 4:15, Phillips) Njengobaba ekhuluma nendodana yakhe, uPawulu wakhuthaza uThimothewu owayevele ephumelela ukuba athuthuke ngokwengeziwe enkonzweni yakhe. Ezikhathini zeBhayibheli isenzo sesiGreki esithi “thuthuka” ngokwezwi nezwi sasisho ukuthi “cabela phambili,” sisikhumbuza ngomuntu ozicabela indlela ehlathini. Ngezinye izikhathi, ukuya esikoleni kungase kubonakale kunjalo. Kodwa kuyoba lula kakhulu ukucaba indlela ngesikhathi usesesikoleni uma ucabanga ukuthi umvuzo ekugcineni muhle.
Umzamo, ukuba nomdlandla, nokufunda kuyahambisana. Ngokwesibonelo: Cabanga ngomuntu odlala insimbi yomculo. Uma ekujabulela, uyidlala kakhulu. Lapho eyidlala kakhulu, kulapho eyidlala kahle, abese ejabula kakhulu. Lapho sifunda kakhulu, kulapho kuba lula ukufunda okwengeziwe. Ngakho-ke ungapheli amandla ngomsebenzi wakho wesikole. Yenza umzamo odingekile, jwayelana nalabo abazokusiza wenze kahle kakhulu, bese ukhumbula futhi usebenzise amazwi ka-Azariya enkosini yasendulo u-Asa: “Zingadangali izandla zenu, ngokuba umsebenzi wenu uyakuba-nomvuzo wawo.”—2 IziKronike 15:7.
[Imibhalo waphansi]
a Intsha enenkinga yokufunda ingase ibhekane nezinselele ezinkulu kulesi sici. Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka i-Phaphama! ka-June 22, 1996, amakhasi 11-13.
[Isithombe ekhasini 21]
Ungangabazi ukuxoxa nothisha wakho ngomgomo wakho wokuthuthukisa amamaki akho
[Isithombe ekhasini 22]
Ngisho noma isifundo sibonakala singenanzuzo, uyazuza ngokusazi