IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi YeziKronike Zesibili
UKULANDISA kwencwadi yeBhayibheli yeziKronike Zesibili kuqala kubusa uSolomoni kwa-Israyeli. Le ncwadi iphetha ngamazwi kaKoresi, inkosi yasePheresiya, ekhuluma namaJuda adingiselwe eBhabhiloniya: “[UJehova] ngokwakhe ungithumé ukuba ngimakhele indlu eJerusalema, elikwaJuda. Noma ubani phakathi kwenu kubo bonke abantu bakhe, uJehova uNkulunkulu wakhe makabe naye. Ngakho makakhuphuke [aye eJerusalema].” (2 IziKronike 36:23) Le ncwadi yaqedwa umpristi u-Ezra ngo-460 B.C.E., futhi ihlanganisa iminyaka engu-500—kusukela ngo-1037 B.C.E. kuya ku-537 B.C.E.
Umyalo kaKoresi wenza amaJuda akwazi ukubuyela eJerusalema futhi avuselele ukukhulekelwa kukaJehova. Nokho, ukuba izithunjwa iminyaka eminingi eBhabhiloni kuwalimazile. La maJuda abuya ekudingisweni awawazi umlando wesizwe sakubo. Incwadi yeziKronike Zesibili iwachazela kafushane kodwa ngendlela ecacile izinto ezenzeka ngesikhathi kubusa amakhosi asohlwini lobukhosi lozalo lukaDavide. Lokhu kulandisa kuyasithakazelisa nathi ngoba kuqokomisa izibusiso umuntu azithola ngokulalela uNkulunkulu weqiniso nemiphumela yokungamlaleli.
INKOSI YAKHELA UJEHOVA INDLU
UJehova unikeza iNkosi uSolomoni izinto ezicelile—ukuhlakanipha nolwazi—ayiphe nengcebo nodumo. Inkosi yakhela uJehova indlu enhle kakhulu eJerusalema, futhi abantu ‘bayajabula futhi bename enhliziyweni.’ (2 IziKronike 7:10) USolomoni uba ‘mkhulu kunawo wonke amanye amakhosi omhlaba ngengcebo nangokuhlakanipha.’—2 IziKronike 9:22.
Ngemva kokubusa kwa-Israyeli iminyaka engaphezu kwengu-40, uSolomoni ‘ulala nokhokho bakhe futhi uRehobowamu indodana yakhe uqala ukubusa esikhundleni sakhe.’ (2 IziKronike 9:31) U-Ezra akakubhali ukuphambuka kukaSolomoni ekukhulekeleni kweqiniso. Ukuphela kwezinto ezimbi ezishiwoyo ngale nkosi ukuzithengela kwayo ngobuwula amahhashi amaningi eGibhithe nokushada kwayo nendodakazi kaFaro. Ngakho-ke ngokuyinhloko lo mbhali ulandisa izinto ezakhayo.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
2:14—Kungani incazelo yozalo lwengcweti echazwe lapha ingafani nesencwadini yoku-1 AmaKhosi 7:14? AmaKhosi Okuqala athi unina wale ngcweti ‘wayengumfelokazi wesizwe sakwaNafetali’ ngoba wayeshade nendoda yaleso sizwe. Kodwa yena empeleni wayengowesizwe sakwaDani. Ngemva kokufa komyeni wakhe, washada nendoda yaseThire, futhi le ngcweti yazalwa kulowo mshado.
2:18; 8:10—La mavesi athi inani lamaphini ayekhonza njengababonisi nezinduna ezazengamele abantu ababenza umsebenzi lalingu-3 600 kuhlanganise no-250, kanti eyoku-1 AmaKhosi 5:16; 9:23, ithi lalingu-3 300 kuhlanganise no-550. Kungani kunokungafani? Kubonakala sengathi umahluko usendleleni izigaba zala maphini ezihlelwe ngazo. Kungenzeka ukuthi iziKronike Zesibili zenza umahluko phakathi kwamaphini angu-3 600 ayengewona ama-Israyeli nangu-250 ayengama-Israyeli, kuyilapho amaKhosi Okuqala enza umahluko phakathi kwezinduna ezazengamela umsebenzi ezingu-3 300 kanye nabaqondisi abasezikhundleni eziphakeme abangu-550. Kunoma ikuphi, sebebonke abantu ababekhonza njengamaphini babengu-3 850.
4:2-4—Kungani kwasetshenziswa umfanekiso wezinkunzi lapho kwakhiwa isisekelo solwandle olubunjiwe? EmiBhalweni, izinkunzi ziwuphawu lwamandla. (Hezekeli 1:10; IsAmbulo 4:6, 7) Kuyafaneleka ukuba kube izinkunzi eziwumfanekiso ngoba izinkunzi zethusi ezingu-12 zazisekele lolu “lwandle” olukhulukazi olwalunesisindo esingamathani angaba ngu-30. Ukwenza lezi zinkunzi ngale njongo akuzange neze kube ukwephula umyalo wesibili owawenqabela ukwenza imifanekiso ngenjongo yokuyikhulekela.—Eksodusi 20:4, 5.
4:5—Ulwandle olubunjiwe lwalunomthamo ongakanani? Lapho lugcwele phama, lolu lwandle lwalungaqukatha amanzi angagcwala amabhathi angu-3 000, noma amalitha angaba ngu-66 000. Nokho, cishe ngokuvamile amanzi ayeba amalitha angu-44 000. Eyoku-1 AmaKhosi 7:26 ithi: “[Ulwandle] lwalungaqukatha amabhathi ayizinkulungwane ezimbili [amalitha angu-44 000].”
5:4, 5, 10—Iyiphi impahla eyayikade isetabernakele lokuqala eyalethwa ethempelini likaSolomoni? UMphongolo uwukuphela kwempahla eyayikade isetendeni lokuhlangana lokuqala eyagcinwa ethempelini likaSolomoni. Ngemva kokuphothulwa kwethempeli, itabernakele lathathwa eGibheyoni layiswa eJerusalema futhi kubonakala sengathi lagcinwa lapho.—2 IziKronike 1:3, 4.
Izifundo Esizitholayo:
1:11, 12. Isicelo sikaSolomoni sabonisa uJehova ukuthi le nkosi yayikufisa kakhulu ukuthola ukuhlakanipha nolwazi. Yebo, imithandazo yethu kuNkulunkulu yembula lokho okusezinhliziyweni zethu. Siyobe senza ukuhlakanipha lapho sikuhlolisisa esikusho emithandazweni yethu.
6:4. Ukuwazisa ngokujulile umusa wothando nokulunga kukaJehova kufanele kusishukumisele ukuba simtuse—okungukuthi, simdumise sibonise uthando nokubonga.
6:18-21. Nakuba kungenakwenzeka ukuba uNkulunkulu ahlale kunoma isiphi isakhiwo, ithempeli laliyisikhungo sokukhulekelwa kukaJehova. Namuhla, amaHholo OMbuso oFakazi BakaJehova ayizikhungo zokukhulekela kweqiniso emphakathini.
6:19, 22, 32. Noma ubani wayengaxhumana noJehova—kusukela enkosini kuya komncane kakhulu esizweni—ngisho nomuntu wezizwe owayeza kuye ngobuqotho.a—IHubo 65:2.
AMAKHOSI OHLU LUKADAVIDE NGOKULANDELANA KWAWO
Umbuso wakwa-Israyeli obumbene uhlukaniswa uba imibuso emibili—umbuso wezizwe eziyishumi osenyakatho kanye nombuso wakwaJuda noBhenjamini wezizwe ezimbili oseningizimu. Abapristi namaLevi kulo lonke elakwa-Israyeli babonisa ubuqotho babo esivumelwaneni soMbuso ngaphezu kobuzwe futhi baba sohlangothini lwendodana kaSolomoni uRehobowamu. Lineminyakana engaphezudlwana kwengu-30, ithempeli liphangwa amagugu akulo.
Emakhosini angu-19 abusa ngemva kukaRehobowamu, amahlanu ayathembeka, amathathu aqala ngokwethembeka kodwa abe nesiphetho esibi, futhi eyodwa iyaphenduka enkambweni yayo embi. Bonke-ke abanye ababusi benza okubi emehlweni kaJehova.b Kugcizelelwa kakhulu izinto ezenziwa amakhosi amahlanu abeka ithemba lawo kuJehova. Ukulandisa kukaHezekiya kokuvuselela izinkonzo zasethempelini nokulungiselela kukaJosiya iPhasika elikhulu kumelwe ukuba kwawakhuthaza kakhulu amaJuda ayefisa ukuphinde avuselele ukukhulekelwa kukaJehova eJerusalema.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
13:5—Isho ukuthini inkulumo ethi ‘isivumelwano sikasawoti’? Ngenxa yokuthi uvimbela ukubola, usawoti waba uphawu lokuhlala njalo nokungaguquguquki. Ngakho-ke ‘isivumelwano sikasawoti’ sisho isivumelwano esibophayo.
14:2-5; 15:17—Ingabe iNkosi u-Asa yazisusa zonke ‘izindawo eziphakeme’? Kusobala ukuthi ayizange. Kungenzeka ukuthi u-Asa wasusa kuphela izindawo eziphakeme ezazihlobene nokukhulekelwa konkulunkulu bamanga kodwa hhayi lezo abantu ababekhulekela uJehova kuzo. Kungenzeka futhi ukuthi izindawo eziphakeme zabuye zakhiwa ngasekupheleni kokubusa kuka-Asa. Indodana yakhe, uJehoshafati, yazisusa lezi zindawo eziphakeme. Empeleni izindawo eziphakeme azizange ziphele ngokuphelele, ngisho nangesikhathi kubusa uJehoshafati.—2 IziKronike 17:5, 6; 20:31-33.
15:9; 34:6—Isizwe sakwaSimeyoni sathatha luphi uhlangothi ngokuqondene nodaba lokuhlukaniswa kombuso wakwa-Israyeli? Ngenxa yokuthi sasithole njengefa imizi ehlukahlukene kwaJuda, isizwe sakwaSimeyoni sasihlala endaweni kaJuda noBhenjamini. (Joshuwa 19:1) Nokho, lesi sizwe sazibandakanya nombuso wasenyakatho ngokwenkolo nakwezombusazwe. (1 AmaKhosi 11:30-33; 12:20-24) Ngakho, uSimeyoni wayebalwa nombuso wezizwe eziyishumi.
16:13, 14—Ingabe isidumbu sika-Asa sashiswa? Cha, “ukushisela umngcwabo okukhulu ngokungaphezu kokuvamile” akubhekiseli ekushisweni kwesidumbu sika-Asa, kodwa ekushisweni kwezithako.—Umbhalo waphansi we-Reference Bible.
35:3—UJosiya wawulanda kuphi uMphongolo ongcwele owabe usuyiswa ethempelini? IBhayibheli alisho ukuthi uMphongolo wasuswa enye yamakhosi amabi noma ukuthi nguJosiya owawubeka kwenye indawo ukuze uphephe ngesikhathi kunomsebenzi omkhulu wokulungisa ithempeli. Ukuphela kwendawo lapho kukhulunywa khona ngoMphongolo ngemva kosuku lukaSolomoni yingesikhathi uJosiya ewuletha ethempelini.
Izifundo Esizitholayo:
13:13-18; 14:11, 12; 32:9-23. Yeka isibonelo esisitholayo sokubaluleka kokuncika kuJehova!
16:1-5, 7; 18:1-3, 28-32; 21:4-6; 22:10-12; 28:16-22. Ukwenza izivumelwano nabezizwe noma abantu abangakholwa kunemiphumela emibi kakhulu. Sisuke sihlakaniphile lapho sigwema noma ikuphi ukuhlangana okungadingekile nezwe.—Johane 17:14, 16; Jakobe 4:4.
16:7-12; 26:16-21; 32:25, 26. Ukuzidla kwenza iNkosi u-Asa yaziphatha ngendlela engafanele phakathi neminyaka yokugcina yokuphila kwayo. Umoya wokuzidla waholela ekuweni kuka-Uziya. UHezekiya wenza ngobuwula futhi mhlawumbe ngokuqhosha lapho ebonisa izithunywa zaseBhabhiloni ingcebo yakhe. (Isaya 39:1-7) IBhayibheli liyaxwayisa: “Ukuziqhenya kwandulela ukuphahlazeka, nomoya ozidlayo wandulela ukukhubeka.”—IzAga 16:18.
16:9. UJehova usiza labo abanhliziyo yabo iphelele kuye, futhi uzimisele ukusebenzisa amandla akhe ngenxa yabo.
18:12, 13, 23, 24, 27. Kumelwe sibe nesibindi njengoMikhaya lapho sikhuluma ngoJehova nangezinjongo zakhe.
19:1-3. UJehova ubheka okuhle kithi ngisho nalapho senza izinto ezimcasulayo ngezinye izikhathi.
20:1-28. Singaqiniseka ngokuthi uJehova uyozenza atholakale lapho sizithoba sifune isiqondiso kuye.—IzAga 15:29.
20:17. Ukuze ‘sibone insindiso kaJehova,’ kumelwe ‘sime ezindaweni zethu’ ngokuwusekela ngentshiseko uMbuso kaNkulunkulu. Kunokuzenzela izinto ngendlela yethu, kumelwe ‘sime,’ sithembele kuJehova ngokuphelele.
24:17-19; 25:14. Ukukhonza izithombe kwaba ugibe kuJehowashi nendodana yakhe u-Amaziya. Namuhla, ukukhonza izithombe kungalutha ngendlela efanayo, ikakhulukazi lapho kungezindlela ezicashile eziwukuhaha noma ubuzwe.—Kolose 3:5; IsAmbulo 13:4.
32:6, 7. Nathi kumelwe sibe nesibindi siqine njengoba ‘sigqoka zonke izembatho zempi ezivela kuNkulunkulu,’ futhi siqhubeke sisempini engokomoya.—Efesu 6:11-18.
33:2-9, 12, 13, 15, 16. Umuntu ubonisa ukuthi uphenduke ngempela ngokuyishiya inkambo engalungile futhi azimisele ukwenza okulungile. Lapho ephenduka ngeqiniso, ngisho nomuntu owenze ububi obunjengobeNkosi uManase angathola isihe sikaJehova.
34:1-3. Asikho isidingo sokuba izinto esabhekana nazo ebuntwaneni zisivimbele ekwazini uNkulunkulu nasekumkhonzeni. Ithonya elihle okungenzeka uJosiya walithola ekukhuleni kwakhe kungenzeka lavela kumkhulu wakhe owaphenduka, uManase. Noma imaphi amathonya amahle okungenzeka uJosiya wawathola, ekugcineni aveza imiphumela emihle. Kungaba njalo nakithi.
36:15-17. UJehova unesihawu futhi uyabekezela. Nokho, isihawu nokubekezela kwakhe kuhamba kuhambe kuphele. Kumelwe abantu bazilalele izindaba zoMbuso ezishunyayelwayo uma befuna ukusinda lapho uJehova eqeda lesi simiso sezinto esibi.
36:17, 22, 23. Izwi likaJehova liyafezeka njalo.—1 AmaKhosi 9:7, 8; Jeremiya 25:9-11.
Incwadi Yamenza Wathatha Isinyathelo
Eyesi-2 IziKronike 34:33 ithi: “UJosiya wasusa zonke izinto ezinengekayo kuwo wonke amazwe abantwana bakwa-Israyeli, futhi wenza ukuba bonke ababetholakala kwa-Israyeli baqale inkonzo, ukuba bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo.” Yini eyashukumisa uJosiya ukuba enze lokhu? Lapho uShafani unobhala eletha eNkosini uJosiya incwadi yoMthetho kaJehova eyayisanda kutholakala, inkosi yathi mayifundwe ngokuzwakalayo. Kwamthinta kakhulu uJosiya lokho akuzwa kangangokuthi wathuthukisa ngentshiseko ukukhulekela okuhlanzekile ukuphila kwakhe konke.
Ukufunda iZwi likaNkulunkulu sizindle ngalokho esikuthola kulo kungasithonya kakhulu. Ukuzindla ngomlando wamakhosi asohlwini lozalo lukaDavide akusikhuthazi yini ukuba silingise izibonelo zalawo athembela kuJehova futhi sigweme ukuziphatha njengalawo angazange athembele kuJehova? Incwadi yeziKronike Zesibili isishukumisela ukuba sizinikele kuphela kuNkulunkulu weqiniso futhi sihlale sithembekile kuye. Umyalezo wale ncwadi uyaphila impela futhi unamandla.—Hebheru 4:12.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole izimpendulo zemibuzo maqondana nokunikezelwa kwethempeli nezinye izifundo esingazithola emthandazweni kaSolomoni awenza kuleso senzakalo, bheka INqabayokulinda ka-July 1, 2005, amakhasi 28-31.
b Ukuze ubone uhlu lwamakhosi akwaJuda ngokulandelana kwawo, bheka INqabayokulinda ka-August 1, 2005, ikhasi 12.
[Isithombe ekhasini 18]
Uyazi yini ukuthi kungani izinkunzi zaba umfanekiso ofanelekayo esisekelweni solwandle olubunjiwe?
[Izithombe ekhasini 21]
Nakuba luluncane usizo aluthola esemncane, uJosiya wakhula wathembeka kuJehova