Uyigugu Emehlweni KaNkulunkulu!
“Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.”—JEREMIYA 31:3.
1. Isimo sengqondo sikaJesu ngabantu abavamile bosuku lwakhe sasihluke kanjani kwesabaFarisi?
BABENGAKUBONA emehlweni ayo. Lendoda, uJesu, yayingafani neze nabaholi babo benkolo; yayikhathalela. Yayinesihawu ngalababantu ngoba ‘babephundlekile futhi behlakazekile njengezimvu ezingenamalusi.’ (Mathewu 9:36) Abaholi babo benkolo kwakumelwe babe abelusi abanothando abamelela uNkulunkulu onothando nesihe. Kunalokho, babebeya abantu abavamile bebabheka njengabantu nje besigaba esiphansi—nabaqalekisiwe!a (Johane 7:47-49; qhathanisa noHezekeli 34:4.) Ngokusobala, isimo sengqondo esinjalo esisontekile esingesona esingokombhalo sasihluke kakhulu embonweni kaJehova ngabantu bakhe. Wayetshele isizwe sakhe, u-Israyeli ukuthi: “Ngikuthandile ngothando oluphakade.”—Jeremiya 31:3.
2. Abangane bakaJobe abathathu bazama kanjani ukumenza akholelwe ukuthi wayengelutho emehlweni kaNkulunkulu?
2 Nokho, abaFarisi babengebona neze abantu bokuqala ukuzama ukwenza izimvu zikaJehova ezithandekayo zikholelwe ukuthi zazingelutho. Cabangela indaba kaJobe. KuJehova wayelungile futhi engenasici, kodwa “abaduduzi” abathathu basikisela ukuthi uJobe wayeyisihlubuki esiziphethe kabi, esikhohlakele esasizofa singashiyi ngisho nomncane umkhondo waso. Bagomela ngokuthi uNkulunkulu wayengasoze akwazisa noma ikuphi ukulunga okwakwenziwa uJobe, njengoba uNkulunkulu ayengazethembi ngisho nezingelosi zakhe uqobo futhi ebheka izulu ngokwalo njengelingahlanzekile!—Jobe 1:8; 4:18; 15:15, 16; 18:17-19; 22:3.
3. Iziphi izindlela uSathane azisebenzisayo namuhla ukuze azame ukwenza abantu bakholelwe ukuthi abalutho futhi abathandeki?
3 Namuhla, uSathane usasebenzisa ‘lesisenzo sobuqili’ sokuzama ukwenza abantu bakholelwe ukuthi abathandwa futhi abalutho. (Efesu 6:11, umbhalo waphansi we-NW.) Yiqiniso, ngokuvamile uyenga abantu ngokubenza bavukwe ukuzikhukhumeza nokuqhosha. (2 Korinte 11:3) Kodwa futhi uyakujabulela ukuchitha ukuzihlonipha kwabangavikelekile. Lokhu kunjalo ikakhulukazi ‘kulezizinsuku zokugcina’ ezibucayi. Abaningi namuhla bakhulela emikhayeni ‘engenakho ukusondelana ngokomzwelo okungokwemvelo’; abaningi kudingeka babhekane nsuku zonke nalabo abanolaka, abanobugovu, nabanenkani. (2 Thimothewu 3:1-5) Kungenzeka ukuthi iminyaka eminingi yokuphathwa kabi, ubuzwe, inzondo, noma ukuxhashazwa iye yabangela abantu abanjalo ukuba baqiniseke ukuthi abalutho futhi abathandeki. Enye indoda yabhala: “Angizizwa ngithanda noma ngithandwa yinoma ubani. Ngikuthola kunzima kakhulu ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu uyangikhathalela.”
4, 5. (a) Kungani umbono wokuzizwa komuntu engelutho uphikisana nemiBhalo? (b) Imuphi omunye umphumela oyingozi wokukholelwa kwethu ukuthi yonke imizamo yethu iyize?
4 Umbono wokuzizwa komuntu engelutho ulichitha ngokuphelele iqiniso leZwi likaNkulunkulu, imfundiso yesihlengo. (Johane 3:16) Uma uNkulunkulu ayengakhokha inani eliphakeme kangaka—ukuphila okuyigugu kweNdodana yakhe siqu—ukuze asivulele ithuba lokuphila okuphakade, ngokuqinisekile kumelwe ukuba uyasithanda; ngokuqinisekile kumelwe ukuba sinokubaluleka okuthile emehlweni aKhe!
5 Ngaphezu kwalokho, yeka ukuthi bekungaba okudumaza kanjani ukuba nomuzwa wokuthi asijabulisi kuNkulunkulu, ukuthi yonke imizamo yethu iyize! (Qhathanisa nezAga 24:10.) Sinalombono ophambene, ngisho nesikhuthazo esinikezwa ngezisusa ezinhle, esiklanyelwe ukusisiza ukuba siqhubekisele phambili inkonzo yethu kuNkulunkulu lapho kungenzeka khona, kwabanye bethu singase sizwakale siwukusolwa kunesikhuthazo. Singase sibonakale njengesinanela ukuqiniseka kwethu siqu kwangaphakathi kokuthi noma yini esiyenzayo ayanele.
6. Iliphi ikhambi elingcono kakhulu lemicabango ephambene ngokweqile ngathi ngokwethu?
6 Uma uzwa imizwa enjalo ephambene kuwe, ungaphelelwa ithemba. Iningi lethu lizigxeka ngokungenangqondo ngezinye izikhathi. Futhi khumbula, iZwi likaNkulunkulu liklanyelwe ‘ukuqondisa izinto’ ‘nokugumbuqela izinto ezibiyelwe ngokuqinile.’ (2 Thimothewu 3:16; 2 Korinte 10:4) Umphostoli uJohane wabhala: “Ngalokhu siyokwazi ukuthi sisuka eqinisweni, futhi siyoqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe ngokuqondene nanoma yini inhliziyo yethu engase isilahle kuyo, ngoba uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu futhi wazi zonke izinto.” (1 Johane 3:19, 20) Khona-ke, ake sicabangele izindlela ezintathu iBhayibheli elisifundisa ngazo ukuthi siyigugu kuJehova.
UJehova Uyakwazisa
7. UJesu wawafundisa kanjani wonke amaKristu ngokubaluleka kwawo emehlweni kaNkulunkulu?
7 Okokuqala, iBhayibheli lifundisa ngokuqondile ukuthi ngamunye wethu ubalulekile emehlweni kaNkulunkulu. UJesu wathi: “Ondlunkulu abahlanu bathengiswa ngezinhlamvu zemali ezimbili zenani elincane, akunjalo? Nokho akukho noyedwa kubo olibalekayo phambi kukaNkulunkulu. Kodwa ngisho nezinwele zamakhanda enu zibaliwe zonke. Ningesabi; nina nibaluleke ngaphezu kondlunkulu abaningi.” (Luka 12:6, 7) Ngalezozinsuku, undlunkulu wayeyinyoni ebiza imali encane kakhulu ezinyonini ezazithengiswa njengokudla, nokho akukho namunye wabo owayengaqashelwa uMdali wakhe. Ngaleyondlela kubekwa isisekelo sokuqhathanisa okusangulukisayo: Lapho kuziwa kubantu—ababaluleke kakhulu, kakhulu nangokwengeziwe—uNkulunkulu wazi yonke imininingwane. Kunjengokungathi zona kanye izinwele zamakhanda ethu zibaliwe ngazinye!
8. Kungani kunengqondo ukucabanga ukuthi uJehova angazibala izinwele zamakhanda ethu?
8 Izinwele zibaliwe? Uma usola ukuthi lesisici somfanekiso kaJesu asiyona into enengqondo, cabangela lokhu: UNkulunkulu uzikhumbula ngokuphelele izinceku zakhe ezithembekile kangangokuba uyakwazi ukuzivusa—azidale kabusha ezicini zonke, kuhlanganise nezici zazo zofuzo eziyinkimbinkimbi nayo yonke iminyaka yazo yenkumbulo nokuhlangenwe nakho. Ukubala izinwele zethu (njengoba ikhanda elilingene limila izinwele ezingaba ngu-100 000) kungaba isenzo esilula kakhulu uma kuqhathaniswa!—Luka 20:37, 38.
Yini UJehova Ayibonayo Kithi?
9. (a) Iziphi ezinye izimfanelo uJehova azazisayo? (b) Kungani ucabanga ukuthi izimfanelo ezinjalo ziyigugu kuye?
9 Okwesibili, iBhayibheli lisifundisa lokho uJehova akwazisayo kithi. Kalula nje, uyajabula ngezimfanelo zethu ezinhle nangemizamo yethu. INkosi uDavide yatshela indodana yayo uSolomoni: “UJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango.” (1 IziKronike 28:9) Njengoba uNkulunkulu ehlola izigidigidi zezinhliziyo zabantu kulelizwe eligcwele ubudlova, nenzondo, yeka ukuthi kumelwe ukuba ujabula kanjani lapho ethola inhliziyo ethanda ukuthula, iqiniso, nokulunga! (Qhathanisa noJohane 1:47; 1 Petru 3:4.) Kwenzekani lapho uNkulunkulu ethola inhliziyo echichima uthando ngaye, efuna ukufunda ngaye futhi ihlanganyele ulwazi olunjalo nabanye? KuMalaki 3:16, uJehova usitshela ukuthi uyabalalela labo abakhuluma nabanye ngaye futhi uze ‘unanencwadi yokukhumbula’ bonke labo ‘abamesabayo uJehova, abazindla ngegama lakhe.’ Izimfanelo ezinjalo ziyigugu kuye!
10, 11. (a) Abanye bangase bathambekele kanjani ekubeni bangabunaki ubufakazi bokuthi uJehova uyazazisa izimfanelo zabo ezinhle? (b) Isibonelo sika-Abiya sibonisa kanjani ukuthi uJehova uyazazisa izimfanelo ezinhle kungakhathaliseki ukuthi zingakanani?
10 Nokho, inhliziyo ezilahlayo, ingase ibenqabe ubufakazi obunjalo bokubaluleka kwethu emehlweni kaNkulunkulu. Ingase isinyenyezele ngokuphikelelayo ithi, ‘Kodwa kunabaningi abayisibonelo ngokwengeziwe kulezozimfanelo kunami. Yeka ukuthi kumelwe ukuba uJehova uzizwa edumele kanjani lapho engiqhathanisa nabo!’ UJehova akaqhathanisi, futhi akayena umuntu ocabanga ngendlela elukhuni, ofuna konke. (Galathiya 6:4) Ufunda izinhliziyo zethu ngokuqonda okukhulu, futhi uyazazisa izimfanelo ezinhle kuwo wonke amazinga.
11 Ngokwesibonelo, lapho uJehova ekhipha umyalo wokuthi lonke uhlanga lwamakhosi oluyizihlubuki lweNkosi uJerobowamu kwakumelwe lunqunywe, lususwe ngokuphelele ‘njengomquba,’ wayala ukuba eyodwa kuphela yamadodana enkosi, u-Abiya, ingcwatshwe kahle. Ngani? ‘Kwakufunyenwe kuyo okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.’ (1 AmaKhosi 14:10, 13) Ingabe lokhu kwakusho ukuthi u-Abiya wayengumkhulekeli kaJehova othembekile? Akunjalo ngempela, ngoba wafa, njengoba nabo bonke abendlu yakhe ababi bafa. (Duteronomi 24:16) Nakuba kunjalo, uJehova wayekwazisa “okuhle” ayekuboné enhliziyweni ka-Abiya futhi wenza ngokuvumelana nakho. I-Matthew Henry’s Commentary on the Whole Bible iyaphawula: “Lapho kunentwana ethile enhle yalolohlobo, iyotholwa: uNkulunkulu oyifunayo, uyayibona, kungakhathaliseki ukuthi incane kangakanani, futhi iyamjabulisa.” Futhi ungakhohlwa ukuthi uma uNkulunkulu ethola ngisho nesilinganiso esincane semfanelo enhle kuwe, angasenza ukuba sikhule uma nje wenza umzamo wokumkhonza ngokwethembeka.
12, 13. (a) IHubo 139:3 libonisa kanjani ukuthi uJehova uyayazisa imizamo yethu? (b) Kungamuphi umqondo kungase kuthiwe uJehova uhlunga imisebenzi yethu?
12 UJehova wazisa imizamo yethu ngendlela efanayo. KuyiHubo 139:1-3, siyafunda: “Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi. Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami, uqonda umcabango wami ukude. Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami.” Ngakho uJehova uyakuqaphela konke esikwenzayo. Kodwa wenza okungaphezu kokuqaphela nje. NgesiHeberu amazwi athi “wazana nezindlela zonke zami” angase futhi abe nencazelo yokuthi “uzibheka njengeziyigugu zonke izindlela zami” noma “uyazazisa zonke izindlela zami.” (Qhathanisa noMathewu 6:19, 20.) Nokho, uJehova angazazisa kanjani izindlela zethu kuyilapho singaphelele futhi sinesono kangaka?
13 Ngokuthakazelisayo, ngokwezinye izazi, lapho uDavide ebhala ukuthi uJehova ‘wayephenye’ ukuhamba kwakhe nezinkathi zokuphumula kwakhe, isiHeberu ngokwezwi nezwi sasisho “ukuhlunga” noma “ukwela.” Enye incwadi yezikhombo yaphawula: “Kusho . . . ukwela wonke amakhoba, nokushiya zonke izinhlamvu—ukulondoloza konke okuwusizo. Ngakho lapha kusho ukuthi uNkulunkulu, ngokomfanekiso, wamhlunga. . . . Wahlukanisa konke okwakungamakhoba, noma konke okwakungenalusizo, futhi wabona lokho okwakusele okwakungokoqobo nokubalulekile.” Inhliziyo ezilahlayo ingase ihlunge izenzo zethu ngendlela ephambene, isilahle ngokungenasihe ngamaphutha esikhathi esidlule futhi ikushaye indiva esikufezile njengokuyize. Kodwa uJehova uyazithethelela izono zethu uma siphenduka ngobuqotho futhi silwa kanzima ukuze singawaphindi amaphutha ethu. (IHubo 103:10-14; IzEnzo 3:19) Uyayihlunga futhi ayikhumbule imisebenzi yethu emihle. Eqinisweni, uyikhumbula phakade uma nje sihlala sithembekile kuye. Ubeyokubheka njengokungalungile ukukhohlwa yilemisebenzi, futhi akalokothi abe ongalungile!—Heberu 6:10.
14. Yini ebonisa ukuthi uJehova uyawazisa umsebenzi wethu enkonzweni yobuKristu?
14 Imiphi eminye yemisebenzi emihle uNkulunkulu ayazisayo? Cishe noma yini esiyenzayo lapho silingisa iNdodana yakhe, uJesu Kristu. (1 Petru 2:21) Khona-ke, ngokuqinisekile omunye umsebenzi obaluleke kakhulu ukusakaza izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. KweyabaseRoma 10:15, siyafunda: “Yeka ukuthi zibukeka kahle kanjani izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!” Nakuba ngokuvamile singenakucabanga ngezinyawo zethu eziphansi ‘njengezibukeka kahle,’ igama elasetshenziswa uPawulu lapha kwakuyigama elifanayo nalelo elasetshenziswa enguqulweni yesiGreki i-Septuagint ukuchaza uRebeka, uRaheli, noJosefa—bobathathu ababephawuleka ngobuhle babo. (Genesise 26:7; 29:17; 39:6) Ngakho ukuhlanganyela kwethu enkonzweni kaNkulunkulu wethu, uJehova, kuhle kakhulu futhi kuyigugu emehlweni akhe.—Mathewu 24:14; 28:19, 20.
15, 16. Kungani uJehova ekwazisa ukukhuthazela kwethu, futhi amazwi eNkosi uDavide kuyiHubo 56:8 aligcizelela kanjani leliqiniso?
15 Enye imfanelo uNkulunkulu ayazisayo ukukhuthazela kwethu. (Mathewu 24:13) Khumbula, uSathane ufuna ukuba ufulathele uJehova. Usuku ngalunye ohlala uthembekile ngalo kuJehova lungolunye usuku oye wasiza ngalo ekunikezeni impendulo ekusoleni kukaSathane. (IzAga 27:11) Ngezinye izikhathi ukukhuthazela akulula. Izinkinga zempilo, omaye abangokwezimali, ukucindezeleka okungokomzwelo, nezinye izithiyo kungenza usuku ngalunye oludlulayo lube oluvivinyayo. Ukukhuthazela naphezu kovivinyo olunjalo kuyigugu ngokukhethekile kuJehova. Yingakho iNkosi uDavide yacela uJehova ukuba alondoloze izinyembezi zayo “egabheni” elingokomfanekiso, ibuza ngokuqiniseka, “Azikho encwadini yakho na?” (IHubo 56:8) Yebo, uJehova uyazazisa futhi uyazikhumbula zonke izinyembezi nokuhlupheka esikukhuthazelelayo ekulondolozeni ukuthembeka kwethu kuye. Nazo ziyigugu emehlweni akhe.
16 Ngenxa yezimfanelo zethu ezinhle nemizamo yethu, yeka ukuthi kusobala kanjani ukuthi uJehova uthola okuningi kokukwazisa komunye nomunye wethu! Kungakhathaliseki ukuthi izwe likaSathane liye lasiphatha kanjani, uJehova usibheka njengabayigugu nanjengabayingxenye ‘yokunxanelekayo kwabo bonke abezizwe.’—Hagayi 2:7.
Lokho UJehova Aye Wakwenza Ukuze Abonise Uthando Lwakhe
17. Kungani umhlatshelo kaKristu wesihlengo kufanele usiqinisekise ukuthi uJehova noJesu bayasithanda ngokwabantu ngabanye?
17 Okwesithathu, uJehova wenza okuningi ukuze afakazele uthando lwakhe ngathi. Ngokuqinisekile, umhlatshelo kaKristu wesihlengo uyimpendulo enamandla kakhulu emangeni obusathane okuthi asilutho noma asithandeki. Masingalokothi neze sikhohlwe ukuthi ukufa okubuhlungu kakhulu uJesu abhekana nakho esigxotsheni sokuhlushwa futhi ngisho nobuhlungu obukhulu kakhulu uJehova abukhuthazelela lapho ebukela ukufa kweNdodana yakhe ethandekayo kwakuwubufakazi bothando lwabo ngathi. Ngaphezu kwalokho, lolothando lusebenza kithi ngabanye. Umphostoli uPawulu wayelubheka ngaleyondlela, ngoba wabhala: ‘INdodana kaNkulunkulu yangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.’—Galathiya 2:20.
18. Kungamuphi umqondo uJehova esisondeza kuKristu?
18 UJehova uye wafakazela uthando lwakhe ngathi ngokusisiza ngabanye ukuba sizisebenzise ngokugcwele izinzuzo zomhlatshelo kaKristu. KuJohane 6:44 uJesu wathi: “Akekho umuntu ongeza kimi ngaphandle kokuba uBaba ongithumile, emdonsa.” Ngomsebenzi wokushumayela, ofinyelela kithi ngabanye, nangomoya wakhe ongcwele, uJehova awusebenzisayo ukuze asisize siqonde futhi sisebenzise amaqiniso angokomoya naphezu kokulinganiselwa nokungapheleli kwethu, uJehova ngokwakhe usisondeza eNdodaneni yakhe nasethembeni lokuphila okuphakade. Ngakho-ke uJehova angase asho lokhu ngathi njengoba asho ngo-Israyeli: “Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.”—Jeremiya 31:3.
19. Kungani ilungelo lomthandazo kufanele lisiqinisekise ngothando lomuntu siqu uJehova analo ngathi?
19 Nokho, mhlawumbe sizwa uthando lukaJehova ngendlela eseduze kakhulu ngenxa yelungelo lomthandazo. Umema ngamunye wethu ukuba ‘athandaze ngokungaphezi’ kuye. (1 Thesalonika 5:17) Uyalalela! Uze abizwe nangokuthi “ozwayo imikhuleko.” (IHubo 65:2) Akazange asinikeze noma imuphi umuntu lesisikhundla, akasinikanga ngisho neNdodana yakhe siqu. Cabanga nje: UMdali wendawo yonke usinxusa ukuba sisondele kuye ngomthandazo, ngenkululeko yokukhuluma. Ukunxusa kwakho kungase kushukumisele uJehova ukuba enze ngisho nalokho abengenakukwenza.—Heberu 4:16; Jakobe 5:16; bheka u-Isaya 38:1-16.
20. Kungani uthando uNkulunkulu analo ngathi lungezona izaba zokuzibheka njengababalulekile noma zokuzazisa?
20 Akekho umKristu olinganiselayo oyothatha lobobufakazi bothando lukaNkulunkulu nokwazisa njengezaba zokuzibheka njengobaluleke kakhulu kunokuba enjalo ngempela. UPawulu wabhala: “Ngomusa ongafanelwe engiwuphiwe ngitshela wonke umuntu lapho phakathi kwenu ukuba angazicabangeli ngaphezu kwalokho okudingeke ukuba akucabange; kodwa acabange ukuze abe nengqondo ehluzekile, yilowo nalowo njengoba uNkulunkulu emabele isilinganiso esithile sokholo.” (Roma 12:3) Ngakho nakuba sithola injabulo othandweni lukaBaba wethu wasezulwini olufudumele, masihluzeke engqondweni futhi sikhumbule ukuthi umusa wothando kaNkulunkulu awufanelwe.—Qhathanisa noLuka 17:10.
21. Imaphi amanga obusathane okumelwe siqhubeke simelana nawo, futhi iliphi iqiniso laphezulu okumelwe sizindle ngalo njalo?
21 Makuthi ngabanye senze konke okusemandleni ethu ukuze simelane nayo yonke imibono uSathane ayikhuthazayo kulelizwe elidala elifayo. Lokhu kuhlanganisa ukunqaba umqondo wokuthi asilutho noma asithandwa. Uma ukuphila kulesisimiso kuye kwakufundisa ukuba uzibheke njengesithiyo esikhulu esingenakunqotshwa ngisho nawuthando olukhulukazi lukaNkulunkulu, noma ukuthi imisebenzi yakho emihle iyize leze ukuba ngisho namehlo akhe abona konke angayiqaphela, noma ukuthi izono zakho ziningi kakhulu ukuba ngisho nokufa kweNdodana yakhe eyigugu kungazisibekela, uye wafundiswa amanga. Wenqabe amanga anjalo ngokuwenyanya okukhulu okuwafanele! Masiwakhumbule njalo amazwi aphefumulelwe kamphostoli uPawulu akweyabaseRoma 8:38, 39: “Ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila nazingelosi nawohulumeni nazinto ezikhona manje nazinto ezizayo namandla nakuphakama nakujula nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.”
[Umbhalo waphansi]
a Eqinisweni, babebashaya indiva abampofu ngokubabiza ngegama lokubeya elithi “ʽam-ha·ʼaʹrets,” noma “abantu bezwe.” Ngokwesinye isazi, abaFarisi babefundisa ukuthi kwakungamelwe ubethembe laba ngezinto eziyigugu, futhi ungabuthembi ubufakazi babo, noma ubabungaze njengezimenywa, noma ube isimenywa sabo, noma uthenge ngisho nokuthenga kubo. Abaholi benkolo bathi ukushadisa indodakazi yakho nomunye walababantu kwakuyofana nokuyinikela esilweni iboshiwe futhi ingenakuzisiza.
Ucabangani?
◻ Kungani uSathane ezama ukusenza sikholelwe ukuthi asilutho futhi asithandwa?
◻ UJesu wafundisa kanjani ukuthi uJehova wazisa ngamunye wethu?
◻ Sazi kanjani ukuthi uJehova uyazazisa izimfanelo zethu ezinhle?
◻ Singaqiniseka kanjani ukuthi uJehova uyayazisa imizamo yethu?
◻ UJehova uye walufakazela kanjani uthando lwakhe ngathi ngabanye?
[Isithombe ekhasini 13]
UJehova uyabaqaphela futhi ubakhumbula bonke labo abazindla ngegama lakhe