Eyokuqala KaPetru
5 Ngakho-ke, njengomdala okanye nani, ufakazi wezinhlupheko zikaKristu nomhlanganyeli wenkazimulo eyokwambulwa, + nginxusa* abadala phakathi kwenu, ngithi: 2 Yalusani umhlambi kaNkulunkulu + eniwuphathisiwe, niwuqaphe ngokucophelela,* kungabi ngokucindezelwa kodwa ngokuzithandela phambi kukaNkulunkulu; + kungabi ngenxa yothando lwenzuzo yokungathembeki, + kodwa ngokulangazela; 3 ningabi yizingqongqo phezu kwalabo abayifa likaNkulunkulu, + kodwa nibe yizibonelo emhlanjini. + 4 Lapho umalusi omkhulu + esebonakalisiwe, niyokwamukela umqhele wenkazimulo ongabuni. +
5 Ngendlela efanayo, nina zinsizwa, zithobeni emadodeni amadala. + Kodwa nonke gqokani* ukuthobelana,* ngoba uNkulunkulu uyamelana nabaziphakamisayo, kodwa abathobekile ubapha umusa omkhulu. +
6 Ngakho zithobeni ngaphansi kwesandla sikaNkulunkulu esinamandla, ukuze aniphakamise ngesikhathi esifanele, + 7 niphonse zonke izinkathazo zenu kuye, + ngoba uyanikhathalela. + 8 Hlalani nisangulukile, qaphani! + Isitha senu, uDeveli, sizulazula njengebhubesi elibhongayo, sifuna esingamshwabadela. + 9 Kodwa melanani naye, + niqine okholweni, nazi ukuthi izinhlupheko ezifanayo zehlela yonke inhlangano yabazalwane benu* emhlabeni. + 10 Kodwa ngemva kokuba senihluphekile isikhashana, uNkulunkulu wawo wonke umusa omkhulu, owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade + ngoKristu, yena ngokwakhe uyoqedela ukuqeqeshwa kwenu. Uyonenza niqine, + uyonenza nibe namandla, + uyonisekela. 11 Amandla mawabe kuye kuze kube phakade. Amen.
12 NgoSilvanu, *+ engimbheka njengomzalwane othembekile, nginibhalele amazwi ambalwa ukuze nginikhuthaze nokuba nginiqinisekise ukuthi lo yiwo ngempela umusa omkhulu kaNkulunkulu. Yimani niqine kuwo. 13 Owesifazane oseBhabhiloni, okhethiwe njengani, uyakhonza kini, kanjalo noMarku + indodana yami. 14 Bingelelanani ngokuqabulana ngothando.
Kwangathi nonke nina enimunye noKristu ningaba nokuthula.