112 Dumisani uJah!+
א [ʼAʹleph]
Uyajabula umuntu owesaba uJehova,+
ב [Behth]
Oyijabulele+ kakhulu imiyalo yakhe.+
ג [Giʹmel]
2 Inzalo yakhe iyoba namandla emhlabeni.+
ד [Daʹleth]
Isizukulwane sabaqotho sona, siyobusiswa.+
ה [Heʼ]
3 Izinto zenani elikhulu nengcebo kusendlini yakhe;+
ו [Waw]
Ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade.+
ז [Zaʹyin]
4 Ubanekile ebumnyameni njengokukhanya kubantu abaqotho.+
ח [Chehth]
Unomusa unesihe futhi ulungile.+
ט [Tehth]
5 Muhle umuntu onomusa+ futhi obolekisayo.+
י [Yohdh]
Usekela izindaba zakhe ngobulungisa.+
כ [Kaph]
6 Ngoba ngeke nanini antengantengiswe.+
ל [Laʹmedh]
Olungileyo uyokhunjulwa kuze kube nini nanini.+
מ [Mem]
7 Ngeke esabe ngisho nezindaba ezimbi.+
נ [Nun]
Inhliziyo yakhe igxilile,+ yenziwé yathembela kuJehova.+
ס [Saʹmekh]
8 Inhliziyo yakhe ayinakunyakaziswa;+ ngeke esabe,+
ע [ʽAʹyin]
Aze abukele abaphikisana naye.+
פ [Peʼ]
9 Wabile kabanzi; ubaphile abampofu.+
צ [Tsa·dhehʹ]
Ukulunga kwakhe kumi kuze kube phakade.+
ק [Qohph]
Uphondo lwakhe luyophakanyiswa ngenkazimulo.+
ר [Rehsh]
10 Omubi uyobona ngokuqinisekile akhathazeke.+
ש [Shin]
Uyogedla amazinyo akhe empeleni ancibilike.+
ת [Taw]
Isifiso sababi siyoshabalala.+