Luka
21 Manje njengoba ephakamisa amehlo wabona abacebile bephonsa izipho zabo emabhokisini omnikelo.+ 2 Khona-ke wabona umfelokazi othile oswele ephonsa lapho izinhlamvu zemali ezimbili ezincane ezinenani elincane kakhulu,+ 3 wathi: “Nginitshela iqiniso, Lo mfelokazi, nakuba empofu, uphonse okungaphezu kokuphonswe yibo bonke.+ 4 Ngoba bonke laba baphonse izipho ezivela enaleni yabo, kodwa lona wesifazane ekusweleni kwakhe uphonse konke abenakho abeziphilisa ngakho.”+
5 Kamuva, njengoba abanye bekhuluma ngethempeli, indlela elalihlotshiswe ngayo ngamatshe amahle nangezinto ezinikezelwe,+ 6 wathi: “Lezi zinto enizibonayo, kuzofika izinsuku okungeke kushiywe ngazo lapha itshe phezu kwetshe lingadilizelwa phansi.”+ 7 Khona-ke bambuza, bathi: “Mfundisi, empeleni ziyokwenzeka nini lezi zinto, futhi siyoba yini isibonakaliso sesikhathi lezi zinto ezimiselwe ukwenzeka ngaso?”+ 8 Wathi: “Qaphelani ukuba ningadukiswa;+ ngoba baningi abayokuza ngegama lami, bethi, ‘Nginguye,’ bethi futhi, ‘Isikhathi esifanele sesisondele.’+ Ningabalandeli. 9 Ngaphezu kwalokho, lapho nizwa ngezimpi neziyaluyalu, ningesabi.+ Ngoba lezi zinto kumelwe zenzeke kuqala, kodwa ukuphela kuyobe kungakazukufika masinyane.”
10 Khona-ke wathi kubo: “Isizwe siyovukela isizwe,+ nombuso uvukele umbuso;+ 11 futhi kuyoba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, futhi ezindaweni ngezindawo kube khona izifo eziwumshayabhuqe nokusweleka kokudla;+ kuyoba khona imibono eyesabekayo, nasezulwini kube khona izibonakaliso ezinkulu.+
12 “Kodwa ngaphambi kwazo zonke lezi zinto abantu bayonibeka isandla banishushise,+ baninikele emasinagogeni nasematilongweni, nihudulelwe phambi kwamakhosi nababusi ngenxa yegama lami.+ 13 Kuyophumela ethubeni lokuba ninikeze ubufakazi.+ 14 Ngakho-ke kubekeni ezinhliziyweni zenu ukuba ningalungiseleli kusengaphambili ukuthi niyozivikela kanjani,+ 15 ngoba ngiyoninika umlomo nokuhlakanipha, bonke abaphikisi benu behlangene abangeke bakwazi ukumelana nakho noma bakuphikise.+ 16 Ngaphezu kwalokho, niyonikelwa ngisho nangabazali+ nangabafowenu nayizihlobo nangabangane, futhi bayobulala abanye kini;+ 17 niyoba yizinto zokuzondwa abantu bonke ngenxa yegama lami.+ 18 Kodwa nokho ngeke kushabalale ngisho nonwele+ lwamakhanda enu nangayiphi indlela. 19 Ngokukhuthazela kwenu niyozuza imiphefumulo yenu.+
20 “Ngaphezu kwalokho, lapho nibona iJerusalema lihaqwe+ amabutho akanisile, khona-ke yazini ukuthi ukuchithwa kwalo sekusondele.+ 21 Khona-ke labo abaseJudiya mababalekele ezintabeni, abaphakathi kwalo baphume, abasemaphandleni bangangeni kulo;+ 22 ngoba lezi yizinsuku zokukhipha isahlulelo, ukuze zonke izinto ezilotshiwe zigcwaliseke.+ 23 Maye kwabesifazane abakhulelwe nakwabancelisayo ngalezo zinsuku!+ Ngoba kuyoba nokuswela okukhulu ezweni nolaka kulaba bantu; 24 bayokuwa ngosiko lwenkemba bathunjelwe kuzo zonke izizwe;+ iJerusalema liyonyathelwa phansi yizizwe, kuze kugcwaliseke izikhathi ezimisiwe+ zezizwe.
25 “Kuyoba khona izibonakaliso elangeni+ nasenyangeni nasezinkanyezini, kube khona usizi lwezizwe emhlabeni, zingayazi indlela yokuphuma ngenxa yokuduma kolwandle+ nokuyaluza kwalo,+ 26 kuyilapho abantu beba nesinxi ngenxa yokwesaba+ nokulindela izinto ezehlela umhlaba owakhiweyo;+ ngoba amandla amazulu ayonyakaziswa.+ 27 Khona-ke bayobona iNdodana yomuntu+ iza ngefu inamandla nenkazimulo enkulu.+ 28 Kodwa njengoba lezi zinto ziqala ukwenzeka, yimani niqonde futhi niphakamise amakhanda enu, ngoba ukukhululwa kwenu kuyasondela.”
29 Wabe eselandisa umfanekiso kubo ethi: “Qaphelani umkhiwane nayo yonke eminye imithi:+ 30 Lapho isinemiqumbe kakade, ngokuyibona niyazazela nani ukuthi manje ihlobo seliseduze.+ 31 Kanjalo nani, lapho nibona lezi zinto zenzeka, yazini ukuthi umbuso kaNkulunkulu useduze.+ 32 Ngiqinisile ngithi kini, Lesi sizukulwane asisoze sadlula kungakenzeki konke.+ 33 Izulu nomhlaba kuyodlula,+ kodwa amazwi ami awasoze adlula.+
34 “Kodwa qaphelani ukuba izinhliziyo zenu zingalokothi zisindwe ukuminza nokuphuza kakhulu+ nezinkathazo+ zokuphila, ngokungazelelwe lolo suku lunifice ngaso leso sikhathi,+ 35 njengogibe.+ Ngoba luyofikela bonke abahlala kuwo wonke umhlaba.+ 36 Khona-ke, hlalani niphapheme,+ ngaso sonke isikhathi ninxusa+ ukuba niphumelele ekuphunyukeni kuzo zonke lezi zinto ezimiselwe ukwenzeka, nasekumeni phambi kweNdodana yomuntu.”+
37 Ngakho emini wayefundisa ethempelini,+ kodwa ebusuku wayephuma angenise entabeni okuthiwa iNtaba Yeminqumo.+ 38 Bonke abantu+ babefika kusesekuseni kuye ethempelini ukuze bamuzwe.