Luka
22 Umkhosi wamaqebelengwane angenamvubelo, okuthiwa yiPhasika,+ wawusondela. 2 Abapristi abakhulu nababhali babefuna indlela ekahle yokuba bamsuse,+ ngoba babesaba abantu.+ 3 USathane wangena kuJuda, okuthiwa u-Iskariyothe, owayengomunye wabayishumi nambili;+ 4 wahamba wakhuluma nabapristi abakhulu nezinduna zethempeli ngendlela ekahle yokumkhaphela kubo.+ 5 Bajabula futhi bavuma ukumnika imali yesiliva.+ 6 Ngakho wavuma, futhi waqala ukufuna ithuba elihle lokumkhaphela kubo singekho isixuku eduze.+
7 Lwafika usuku lwamaqebelengwane angenamvubelo, okumelwe kwenziwe ngalo umhlatshelo+ wephasika; 8 futhi wathuma uPetru noJohane, wathi: “Hambani nisilungisele+ iphasika ukuba sidle.” 9 Bathi kuye: “Ufuna sililungiselelephi?” 10 Wathi kubo:+ “Bhekani! Lapho ningena emzini nizohlangana nendoda ethwele imbiza yamanzi. Yilandeleni ningene endlini engena kuyo.+ 11 Nithi kumninindlu, ‘UMfundisi uthi kuwe: “Liphi ikamelo lezimenywa engingadlela kulo iphasika kanye nabafundi bami?”’+ 12 Lowo muntu uzonibonisa ikamelo elikhulu eliphezulu elinempahla yasendlini. Lilungiseleni lapho.”+ 13 Ngakho bamuka bathola kunjengoba nje eshilo kubo, balungisa iphasika.+
14 Ekugcineni lapho ihora lifika, wahlala etafuleni, abaphostoli bekanye naye.+ 15 Wathi kubo: “Bengifisa kakhulu ukulidla nani leli phasika ngaphambi kokuba ngihlupheke; 16 ngoba ngiyanitshela, ngeke ngilidle futhi lize ligcwaliseke embusweni kaNkulunkulu.”+ 17 Futhi, emukela indebe,+ wabonga futhi wathi: “Thathani lokhu nidluliselane kona; 18 ngoba ngiyanitshela, Kusukela manje kuqhubeke ngeke ngisawuphuza umkhiqizo womvini uze ufike umbuso kaNkulunkulu.”+
19 Wathatha isinkwa,+ wabonga, wasihlephula, wabanika sona, wathi: “Lokhu kusho umzimba wami+ ozonikelwa ngenxa yenu.+ Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”+ 20 Nendebe+ ngendlela efanayo ngemva kokuba bebe nesidlo sakusihlwa, wathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha+ esenziwa ngegazi lami,+ elizothululwa ngenxa yenu.+
21 “Kodwa, bhekani! isandla somkhapheli wami+ sikanye nami etafuleni.+ 22 Ngoba iNdodana yomuntu iyahamba ngokwalokho okumisiwe;+ noma kunjalo, mayé kulowo muntu ekhashelwa ngaye!”+ 23 Ngakho baqala ukuxoxa bodwa ngokuthi ubani kubo ngempela okwakungaba nguye owayezokwenza lokhu.+
24 Nokho, kwavela futhi impikiswano evuthayo phakathi kwabo ngokuthi ubani kubo owayebonakala emkhulu kunabo bonke.+ 25 Kodwa wathi kubo: “Amakhosi ezizwe azenza izingqongqo phezu kwazo, futhi labo abanegunya phezu kwazo babizwa ngokuthi aBenzi Bokuhle.+ 26 Nokho, nina akumelwe nibe njalo.+ Kodwa omkhulu kunani nonke makabe njengomncane kunani nonke,+ osebenza njengenduna abe njengokhonzayo.+ 27 Ngoba yimuphi omkhulu, yilowo ohlezi etafuleni noma yilowo okhonzayo? Ingabe akuyena ohlezi etafuleni? Kodwa mina ngiphakathi kwenu njengalowo okhonzayo.+
28 “Nokho, nina aningishiyanga+ ekulingweni kwami;+ 29 ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano+ sombuso+ nami, 30 sokuba nidle+ futhi niphuze etafuleni lami embusweni wami,+ nihlale ezihlalweni zobukhosi+ ukuze nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.
31 “Simoni, Simoni, bheka! uSathane+ uyanifuna ukuze anihlunge njengokolweni+ nina madoda. 32 Kodwa wena ngikunxusele+ ukuba ukholo lwakho lungapheli; futhi wena, lapho nje usubuyile, uqinise+ abafowenu.” 33 Khona-ke wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe kokubili etilongweni nasekufeni.”+ 34 Kodwa wathi: “Ngiyakutshela, Petru, Iqhude ngeke likhale namuhla kuze kube yilapho usuphike kathathu ukuthi uyangazi.”+
35 Wathi futhi kubo: “Lapho nginithuma+ ningenamxhaka nasikhwama sokudla nazimbadada, anizange niswele lutho, akunjalo?” Bathi: “Kunjalo!” 36 Khona-ke wathi kubo: “Kodwa manje onomxhaka makawuthathe, ngokufanayo nesikhwama sokudla; futhi ongenayo inkemba makathengise ingubo yakhe yangaphandle ayithenge. 37 Ngoba ngiyanitshela ngithi okulotshiwe kumelwe kufezeke kimi, okuwukuthi, ‘Wabalwa kanye nabangenamthetho.’+ Ngoba lokho okuphathelene nami kuyafezeka.”+ 38 Khona-ke bathi: “Nkosi, bheka! nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.”
39 Ekuphumeni kwakhe waya eNtabeni Yeminqumo njengokujwayelekile; futhi abafundi nabo bamlandela.+ 40 Esefikile kuleyo ndawo wathi kubo: “Thandazani ningayeki, ukuze ningangeni esilingweni.”+ 41 Yena waqhela kubo cishe ngebanga lokuphonsa itshe, waguqa ngamadolo wathandaza, 42 wathi: “Baba, uma uthanda, susa le ndebe kimi. Noma kunjalo, makungenzeki intando yami,+ kodwa eyakho.”+ 43 Khona-ke ingelosi evela ezulwini yabonakala kuye futhi yamqinisa.+ 44 Kodwa eba nomunyu waqhubeka ethandaza ngobuqotho ngokwengeziwe;+ izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini.+ 45 Wasukuma ekuthandazeni, waya kubafundi wabathola bozela ngenxa yosizi;+ 46 wathi kubo: “Nilaleleni? Vukani, nithandaze ningayeki, ukuze ningangeni esilingweni.”+
47 Esakhuluma, bheka! isixuku, futhi umuntu obizwa ngokuthi uJuda, omunye wabayishumi nambili, wayehamba phambi kwaso;+ waya kuJesu ukuze amange.+ 48 Kodwa uJesu wathi kuye: “Juda, ukhaphela iNdodana yomuntu ngokuyanga+ na?” 49 Lapho labo ababeseduze naye bebona okwakuzokwenzeka, bathi: “Nkosi, sigalele yini ngenkemba?”+ 50 Omunye wabo waze ngisho wagalela inceku yompristi ophakeme wayisusa indlebe yesokunene.+ 51 Kodwa uJesu wathi: “Makugcine lapha.” Wayithinta indlebe wayiphulukisa.+ 52 Khona-ke uJesu wathi kubapristi abakhulu nezinduna zethempeli namadoda amadala ababeze lapho kuye: “Ingabe niphumé nemishiza nezagila ngokungathi nizokulwa nomphangi?+ 53 Ngesikhathi nginani ethempelini+ usuku nosuku anizange nelulele izandla zenu kimi.+ Kodwa leli yihora lenu+ negunya+ lobumnyama.”+
54 Khona-ke bambopha futhi bamhola+ bamngenisa endlini yompristi ophakeme;+ kodwa uPetru wayelandela ekude.+ 55 Lapho bebasa umlilo egcekeni futhi behlala phansi ndawonye, uPetru wayehlezi phakathi kwabo.+ 56 Kodwa incekukazi ethile yambona ehlezi emlilweni omkhulu, yambukisisa yathi: “Lo muntu naye ubekanye naye.”+ 57 Kodwa waphika,+ ethi: “Sifazane, angimazi.”+ 58 Ngemva kwesikhashana omunye umuntu owayembona wathi: “Nawe futhi ungomunye wabo.” Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angiyena.”+ 59 Ngemva kokuba kudlule cishe ihora omunye umuntu waphikelela egomela ethi: “Ngokuqinisekile lo muntu naye ubekanye naye; ngoba, eqinisweni, ungowaseGalile!”+ 60 Kodwa uPetru wathi: “Ndoda, angikwazi okushoyo.” Ngaso leso sikhathi, esakhuluma, iqhude lakhala.+ 61 INkosi yaphenduka yambheka uPetru, noPetru wawakhumbula amazwi eNkosi lapho ithi kuye: “Ngaphambi kokuba iqhude likhale namuhla uzongiphika kathathu.”+ 62 Waphumela ngaphandle wakhala kamunyu.+
63 Manje amadoda ayembambile aqala ukuhlekisa ngaye,+ emshaya;+ 64 futhi ngemva kokummboza abuza athi: “Profetha. Ubani okushayile?”+ 65 Aqhubeka esho nezinye izinto eziningi emhlambalaza.+
66 Ekugcineni lapho kusa, umkhandlu wamadoda amadala abantu, kokubili abapristi abakhulu nababhali, wabuthana ndawonye,+ wamhudulela ehholo lawo leSanhedrini, uthi:+ 67 “Uma unguye uKristu,+ sitshele.” Kodwa wathi kuwo: “Ngisho noma benginganitshela, beningeke nhlobo nakukholwa.+ 68 Ngaphezu kwalokho, uma benginganibuza, beningeke nhlobo naphendula.+ 69 Nokho, kusukela manje kuqhubeke iNdodana yomuntu+ izobe ihlezi esandleni sokunene+ sikaNkulunkulu esinamandla.”+ 70 Khona-ke, onke athi: “Ngakho-ke, ingabe uyiNdodana kaNkulunkulu?” Wathi kuwo: “Nina ngokwenu nithi+ ngiyiyo.” 71 Athi: “Sisabudingelani obunye ubufakazi?+ Ngoba thina ngokwethu sikuzwe ngomlomo wakhe siqu.”+