IzEnzo
2 Manje ngesikhathi usuku lomkhosi wePhentekoste+ luqhubeka babendawonye bonke endaweni efanayo, 2 futhi kungazelelwe kwezwakala umsindo uvela ezulwini ufana nje nowesivunguvungu esinamandla, wagcwala yonke indlu ababehlezi kuyo.+ 3 Kwabonakala kubo okunjengamalangabi,+ kwasakazeka, ngakunye kwahlala phezu kwalowo nalowo kubo, 4 bonke bagcwala umoya ongcwele,+ baqala ukukhuluma ngezinye izilimi,+ njengoba nje umoya wawubanika ukuba bakhulume.
5 Ngaleso sikhathi, eJerusalema kwakuhlala amaJuda,+ abantu abanenhlonipho,+ bevela kuzo zonke izizwe ngaphansi kwezulu. 6 Ngakho, lapho kuzwakala lo msindo, lolu quqaba lwabuthana futhi lwaludidekile, ngoba ngamunye wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakhe. 7 Ngempela, babemangale futhi bezibuza bethi: “Bhekani, bonke laba abakhulumayo bangabaseGalile,+ akunjalo? 8 Pho, kwenzeka kanjani ukuba, ngamunye wethu ezwe ulimi lwakhe azalwa nalo? 9 AmaParte namaMede+ nama-Elamu,+ nabakhileyo eMesophothamiya, naseJudiya+ naseKhaphadosiya,+ ePhontu+ nasesifundeni sase-Asiya,+ 10 naseFrigiya+ nasePhamfiliya,+ eGibhithe nasezingxenyeni zaseLibhiya, engaseKhurene, nabafokazi baseRoma, abangamaJuda nabangamaproselithe,+ 11 abaseKrethe+ nabase-Arabhiya,+ sibezwa bekhuluma ngezilimi zethu ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.” 12 Yebo, bonke babemangele futhi besambathekile, bethi omunye komunye: “Iyini inhloso yale nto?” 13 Nokho, abanye babahleka bathi: “Basuthi iwayini elimnandi.”+
14 Kodwa uPetru wasukuma nabayishumi nanye+ waphakamisa izwi lakhe wathi kubo: “Madoda aseJudiya nani nonke enakhileyo eJerusalema,+ makwazeke lokhu kini futhi nibeke indlebe emazwini ami. 15 Laba bantu, eqinisweni abadakiwe+ njengoba nina nicabanga, ngoba yihora lesithathu losuku. 16 Kunalokho, lokhu yilokho okwashiwo ngomprofethi uJoweli ukuthi, 17 ‘“Ezinsukwini zokugcina,” kusho uNkulunkulu, “ngiyothululela omunye womoya wami+ phezu kwayo yonke inyama, amadodana enu namadodakazi enu ayoprofetha, izinsizwa zenu zibone imibono, amaxhegu enu aphuphe amaphupho;+ 18 futhi ngalezo zinsuku ngiyothululela omunye womoya wami ngisho nasezincekwini zami nasezincekukazini zami, ziprofethe.+ 19 Ngiyonika izimangaliso ezulwini phezulu nezibonakaliso emhlabeni phansi, igazi nomlilo nenkungu yomusi;+ 20 ilanga+ liyophenduka ubumnyama nenyanga ibe yigazi ngaphambi kokuba usuku lukaJehova olukhulu noluqhamile lufike.+ 21 Wonke umuntu obiza igama likaJehova uyosindiswa.”’+
22 “Madoda akwa-Israyeli, yizwani la mazwi: UJesu umNazaretha,+ umuntu uNkulunkulu ambonisa obala kini ngemisebenzi yamandla+ nezimangaliso nezibonakaliso uNkulunkulu azenza ngaye phakathi kwenu,+ njengoba nje nani ngokwenu nazi, 23 lo muntu, njengowanikelwa ngenjongo enqunyiwe nangokwazi kusengaphambili kukaNkulunkulu,+ nambophela esigxotsheni ngesandla sabantu abangenamthetho nambulala.+ 24 Kodwa uNkulunkulu wamvusa+ ngokuthukulula imihelo yokufa,+ ngoba kwakungenakwenzeka ngaye ukuba aqhubeke ebanjwe yiyo.+ 25 Ngoba uDavide uthi ngokuqondene naye, ‘UJehova wayephambi kwamehlo ami njalo; ngoba ungakwesokunene sami ukuze ngingalokothi nginyakaziswe.+ 26 Ngenxa yalokhu inhliziyo yami yenama nolimi lwami lwajabula kakhulu. Ngaphezu kwalokho, ngisho nenyama yami iyohlale isethembeni;+ 27 ngoba ngeke uwushiye umphefumulo wami eHayidesi, futhi ngeke uvumele othembekileyo wakho abone ukonakala.+ 28 Ungazisile izindlela zokuphila, uyongigcwalisa ngokwenama okukhulu ngobuso bakho.’+
29 “Madoda, bazalwane, kuvumelekile ukukhuluma ngokukhululekile kini ngokuphathelene noDavide inhloko yomndeni, ukuthi washona,+ wangcwatshwa nethuna lakhe liphakathi kwethu kuze kube yilolu suku. 30 Ngakho-ke, ngenxa yokuthi wayengumprofethi futhi azi ukuthi uNkulunkulu wayefunge kuye ukuthi uyobeka ophuma okhalweni lwakhe esihlalweni sakhe sobukhosi,+ 31 wabona kusengaphambili futhi wakhuluma ngokuphathelene nokuvuka kukaKristu, ukuthi akashiywanga eHayidesi futhi inyama yakhe ayikubonanga ukonakala.+ 32 Lo Jesu uNkulunkulu wamvusa, okuyiqiniso esingofakazi balo sonke.+ 33 Ngakho-ke ngenxa yokuthi waphakanyiselwa kwesokunene sikaNkulunkulu,+ wamukela kuBaba umoya ongcwele othenjisiwe,+ uthululé lokhu enikubonayo nenikuzwayo. 34 Empeleni uDavide akazange anyukele emazulwini,+ kodwa yena ngokwakhe uthi, ‘UJehova wathi eNkosini yami: “Hlala ngakwesokunene sami,+ 35 ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho.”’+ 36 Ngakho-ke yonke indlu ka-Israyeli mayazi ngokuqinisekile ukuthi uNkulunkulu wamenza iNkosi+ noKristu, lo Jesu enambethela.”+
37 Manje lapho bekuzwa lokhu bahlabeka enhliziyweni,+ bathi kuPetru nakubo bonke abanye abaphostoli: “Madoda, bazalwane, yini okufanele siyenze?”+ 38 UPetru wathi kubo: “Phendukani,+ yilowo nalowo kini abhapathizwe+ egameni+ likaJesu Kristu ngenjongo yokuthethelelwa+ kwezono zenu, khona-ke nizokwamukela isipho sesihle+ somoya ongcwele. 39 Ngoba lesi sithembiso+ senziwa kini nakubantwana benu nakubo bonke abakude,+ bonke labo uJehova uNkulunkulu wethu angase ababizele kuye.”+ 40 Wanikeza ubufakazi obuphelele nangamanye amazwi amaningi ebakhuthaza, ethi: “Sindiswani kulesi sizukulwane esigwegwile.”+ 41 Ngakho-ke labo abamukela izwi lakhe ngenhliziyo yonke babhapathizwa,+ futhi ngalolo suku kwanezelwa imiphefumulo ecishe ibe yizinkulungwane ezintathu.+ 42 Baqhubeka bezinikela ekufundiseni kwabaphostoli nasekwabelaneni izinto,+ ekudleni+ nasemithandazweni.+
43 Ngempela, yonke imiphefumulo yaqala ukwehlelwa ukwesaba, futhi abaphostoli+ benza izimangaliso eziningi nezibonakaliso. 44 Bonke ababa ngamakholwa babendawonye ekuhlanganyeleni zonke izinto,+ 45 futhi bathengisa izimpahla zabo+ nezindawo, babela bonke imali etholakele ngokwesidingo somuntu.+ 46 Usuku nosuku babeba khona njalo ethempelini nganhliziyonye,+ futhi babedlela emakhaya bedla ngokujabula okukhulu+ nangobuqotho benhliziyo, 47 bedumisa uNkulunkulu futhi bethola umusa kubo bonke abantu.+ Ngesikhathi esifanayo uJehova waqhubeka enezela+ kubo nsuku zonke abasindiswayo.+