1 Petru
EyokuQala KaPetru
1 UPetru, umphostoli+ kaJesu Kristu, kwabayizakhamuzi zesikhashana+ ezihlakazekele+ ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya,+ e-Asiya, naseBhithiniya, kwabakhethwé+ 2 ngokokwazi kusengaphambili kukaNkulunkulu uBaba,+ nangokungcweliswa ngomoya,+ ngenjongo yokuba balalele futhi bafafazwe+ ngegazi likaJesu Kristu:+
Kwangathi ningandiselwa+ umusa ongafanelwe nokuthula.
3 Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu,+ ngoba ngokwesihe sakhe esikhulu wasipha ukuzalwa okusha+ ethembeni eliphilayo+ ngokuvuka+ kukaJesu Kristu kwabafileyo, 4 efeni+ elingenakonakala nelingangcolile nelingabuni. Ligcinelwe nina+ ezulwini, 5 nina enilondwa ngamandla kaNkulunkulu ngokholo+ ngenjongo yensindiso+ elungele ukwambulwa+ enkathini yokugcina yesikhathi.+ 6 Nijabula kakhulu ngaleli phuzu, nakuba manje, uma kumelwe kube njalo, niye nenziwa lusizi yizilingo+ ezihlukahlukene okwesikhashana, 7 ukuze isimo esivivinyiwe sokholo lwenu,+ senani elikhulu kakhulu kunegolide elishabalalayo naphezu kokuvivinywa kwalo ngomlilo,+ sitholakale siyisizathu sendumiso nenkazimulo nodumo ekwambulweni+ kukaJesu Kristu. 8 Nakuba ningakaze nimbone, niyamthanda.+ Nakuba ningambhekile manje, kodwa nibonisa ukholo kuye futhi nijabula kakhulu ngenjabulo engakhulumeki nekhazinyulisiwe, 9 njengoba namukela isiphetho sokholo lwenu, insindiso yemiphefumulo yenu.+
10 Abaprofethi abaprofetha+ ngomusa ongafanelwe ohloselwe nina+ baphenya ngenkuthalo ngokuqondene nale nsindiso futhi bahlola+ ngokucophelela. 11 Baqhubeka behlola ukuthi umoya+ okubo ukhomba kuyiphi inkathi+ ngokukhethekile noma kuluphi uhlobo lwenkathi ngokuphathelene noKristu+ lapho ufakaza kusengaphambili ngezinhlupheko zikaKristu+ nangezinkazimulo+ ezazizozilandela. 12 Bambulelwa ukuthi babengazikhonzi bona,+ kodwa babekhonza nina ngezinto manje eniye nazaziswa kusetshenziswa labo abaye bamemezela+ kini izindaba ezinhle ngomoya ongcwele+ othunywe uvela ezulwini. Izingelosi zifisa ukubona+ zona lezi zinto.
13 Ngakho bhukulani izingqondo zenu ngenjongo yokusebenza,+ hlalani nisanguluké ngokuphelele;+ bekani ithemba lenu emseni ongafanelwe+ oyolethwa kini ekwambulweni+ kukaJesu Kristu. 14 Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa+ ngokuvumelana nezifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu, 15 kodwa, ngokuvumelana noNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele ngokwenu kukho konke ukuziphatha kwenu,+ 16 ngoba kulotshiwe ukuthi: “Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.”+
17 Ngaphezu kwalokho, uma nibiza uBaba owahlulela umsebenzi womuntu ngamunye ngokungakhethi,+ ziphatheni ngokwesaba+ phakathi nesikhathi sobufokazi.+ 18 Ngoba niyazi ukuthi anikhululwanga+ ngezinto+ ezonakalayo, ngesiliva noma ngegolide, ohlotsheni lwenu lokuziphatha olungenazithelo enalwamukela ngesiko kokhokho benu. 19 Kodwa kwakungegazi eliyigugu,+ njengalelo lewundlu+ elingenasici nelingenabala, yebo likaKristu.+ 20 Yiqiniso, waziwa kusengaphambili ngaphambi kokusungulwa+ kwezwe, kodwa wabonakaliswa ekupheleni kwezikhathi ngenxa yenu+ 21 enikholwa kuNkulunkulu+ ngaye, yena owamvusa kwabafileyo+ futhi wamnika inkazimulo;+ ukuze ukholo lwenu nethemba kube kuNkulunkulu.+
22 Njengoba seniye nahlanza+ imiphefumulo yenu ngokulalela kwenu iqiniso umphumela waba uthando lobuzalwane+ lokungazenzisi, thandanani kakhulu ngokusuka enhliziyweni.+ 23 Ngoba niye nazalwa kabusha,+ hhayi ngembewu+ enokonakala,+ kodwa ngembewu engenakonakala,+ ngezwi+ likaNkulunkulu ophilayo nohlala njalo.+ 24 Ngoba “yonke inyama injengotshani, futhi yonke inkazimulo yayo injengembali yotshani;+ utshani buyabuna, imbali iwe,+ 25 kodwa izwi likaJehova lihlala phakade.”+ Yilo-ke leli ‘zwi,’+ lokhu okumenyezelwe+ kini njengezindaba ezinhle.