KumaHebheru
1 Kudala uNkulunkulu wakhuluma nokhokho bethu esebenzisa abaprofethi izikhathi eziningi nangezindlela eziningi. + 2 Manje ekupheleni kwalezi zinsuku ukhulume nathi esebenzisa iNdodana, + ayimise ukuba ibe yindlalifa yezinto zonke, + naleyo enza ngayo izimiso zezinto. *+ 3 Iwukubonakaliswa kwenkazimulo kaNkulunkulu + nomfanekiso ofana ncamashi naye uqobo, + futhi isekela zonke izinto ngezwi lamandla ayo. Futhi ngemva kokuba ihlanze izono zethu, + yahlala phansi ngakwesokudla soMkhulu endaweni ephakeme. + 4 Ngakho isiye yaba ngcono kunezingelosi, + ngezinga lokuthi yazuza njengefa igama elihle kakhulu kunelazo. +
5 Ngokwesibonelo, iyiphi ezingelosini uNkulunkulu ake wathi kuyo: “Wena uyindodana yami; namuhla ngikuzele”? + Waphinde wathi: “Ngiyoba uyise, yona ibe yindodana yami”? + 6 Kodwa lapho ephinda eletha iZibulo lakhe + emhlabeni owakhiwe, uthi: “Zonke izingelosi zikaNkulunkulu mazimkhothamele.”
7 Uphinde athi ngezingelosi: “Wenza izingelosi zakhe zibe yimimoya nezikhonzi* zakhe + zibe yilangabi lomlilo.” + 8 Kodwa ngeNdodana uthi: “UNkulunkulu uyisihlalo sakho sobukhosi + kuze kube phakade naphakade, futhi intonga yoMbuso wakho iyintonga yobuqotho.* 9 Wathanda ukulunga, wazonda ukuphula umthetho. Yingakho uNkulunkulu, uNkulunkulu wakho, akugcoba + ngamafutha okwethaba ukudlula abangani bakho.” + 10 Ubuye athi: “Ekuqaleni, wena Nkosi, wabeka izisekelo zomhlaba, futhi amazulu awumsebenzi wezandla zakho. 11 Kuyoshabalala, kodwa wena uyohlale ukhona; konke kuyoguga njengengubo nje, 12 uyokusonga njengesambatho, njengengubo futhi kuyoshintshwa. Kodwa wena awushintshi, awunasiphetho.” +
13 Kodwa iyiphi ezingelosini ake athi ngayo: “Hlala ngakwesokudla sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho”? + 14 Aziyona yini zonke imimoya enikela inkonzo engcwele, *+ ethunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayozuza insindiso?