ElikaDavide.
א [Aleph]
37 Ungathukutheli ngenxa yabantu ababi
Ungabi nomona ngabenza okubi. +
2 Bayobuna ngokushesha njengotshani +
Bayobuna njengotshani obusha obuluhlaza.
ב [Beth]
3 Thembela kuJehova wenze okuhle; +
Hlala emhlabeni, wenze ngokwethembeka. +
4 Jabula kakhulu ngoJehova,
Uyokunika izinto ezifiswa yinhliziyo yakho.
ג [Gimel]
5 Vumela uJehova aqondise indlela yakho; +
Thembela kuye, yena uyokusiza. +
6 Uyokwenza ukulunga kwakho kukhanye njengasekuseni,
Nobulungisa bakho njengelanga lasemini.
ד [Daleth]
7 Thula phambi kukaJehova +
Umlinde ngesineke.
Ungamthukutheleli umuntu
Ophumelelayo emacebweni akhe. +
ה [He]
8 Hlukana nentukuthelo uyeke ulaka; +
Ungacasuki bese wenza okubi.
9 Ngoba abantu ababi bazobhujiswa, +
Kodwa labo abathemba uJehova bayodla ifa lomhlaba. +
ו [Waw]
10 Sekusele isikhashana nje, ababi bazobe bengasekho; +
Uyoyibheka indawo yabo,
Bayobe bengekho. +
11 Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, +
Bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo. +
ז [Zayin]
12 Umuntu omubi wakhela olungile uzungu; +
Umgedlela amazinyo.
13 Kodwa uJehova uyomhleka,
Ngoba uyazi ukuthi usuku lwakhe luyeza. +
ח [Heth]
14 Ababi bahosha izinkemba zabo, bacibishela imicibisholo yabo
Ukuze bawise abacindezelwe nabampofu,
Ukuze babulale abaqotho endleleni yabo.
15 Kodwa inkemba yabo iyogwaza inhliziyo yabo; +
Imicibisholo yabo iyophulwa.
ט [Teth]
16 Kungcono okuncane kolungile
Kunensada yababi abaningi. +
17 Ngoba izingalo zababi ziyophulwa,
Kodwa uJehova uyomsekela olungile.
י [Yod]
18 UJehova uyakubona lokho abangenaphutha ababhekana nakho,
Ifa labo liyohlala kuze kube phakade. +
19 Ngeke babe namahloni ngesikhathi senhlekelele;
Ngesikhathi sendlala bayoba nenala.
כ [Kaph]
20 Kodwa ababi bayoshabalala; +
Izitha zikaJehova ziyoshabalala njengamadlelo aluhlaza;
Ziyonyamalala njengentuthu.
ל [Lamed]
21 Omubi uyaboleka angabuyiseli,
Kodwa olungile unomusa futhi uyaphana. +
22 Labo ababusiswe nguNkulunkulu bayodla ifa lomhlaba,
Kodwa labo abaqalekiswe nguYe bayobhujiswa. +
מ [Mem]
23 UJehova uqondisa izinyathelo zomuntu, +
Uma eyithanda indlela aphila ngayo. +
24 Nakuba engase akhubeke, ngeke awe phansi ngobuso, +
Ngoba uJehova umbamba ngesandla amphakamise. +
נ [Nun]
25 Ngake ngaba musha, manje sengikhulile,
Kodwa angikaze ngimbone olungile eshiywe dengwane, +
Noma izingane zakhe ziswele ukudla. +
26 Uhlale ebolekisa ngaphandle kokufuna inzalo, +
Izingane zakhe zilindelwe yizibusiso.
ס [Samekh]
27 Suka kokubi wenze okuhle, +
Khona-ke uyohlala emhlabeni kuze kube phakade.
28 Ngoba uJehova uyabuthanda ubulungisa,
Ngeke abashiye abantu bakhe abaqotho. +
ע [Ayin]
Bayohlale begadiwe; +
Kodwa inzalo yababi iyobhujiswa. +
29 Abalungile bayodla ifa lomhlaba, +
Bahlale kuwo kuze kube phakade. +
פ [Pe]
30 Umlomo wolungile ukhipha ukuhlakanipha,
Nolimi lwakhe lukhuluma ngobulungisa. +
31 Umthetho kaNkulunkulu wakhe usenhliziyweni yakhe; +
Izinyawo zakhe ngeke zishelele. +
צ [Tsade]
32 Omubi ulinde olungile,
Ufuna ukumbulala.
33 Kodwa uJehova ngeke amnikele esandleni sakhe +
Noma athi unecala lapho ahlulelwa. +
ק [Qoph]
34 Themba uJehova, uhambe ngendlela yakhe,
Uyokuphakamisa ukuba udle ifa lomhlaba.
Uyobukela + lapho ababi bebhujiswa. +
ר [Resh]
35 Ngimbonile umuntu omubi nononya
Enaba njengesihlahla esikhephuzelayo emhlabathini waso. +
36 Kodwa wadlula ngokushesha futhi wayengasekho; +
Ngangilokhu ngimfuna kodwa akatholakalanga. +
ש [Shin]
37 Mqaphele ongasoleki,
Ugcine oqotho + ephambi kwamehlo akho,
Ngoba ikusasa lalowo muntu liyoba nokuthula. +
38 Kodwa zonke izeqamthetho ziyobhujiswa;
Abantu ababi ngeke babe nalo ikusasa. +
ת [Taw]
39 Insindiso yabalungile ivela kuJehova; +
Uyinqaba yabo ngesikhathi sokucindezeleka. +
40 UJehova uyobasiza abakhulule. +
Uyobakhulula kubantu ababi abasindise,
Ngoba baphephela kuye. +