Eyokuqala KwabaseKorinte
2 Ngakho lapho ngifika kini bazalwane, angifikanga nenkulumo yokubukisa + noma nokuhlakanipha ngimemezela imfihlo engcwele + kaNkulunkulu kini. 2 Ngoba nganquma ukungazi lutho phakathi kwenu ngaphandle kukaJesu Kristu, nokuthi wabulawelwa esigxotsheni. + 3 Ngafika kini ngobuthakathaka nokwesaba nangokuthuthumela okukhulu; 4 inkulumo yami nalokho engakushumayela kwakungewona amazwi okuhlakanipha athonyayo kodwa kwakuwukuboniswa komoya namandla, + 5 ukuze ukholo lwenu lungasekelwa ekuhlakanipheni kwabantu, kodwa emandleni kaNkulunkulu.
6 Manje sikhuluma ukuhlakanipha phakathi kwalabo abavuthiwe, + kodwa hhayi ukuhlakanipha kwaleli zwe* noma okwababusi baleli zwe, abazoba yize. + 7 Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okusemfihlweni engcwele, + ukuhlakanipha okufihliwe, uNkulunkulu akumisa kusengaphambili ngaphambi kwezinkathi* ukuze kukhazinyuliswe thina. 8 Yilokhu kuhlakanipha okungekho noyedwa kubabusi baleli zwe* owakwazi, + ngoba ukube bakwazi ngabe abazange bayibulale* iNkosi ekhazimulayo. 9 Kodwa njengoba nje kulotshiwe: “Iso alizibonanga nendlebe ayizizwanga, futhi azizange zicatshangwe enhliziyweni yomuntu izinto uNkulunkulu azilungisele labo abamthandayo.” + 10 Ngoba uNkulunkulu uzambulele thina + ngomoya wakhe, + ngoba umoya uhlola zonke izinto, ngisho nezinto ezijulile zikaNkulunkulu. +
11 Ngoba ubani phakathi kwabantu owazi izinto zomuntu ngaphandle komoya womuntu okuye? Kanjalo futhi, akekho owazi izinto zikaNkulunkulu, ngaphandle komoya kaNkulunkulu. 12 Manje asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, + ukuze sazi izinto esizinikwe uNkulunkulu ngomusa. 13 Lezi zinto siyazikhuluma futhi, hhayi ngamazwi esiwafundiswe ukuhlakanipha kwabantu, + kodwa ngamazwi esiwafundiswe umoya, + njengoba sichaza* izindaba ezimayelana noNkulunkulu ngamazwi kaNkulunkulu.*
14 Kodwa umuntu wenyama akazamukeli izinto zomoya kaNkulunkulu ngoba ziwubuwula kuye; futhi akanakuzazi ngoba zihlolwa ngokomoya. 15 Nokho, umuntu oqondiswa umoya kaNkulunkulu uhlola zonke izinto + kodwa yena ngokwakhe akahlolwa muntu. 16 Ngoba “ubani osewazi umqondo kaJehova* ukuba angamfundisa?” + Kodwa sinawo umqondo kaKristu. +