Duteronomi
32 “Ngipheni indlebe mazulu ngikhulume,
Umhlaba mawuzwe amazwi omlomo wami.
2 Imfundiso yami iyokuna njengemvula;
Amazwi ami ayoconsa njengamazolo,
Njengemikhemezelo phezu kotshani
Nanjengezihlambi zemvula enkulu phezu kwezinto ezitshaliwe.
3 Ngoba ngizolimemezela igama likaJehova. +
Ngikhulume ngobukhulu bukaNkulunkulu wethu! +
5 Yibona abenze ngokukhohlakala. +
Ababona abantwana bakhe, iphutha lingelabo. +
Bayisizukulwane esigwegwile nesisontekile! +
6 Ingabe yile ndlela okufanele niphathe ngayo uJehova, +
Bantu abayiziphukuphuku nabangahlakaniphile? +
Akayena yini uYihlo owanenza naba khona, +
Lowo owanidala wanimisa naba isizwe?
7 Khumbulani izinsuku zakudala;
Cabangani ngeminyaka yezizukulwane ezedlule.
Buzani oyihlo, bazonitshela; +
Amadoda akini amadala, azonixoxela.
8 Lapho oPhezukonke enika izizwe ifa lazo, +
Lapho ehlukanisa amadodana ka-Adamu, *+
Wabeka umngcele wezizwe +
Ecabanga ngesibalo sabantwana bakwa-Israyeli. +
11 Njengoba nje ukhozi lunyakazisa isidleke salo,
Lundizela phezu kwamaphuphu alo,
Lwelula amaphiko alo, luwathathe,
Luwathwale ngezimpaphe zalo, +
Kwakungekho nkulunkulu wesinye isizwe owayekanye naye. +
Wamondla ngoju olwaluvela edwaleni
Nangamafutha ayevela edwaleni eliqinile,*
14 Wamondla ngebhotela lomhlambi wezinkomo nobisi lomhlambi wezimvu nezimbuzi,
Nangezimvu zekhethelo,*
Nezinqama zaseBhashani nezimpongo,
Kanye nokolweni ocolekile; +
Futhi waphuza iwayini elenziwe ngejusi* yamagilebhisi.
15 Lapho uJeshuruni* esekhuluphele, waqala ukudlubulunda.
O Jeshuruni, usukhuluphele, usumkhulu, ususuthi. +
Ngakho uJeshuruni wamshiya uNkulunkulu, owamdala, +
Wadelela iDwala lensindiso yakhe.
17 Babehlabela amademoni, hhayi uNkulunkulu, +
Onkulunkulu ababengabazi,
Onkulunkulu abasha ababesanda kufika,
Onkulunkulu okhokho benu ababengabazi.
18 Wakhohlwa iDwala + elakuzala,
Awumkhumbulanga uNkulunkulu owakuzala. +
21 Bangibangele ulaka* ngalokho okungekona unkulunkulu; +
Bangicasulile ngezithixo zabo ezingathi shu. +
Ngakho ngizobenza babe nesikhwele ngalokho okungesona isizwe; +
Ngizobacasula ngesizwe esiyisiwula. +
22 Ngoba intukuthelo yami yokhele umlilo +
Ozovutha uze ufike ekujuleni kweThuna, *+
Udle umhlaba nomkhiqizo wawo
Uthungele izisekelo zezintaba.
23 Ngizokwandisa izinhlekelele zabo;
Ngisebenzise imicibisholo yami kubo.
25 Ngaphandle, inkemba iyobulala abantwana babo; +
Ngaphakathi, abantu bathukile, +
Kokubili insizwa nentombi,
Usana kanye nendoda esimpunga. +
26 Ngangingathi: “Ngizobahlakaza;
Ngizokwenza ukuba abantu bangabe besabakhumbula,”
27 Ukube nje ngangingakhathazekile ngokuthi isitha sizothini, +
Ngoba abaphikisana nabo bangase bakuqonde kabi. +
Bangase bathi: “Sinqobe ngamandla ethu; +
Akuyena uJehova owenze konke lokhu.”
29 Ukube nje bebehlakaniphile! + Bebeyocabangisisa ngalokhu. +
Bebeyocabanga ngesiphetho sabo. +
Ngeke kwenzeke, ngaphandle uma iDwala labo libathengisile, +
UJehova enikele ngabo.
Amagilebhisi awo angamagilebhisi anobuthi,
Amahlukuzo awo ayababa. +
33 Iwayini labo liyisihlungu sezinyoka,
Ubuthi bezimfezi obunesihluku.
35 Impindiselo ingeyami, nokubuyisela, +
Ngesikhathi esimisiwe lapho unyawo lwabo lushelela, +
Ngoba usuku abazokwehlelwa ngalo inhlekelele luseduze,
Lokho okubalindele kuzofika ngokushesha.’
36 Ngoba uJehova uyokwahlulela abantu bakhe, +
Lapho ebona ukuthi amandla azo aphelile,
Nokuthi kusele ezingenawo amandla okuzisiza nezibuthaka.
37 Uyothi, ‘Baphi onkulunkulu babo, +
Idwala abafuna kulo isiphephelo,
38 Ababevame ukudla amanoni emihlatshelo yabo,*
Ukuphuza iwayini leminikelo yabo ephuzwayo? +
Mabavuke banisize.
Mababe indawo yenu yesiphephelo.
Ngiyabulala futhi ngiphilise. +
40 Ngoba ngiphakamisela isandla sami ezulwini,
Ngiyafunga ngithi: “Njengoba nakanjani ngizophila kuze kube phakade,” +
41 Uma ngilola inkemba yami ebenyezelayo
Ngizolungela ukwahlulela, +
Ngizophindisela kwabaphikisana nami +
Ngiphindisele kulabo abangizondayo.
42 Ngizodakisa imicibisholo yami ngegazi,
Ngegazi lababulewe nezithunjwa.
Inkemba yami izodla inyama,
Namakhanda abaholi besitha.’
43 Thokozani nina zizwe kanye nesizwe sakhe, +
Ngoba uyophindiselela igazi lezinceku zakhe, +
Futhi uyophindisela kwabaphikisana naye +
Alenzele isihlawulelo* izwe lesizwe sakhe.”
44 Ngakho uMose weza waphinde wawasho wonke amazwi ale ngoma kuzwa abantu, + yena noHosheya *+ indodana kaNuni. 45 Ngemva kokuba uMose eseqedile ukukhuluma wonke la mazwi kuwo wonke u-Israyeli, 46 wathi kuye: “Wafake enhliziyweni wonke amazwi engikuxwayisa ngawo namhlanje, + ukuze uyale abantwana bakho ukuba baqikelele ukuthi bawenza wonke amazwi alo Mthetho. + 47 Ngoba lawa akuwona amazwi angelona usizo kuwe kodwa awukuphila kwakho + futhi ngala mazwi ungaphila isikhathi eside ezweni owela iJordani ukuyolithatha.”
48 UJehova wakhuluma noMose ngalo lolu suku, wathi: 49 “Yenyukela kule ntaba yase-Abharimi, + iNtaba iNebo + esezweni lakwaMowabi, ebheke ngaseJeriko, ubone izwe laseKhanani engilinika ama-Israyeli njengefa. + 50 Ngemva kwalokho uzofela kule ntaba osuzoyenyuka, ungcwatshwe nabantu bakini,* njengoba nje no-Aroni umfowenu afela eNtabeni iHori + wangcwatshwa nabantu bakubo, 51 ngoba nobabili anithembekanga kimi phakathi kwama-Israyeli emanzini aseMeriba + laseKadeshi ehlane laseZini, ngenxa yokuthi aningingcwelisanga phambi kwama-Israyeli. + 52 Uzolibona leli zwe ukude, kodwa ngeke ungene ezweni engilinika isizwe sakwa-Israyeli.” +