UMalaki
2 “Lo myalo ubhekiswe kini bapristi. + 2 Uma nenqaba ukulalela, ningakunaki ukukhazinyuliswa kwegama lami,” kusho uJehova wamabutho, “Ngiyothumela kini isiqalekiso + futhi ngiyophendula izibusiso zenu zibe yiziqalekiso. + Yebo, ngiziphendulile izibusiso zenu zaba yiziqalekiso ngoba aninaki.”
3 “Bhekani! Ngizoyona* imbewu yenu etshaliwe ngenxa yezenzo zenu, + ngizosakaza ubulongwe ebusweni benu, ubulongwe bemikhosi yenu; niyolahlwa enqwabeni yobulongwe.* 4 Khona-ke niyokwazi ukuthi ngininike lo myalo ukuze isivumelwano sami noLevi siqhubeke,” + kusho uJehova wamabutho.
5 “Isivumelwano sami engasenza naye kwakungesokuphila nokuthula, engamnika kona kanye nokwesaba.* Wangesaba, yebo, wethuka ngenxa yegama lami. 6 Umthetho* weqiniso wawusemlonyeni wakhe, + ukungalungi akutholakalanga ezindebeni zakhe. Wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, + futhi wabuyisa abaningi esonweni. 7 Izindebe zompristi kufanele zifundise ulwazi ngoNkulunkulu, abantu kufanele bafune umthetho* emlonyeni wakhe + ngoba uyisithunywa sikaJehova wamabutho.
8 “Kodwa nina niphambukile endleleni. Nibangele abaningi ukuba bakhubeke ngokuphathelene nomthetho. *+ Nisonakalisile isivumelwano sikaLevi,” + kusho uJehova wamabutho. 9 “Ngakho ngizonenza ukuba nidelelwe futhi nibe phansi kubo bonke abantu ngoba anizigcinanga izindlela zami kodwa nabonisa ukukhetha lapho nisebenzisa umthetho.” +
10 “Asinaye yini ubaba oyedwa sonke? + Asidalwanga yini uNkulunkulu oyedwa? Pho kungani sikhohlisana, + singcolisa isivumelwano sokhokho bethu? 11 UJuda wenze ngokukhohlisa, futhi kwenziwe into enyanyekayo kwa-Israyeli naseJerusalema; ngoba uJuda akamhloniphanga uJehova, *+ Yena othanda okungcwele, futhi uthathe indodakazi yomunye unkulunkulu ukuba ibe ngumakoti wakhe. + 12 UJehova uyobulala wonke umuntu owenza lokhu ematendeni kaJakobe, noma ngabe ubani,* ngisho noma enikela umnikelo wesipho kuJehova wamabutho.” +
13 “Kukhona okunye* enikwenzayo, okubangela ukuba i-altare likaJehova limbozwe izinyembezi, isililo nokububula, kangangokuba akasayinaki iminikelo yenu yesipho noma ajabulele noma yini evela esandleni senu. + 14 Nina nithi, ‘Ngasiphi isizathu?’ Ngenxa yokuthi uJehova ube ufakazi phakathi kwakho nenkosikazi yobusha bakho, oyikhohlisile, nakuba ingumngani wakho nenkosikazi yakho ngokwesivumelwano. *+ 15 Kodwa ukhona ongazange akwenze, ngoba wayenokusele komoya. Wayefunani lowo muntu? Inzalo* kaNkulunkulu. Ziqapheni ngokuqondene nomoya wenu, ningayikhohlisi inkosikazi yobusha benu. 16 Ngoba ngiyayizonda* idivosi,” + kusho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, “nalowo omboza ingubo yakhe ngobudlova,”* kusho uJehova wamabutho. “Ziqapheni ngokuqondene nomoya wenu, ningenzi ngokukhohlisa. +
17 “Nimenze wakhathala uJehova ngamazwi enu. + Kodwa nina nithi ‘Simkhathaze kanjani?’ Ngokusho kwenu ukuthi, ‘Wonke umuntu owenza okubi muhle emehlweni kaJehova, uyajabula ngaye,’ + noma ngokuthi, ‘Uphi uNkulunkulu wobulungisa?’ ”