NgokukaMathewu
15 Khona-ke kweza kuJesu abaFarisi nababhali + bevela eJerusalema, bathi: 2 “Kungani abafundi bakho beqa amasiko abantu basendulo? Ngokwesibonelo, abazigezi* izandla lapho bezodla ukudla.” +
3 Ephendula wathi kubo: “Kungani nina neqa umyalo kaNkulunkulu ngenxa yamasiko enu? + 4 Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wathi, ‘Hlonipha uyihlo nonyoko,’ + wathi futhi, ‘Othuka uyise* noma unina makabulawe.’ + 5 Kodwa nina nithi, ‘Noma ubani othi kuyise noma kunina: “Noma yini enginayo ebingakusiza iyisipho esinikelwe kuNkulunkulu,” + 6 akudingeki neze amhloniphe uyise.’ Ngakho nilishaya indiva izwi likaNkulunkulu ngenxa yamasiko enu. + 7 Nina bazenzisi, u-Isaya waprofetha ngokufanele ngani, lapho ethi: + 8 ‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe, kodwa izinhliziyo zaso zikude nami. 9 Siqhubeka singikhulekela ngeze, ngoba sifundisa imiyalo yabantu njengezimfundiso.’ ” + 10 Ngemva kwalokho wabiza isixuku ukuba sisondele wathi kuso: “Lalelani futhi nikuqonde lokhu: + 11 Akukhona okungena emlonyeni womuntu okumngcolisayo; kodwa yilokho okuphuma emlonyeni wakhe okumngcolisayo.” +
12 Khona-ke abafundi beza bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bakhubekile lapho bezwa lokho okushilo?” + 13 Ephendula wathi: “Zonke izitshalo ezingatshalwanga nguBaba osezulwini ziyosishulwa. 14 Bayekeni. Bangabaholi abayizimpumputhe. Uma impumputhe ihola impumputhe, zombili ziyowela emgodini.” + 15 UPetru waphendula wathi kuye: “Sicacisele umfanekiso.” 16 Khona-ke wathi: “Nani anikaqondi namanje? + 17 Anazi yini ukuthi noma yini engena emlonyeni idlula esiswini bese ikhishelwa endlini yangasese? 18 Kodwa noma yini ephuma emlonyeni ivela enhliziyweni, lezo zinto yizo ezingcolisa umuntu. + 19 Ngokwesibonelo, enhliziyweni kuphuma imicabango emibi: + ukubulala, ukuphinga, ukuziphatha kabi ngokocansi,* ukweba, ubufakazi obungamanga, ukuhlambalaza. 20 Yilezi izinto ezingcolisa umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingageziwe* akumngcolisi umuntu.”
21 UJesu wasuka lapho waya esifundeni saseThire naseSidoni. + 22 Bheka! Owesifazane ongumFenike owayevela kuleso sifunda weza kuye wamemeza, wathi: “Yiba nesihe kimi, Nkosi, Ndodana kaDavide. Indodakazi yami ihlushwa yidemoni kabuhlungu.” + 23 Kodwa akazange amphendule. Ngakho abafundi bakhe beza kuye bamncenga bathi: “Mtshele ahambe, ngoba ulokhu ememeza emva kwethu.” 24 Waphendula wathi: “Angithunyelwanga kwabanye abantu kodwa ezimvwini ezilahlekile zendlu ka-Israyeli.” + 25 Kodwa owesifazane weza wamkhothamela, wathi: “Nkosi, ngisize!” 26 Waphendula wathi: “Akulungile ukuthatha isinkwa sabantwana usiphonsele imidlwane.” 27 Owesifazane wathi: “Yebo, Nkosi, kodwa empeleni imidlwane idla izimvuthu eziwa etafuleni labanikazi bayo.” + 28 UJesu waphendula wathi kuye: “O wena wesifazane, lukhulu ukholo lwakho; makwenzeke njengoba ufisa.” Indodakazi yakhe yalulama kusukela ngalelo hora kuqhubeke.
29 Esuka lapho, uJesu wafika eduze koLwandle LwaseGalile, + wabe esekhuphukela entabeni, wahlala khona. 30 Isixuku esikhulu sasondela kuye, saletha abantu ababeyizinyonga, ababegogekile, ababeyizimpumputhe, ababeyizimungulu nabanye, sababeka ezinyaweni zakhe, wabelapha. + 31 Ngakho isixuku samangala njengoba sibona izimungulu zikhuluma nababegogekile besindile nezinyonga zihamba nezimpumputhe zibona, sakhazimulisa uNkulunkulu ka-Israyeli. +
32 UJesu wabizela abafundi bakhe kuye wathi: “Ngiyasizwela isixuku, + ngoba sesihlale nami izinsuku ezintathu futhi asikaze sidle. Angifuni ukusihambisa silambile,* ngoba singase siphelelwe amandla endleleni.” + 33 Nokho, abafundi bathi kuye: “Kule ndawo engenabantu, sizozitholaphi izinkwa ezanele zokusuthisa isixuku esingaka?” + 34 UJesu wathi kubo: “Ninezinkwa ezingaki?” Bathi: “Eziyisikhombisa, nezinhlanzi ezincane ezimbalwa.” 35 Ngakho, ngemva kokuyala isixuku ukuba sihlale phansi, 36 wathatha lezo zinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi futhi ngemva kokubonga, wazihlephula wazinika abafundi, abafundi bona bazinika izixuku. + 37 Bonke badla basutha, kwaqoqwa obhasikidi abakhulu* abayisikhombisa ababegcwele okwakusele. + 38 Labo ababedla kwakungamadoda angu-4 000, kanye nabesifazane nabantwana. 39 Ekugcineni, ngemva kokuhambisa izixuku, wagibela esikebheni wafika esifundeni saseMagadani. +