13 Indodana ehlakaniphile iyasamukela isiyalo sikayise, +
Kodwa umhleki wosulu akakulaleli ukukhuzwa. +
2 Umuntu uyodla okuhle okuvela esithelweni senkulumo yakhe, +
Kodwa abakhohlisayo bafisa ukwenza ubudlova.
3 Oqapha umlomo wakhe uvikela ukuphila kwakhe, +
Kodwa ozivula kakhulu izindebe zakhe uyozilethela inhlekelele. +
4 Ivila liyazifisa izinto, kodwa alinalutho, +
Kodwa okhuthele uyokwaneliswa ngokugcwele. +
5 Olungile uyawazonda amanga, +
Kodwa izenzo zababi zibangela ukululazeka nehlazo.
6 Ukulunga kuyamvikela ondlela yakhe imsulwa, +
Kodwa ububi buketula isoni.
7 Kukhona oshaya sengathi ucebile kanti akanalutho; +
Kukhona nomunye oshaya sengathi umpofu kanti unengcebo eningi.
8 Ukuphila komuntu kuhlengwa ingcebo yakhe, +
Kodwa abampofu bona akekho obasongelayo. +
9 Ukukhanya kwabalungile kukhanya bha, +
Kodwa isibani sababi siyocinywa. +
10 Ukugabadela kubangela ingxabano nje kuphela, +
Kodwa ukuhlakanipha okwalabo abawafunayo amacebiso. +
11 Umcebo otholakale kalula uyoncipha, +
Kodwa umcebo womuntu awuqongelela kancane kancane uyokwanda.
12 Ukuhlehliswa kwento elindelwe kuyayigulisa inhliziyo, +
Kodwa isifiso esifezekile siyisihlahla sokuphila. +
13 Noma ubani odelela isiyalo uyojeza, +
Kodwa ohlonipha umyalo uyovuzwa. +
14 Imfundiso yohlakaniphile ingumthombo wokuphila +
Idedisa umuntu ezicuphweni zokufa.
15 Ukuqondisisa kwenza umuntu athole umusa,
Kodwa indlela yabakhohlisayo ayinamusa.
16 Umuntu onokuqonda wenza ngendlela ebonisa ukuthi unolwazi, +
Kodwa isiphukuphuku siveza ubuphukuphuku baso. +
17 Isithunywa esibi sibangela izinkathazo, +
Kodwa isithunywa esithembekile siletha ukuphulukiswa. +
18 Noma ubani ongasinaki isiyalo uba mpofu futhi ahlazeke,
Kodwa owamukela ukulungiswa uyokhazinyuliswa. +
19 Kuba mnandi kumuntu lapho isifiso sigcwaliseka, +
Kodwa iziphukuphuku azifuni ukusuka kokubi. +
20 Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, +
Kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi. +
21 Izoni zijahwa inhlekelele, +
Kodwa abalungile bavuzwa ngokuchuma. +
22 Umuntu omuhle ushiyela abazukulu bakhe ifa,
Kodwa ingcebo yesoni iyoqongelelelwa olungile. +
23 Insimu elinyiwe yabampofu ithela ukudla okuningi,
Kodwa ingase ithathwe ngenxa yokuntuleka kobulungisa.
24 Noma ubani ogodla induku yakhe uyayizonda indodana yakhe, +
Kodwa oyithandayo ukukhuthalele ukuyiyala. +
25 Olungile uyadla asuthe, +
Kodwa isisu sababi asinalutho. +