Eksodusi
14 UJehova wathi kuMose: 2 “Tshela ama-Israyeli ukuthi kufanele aphenduke agxumeke amatende awo phambi kwePhihahiroti, phakathi kweMigidoli nolwandle, ebheke eBhali-zefoni. + Nizogxumeka amatende enu abheke ngakulo ngasolwandle. 3 UFaro uzothi ngama-Israyeli, ‘Bayazulazula baphithene. Ihlane libavalele.’ 4 Ngizoyivumela inhliziyo kaFaro ukuba ibe lukhuni, + uzowajaha futhi mina ngizokhazimulisa igama lami ngokunqoba uFaro nawo wonke amabutho akhe; + nakanjani abaseGibhithe bazokwazi ukuthi nginguJehova.” + Ngakho yilokho abakwenza.
5 Kamuva kwabikwa enkosini yaseGibhithe ukuthi abantu babalekile. Ngaso leso sikhathi inhliziyo kaFaro neyezinceku zakhe yashintsha, + bathi: “Siyenzeleni le nto, ukuba sikhulule ama-Israyeli angabe esaba izigqila zethu?” 6 Ngakho walungisa izinqola zakhe zempi, wahamba nabantu bakhe. + 7 Wathatha izinqola ezikhethekile ezingu-600 nazo zonke ezinye izinqola zaseGibhithe kukhona amaqhawe kuzo zonke. 8 UJehova wayivumela inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe ukuba ibe lukhuni, wawajaha ama-Israyeli ngesikhathi wona ephuma ngeqholo *+ ezweni. 9 AbaseGibhithe bawajaha + futhi wonke amahhashi nezinqola zikaFaro namabutho ayegibele amahhashi namabutho akhe empi ayesezobafica ngesikhathi bemise amatende abo ngasolwandle, ngasePhihahiroti eduze kweBhali-zefoni.
10 Lapho uFaro esondela, ama-Israyeli aphakamisa amehlo awo abona abaseGibhithe bewajaha. Ama-Israyeli esaba kakhulu aqala ukukhala kuJehova. + 11 Athi kuMose: “Yingoba zingekho yini izindawo zokungcwaba eGibhithe njengoba usilethe lapha ukuba sifele ehlane? + Yini le osenze yona ngokusihola usikhiphe eGibhithe? 12 Asikutshelanga yini into efanayo eGibhithe, lapho sithi, ‘Siyeke sikhonze abaseGibhithe’? Ngoba kungcono kithi ukuba sikhonze abaseGibhithe kunokuba sifele ehlane.” + 13 UMose wathi kubantu: “Ningesabi. + Yimani niqine nibone insindiso kaJehova azonenzela yona namuhla. + Ngoba laba bantu baseGibhithe enibabonayo namuhla ngeke niphinde nibabone. + 14 UJehova ngokwakhe uzonilwela, + nina nizothula.”
15 UJehova manje wathi kuMose: “Kungani ulokhu ungikhalela? Tshela ama-Israyeli ukuthi kufanele aqhubeke nendlela yawo. 16 Wena, phakamisa induku yakho welulele isandla sakho phezu kolwandle uluhlukanise phakathi, ukuze ama-Israyeli anqamule ulwandle emhlabathini owomile. 17 Kodwa mina, ngivumela izinhliziyo zabaseGibhithe ukuba zibe nenkani, ukuze bangene bawalandele; mina ngikhazimulise igama lami ngokunqoba uFaro nawo wonke amabutho akhe, izinqola zakhe zempi namabutho akhe agibele amahhashi. + 18 Nakanjani abaseGibhithe bazokwazi ukuthi nginguJehova lapho ngikhazimulisa igama lami ngokunqoba uFaro, izinqola zakhe zempi namabutho akhe agibele amahhashi.” +
19 Ingelosi kaNkulunkulu weqiniso + eyayihamba phambi kwama-Israyeli yabe isisuka yaya emva kwawo, nensika yefu eyayiphambi kwawo yasuka yayoma emva kwawo. + 20 Ngakho yaba phakathi kwabaseGibhithe nabakwa-Israyeli. + Ngakolunye uhlangothi, yaba yifu elimnyama. Kolunye uhlangothi, yayikhanyisa ebusuku. + Ngakho la maqembu awazange asondelane ubusuku bonke.
21 UMose wabe eselulela isandla sakhe phezu kolwandle; + uJehova wahlehlisa ulwandle ngomoya wasempumalanga onamandla ubusuku bonke, waguqula ulwandle lwaba umhlabathi owomile, + amanzi ahlukana phakathi. + 22 Ngakho ama-Israyeli anqamula ulwandle emhlabathini owomile, + amanzi aba udonga kwesokudla nakwesobunxele sawo. + 23 AbaseGibhithe bawalandela; wonke amahhashi kaFaro, izinqola zakhe zempi namabutho akhe agibele amahhashi bangena phakathi olwandle bewalandela. + 24 Phakathi nomlindo wasekuseni,* uJehova walunguza abaseGibhithe esensikeni yomlilo nefu, + wabaphithanisa amakhanda abaseGibhithe. 25 Wayelokhu ekhumula amasondo ezinqoleni zabo zahamba kanzima, abaseGibhithe babethi: “Masibaleke singalokothi sithintane nama-Israyeli ngoba uJehova uyawalwela kwabaseGibhithe.” +
26 Ngemva kwalokho uJehova wathi kuMose: “Yelulela isandla sakho phezu kolwandle ukuze amanzi abuyele phezu kwabaseGibhithe, izinqola zabo zempi namabutho abo agibele amahhashi.” 27 UMose waselula ngaso leso sikhathi isandla sakhe phezu kolwandle, njengoba kwase kusa, ulwandle lwaqala ukubuyela esimweni salo esivamile. Njengoba abaseGibhithe babelubalekela, uJehova wabaphonsa phakathi olwandle abaseGibhithe. + 28 Amanzi abuya amboza izinqola zempi, amabutho agibele amahhashi nawo wonke amabutho kaFaro ayengene olwandle elandela ama-Israyeli. + Akukho ngisho noyedwa phakathi kwabo owasinda. +
29 Kodwa ama-Israyeli ahamba emhlabathini owomile phakathi olwandle, + amanzi aba udonga kwesokudla nakwesobunxele sawo. + 30 Ngakho uJehova wawasindisa ngalolo suku ama-Israyeli esandleni sabaseGibhithe, + ama-Israyeli abona abaseGibhithe befile ogwini lolwandle. 31 U-Israyeli wabona namandla* amakhulu uJehova awasebenzisa kwabaseGibhithe, abantu baqala ukumesaba uJehova nokuba nokholo kuJehova nasencekwini yakhe uMose. +