Eyesibili KwabaseThesalonika
2 Nokho, bazalwane, ngokuqondene nokuba khona kweNkosi yethu uJesu Kristu + nokubuthelwa kwethu ndawonye kuyo, + siyanicela 2 ukuba ninganyakaziswa kalula ekuqondeni kwenu noma nethuswe inkulumo ephefumulelwe *+ noma umyalezo oshiwo ngomlomo noma incwadi okungathi ivela kithi, ethi usuku lukaJehova *+ selufikile.
3 Maningadukiswa* muntu nganoma iyiphi indlela, ngoba ngeke lufike kungakafiki kuqala ukuhlubuka + futhi kwambulwe umuntu ongenamthetho, + indodana yokubhujiswa. + 4 Uyaphikisa futhi uziphakamisa ngaphezu kwakho konke okubizwa ngokuthi unkulunkulu noma into ekhulekelwayo,* kangangokuthi uhlala ethempelini likaNkulunkulu, ezibonakalisa phambi kwabo bonke sengathi ungunkulunkulu. 5 Anikhumbuli yini ukuthi ngesikhathi ngisenani, ngangivamile ukunitshela lezi zinto?
6 Manje seniyakwazi lokho okusebenza njengento evimbelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi esifanele. 7 Yiqiniso, lokhu kungabi namthetho okuyimfihlakalo sekuyasebenza, + kodwa kuphela kuze kube yilapho lowo njengamanje osebenza njengokuvimbelayo esengasekho endleleni. 8 Khona-ke, ngempela ongenamthetho uyokwambulwa, lowo iNkosi uJesu eyomqeda ngomoya womlomo wayo + futhi imenze ize ngokubonakaliswa + kokuba khona kwayo. 9 Kodwa ukuba khona kongenamthetho kungenxa yokusebenza kukaSathane + ngayo yonke imisebenzi yamandla nezibonakaliso zamanga nezimangaliso *+ 10 nangayo yonke inkohliso engalungile. + Konke lokhu kuyoqondiswa kulabo ababhubhayo, njengesijeziso ngoba abalamukelanga iqiniso futhi balithande ukuze basindiswe. 11 Yingakho uNkulunkulu evumela ithonya elikhohlisayo ukuba libadukise ukuze bakholwe amanga, + 12 ukuze bonke bahlulelwe ngenxa yokuthi abazange balikholwe iqiniso kodwa bajabulela ukungalungi.
13 Nokho, thina sibophekile ukubonga uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi ngenxa yenu, bazalwane abathandwa uJehova,* ngoba kusukela ekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela + ukuba nisindiswe ngokuningcwelisa + ngomoya nangokholo lwenu eqinisweni. 14 Wanibizela kukho lokhu ngezindaba ezinhle esizimemezelayo, ukuze nithole inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu. + 15 Ngakho-ke, bazalwane, yimani niqine + futhi nihlale nibambelele ezimfundisweni enazifundiswa, + noma ngabe nazithola ngomyalezo womlomo noma ngencwadi evela kithi. 16 Ngaphezu kwalokho, kwangathi iNkosi yethu uJesu Kristu ngokwayo noNkulunkulu uBaba wethu, owasithanda + futhi wanikeza induduzo yaphakade nethemba elihle + ngomusa omkhulu, 17 bangaduduza izinhliziyo zenu futhi baniqinise ukuze nenze okuhle nikhulume namazwi amahle.