19 Kungcono ukuba mpofu kodwa uhambe ngobuqotho +
Kunokuba isiphukuphuku ukhulume amanga. +
2 Akukuhle ukuba umuntu angabi nalo ulwazi, +
Nowenza ngamawala uyona.
3 Ngubuwula bomuntu obuhlanekezela indlela yakhe,
Nenhliziyo yakhe ifuthekela uJehova.
4 Umcebo uheha abangani abaningi,
Kodwa ompofu uyolahlwa ngisho nangumngani wakhe. +
5 Ufakazi wamanga ngeke ayekwe angajeziswa, +
Nophafuza amanga ngeke aphunyuke. +
6 Baningi abafuna umusa wesicukuthwane,
Futhi wonke umuntu ungumngani womuntu onikana izipho.
7 Umuntu ompofu uzondwa yibo bonke abafowabo; +
Yeka ukuthi abangani bakhe abamfuni kangakanani! +
Uyabalandela ebancenga, kodwa akekho osabelayo.
8 Noma ubani ozuza ukuhlakanipha uzithanda yena. +
Noma ubani owazisa ukuqonda uyophumelela. +
9 Ufakazi wamanga ngeke ayekwe angajeziswa,
Nophafuza amanga uyoshabalala. +
10 Ukunethezeka akumfaneli oyisiphukuphuku;
Kakhulu kangakanani-ke ukuba inceku ibuse izikhulu! +
11 Ukuqondisisa komuntu nakanjani kuyaludambisa ulaka lwakhe, +
Futhi kungubuhle kuye ukushalazelela ukoniwa. +
12 Ulaka lwenkosi lunjengokugwavuma kwebhubesi, +
Kodwa umusa wayo unjengamazolo ezintweni ezimilayo.
13 Indodana eyisiphukuphuku ilethela uyise ukuhlupheka, +
Nomfazi othanda ingxabano unjengophahla olulokhu luvuze njalo. +
14 Umuzi nomcebo kuyifa elivela kobaba,
Kodwa umfazi onokuqonda uvela kuJehova. +
15 Ubuvila bubangela ubuthongo obujulile,
Umuntu oyivila uyobulawa indlala. +
16 Ogcina umyalo ugcina ukuphila kwakhe; +
Obudedengu ezindleleni zakhe uyokufa. +
17 Obonisa ophansi umusa uboleka uJehova, +
Futhi Yena uyombuyisela ngalokho akwenzayo. +
18 Yala indodana yakho lisekhona ithemba, +
Ungabi nesandla ekufeni kwayo. +
19 Osheshe acasuke uyohlawula;
Uma uzama ukumsiza, kuyomelwe umsize njalo. +
20 Lalela iseluleko wamukele isiyalo, +
Ukuze uhlakaniphe esikhathini esizayo. +
21 Maningi amacebo enhliziyweni yomuntu,
Kodwa yintando kaJehova eyokuma. +
22 Into efiselekayo kumuntu uthando lwakhe oluqotho; +
Kungcono ukuhlupheka kunokuba umqambimanga.
23 Ukwesaba uJehova kuholela ekuphileni; +
Umuntu omesabayo uyophumula kamnandi, angalinyazwa yilutho. +
24 Ivila lifaka isandla esitsheni,
Kodwa alizihluphi ngisho nangokusibuyisela emlonyeni walo. +
25 Shaya umhleki wosulu + ukuze ongenalwazi ahlakaniphe, +
Usole oqondayo ukuze andise ulwazi. +
26 Ohlukumeza uyise futhi axoshe unina
Uyindodana ebanga amahloni nesihlamba. +
27 Ndodana yami, uma uyeka ukulalela isiyalo,
Uyophambuka endleleni yolwazi.
28 Ufakazi ongelusizo lwalutho ubuhleka usulu ubulungisa, +
Nomlomo wababi ugwinya ububi. +
29 Isahlulelo sigcinelwe abahleki bosulu, +
Nenduku ibekelwe umhlane weziphukuphuku. +