Eyokuqala KwabaseKorinte
6 Ingabe ukhona kini oxabene nomunye + ongalokotha aye enkantolo phambi kwabantu abangalungile, angayi phambi kwabangcwele? 2 Noma anazi yini ukuthi abangcwele bayokwahlulela izwe? + Uma izwe liyokwahlulelwa yini, ingabe anifaneleki ukuqula izindaba ezincane kakhulu? 3 Anazi yini ukuthi siyokwahlulela izingelosi? + Kungani-ke singenakwahlulela izindaba zalokhu kuphila? 4 Uma ninazo izindaba zalokhu kuphila okumele ziqulwe, + ingabe ngamadoda abukelwa phansi ebandleni eniwabeka ukuba abe abahluleli? 5 Ngikhuluma ukuze nginibangele amahloni. Akekho noyedwa yini ohlakaniphile phakathi kwenu okwazi ukwahlulela phakathi kwabafowabo? 6 Kunalokho umuntu uyisa umfowabo enkantolo, phambi kwabangewona amakholwa nokwenza!
7 Ngempela, nisuke seninqotshiwe kakade uma nimangalelana. Kunalokho, kungani ningavumi ukuba noniwe? + Kungani ningavumi ukuba niphanjwe? 8 Esikhundleni salokho, niyona futhi niphambe, nenze lokho kubafowenu nokwenza!
9 Anazi yini ukuthi abantu abangalungile ngeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu? + Ningadukiswa.* Labo abaziphatha kabi ngokocansi, *+ abakhonza izithombe, + iziphingi, + abantu abenza izenzo zobutabane, + amadoda alala namadoda, + 10 amasela, abantu abahahayo, + izidakwa, + abathuka inhlamba,* nabaphangi ngeke balizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu. + 11 Kodwa nokho yilokho abanye kini ababeyikho. Kodwa seniye nagezwa nahlanzeka; + seniye nangcweliswa; + sekuthiwe nilungile + egameni leNkosi uJesu Kristu nangomoya kaNkulunkulu wethu.
12 Zonke izinto zingokomthetho* kimi, kodwa akuzona zonke izinto ezisizayo. + Zonke izinto zingokomthetho kimi, kodwa ngeke ngivume ukuba noma yini ingilawule. 13 Ukudla okwesisu, nesisu esokudla, kodwa uNkulunkulu uyokwenza kokubili kube yize. + Umzimba awuwona owokuziphatha kabi ngokocansi,* kodwa oweNkosi, + neNkosi eyomzimba. 14 Kodwa uNkulunkulu wavusa iNkosi + futhi uzosivusa nathi ekufeni + ngamandla akhe. +
15 Anazi yini ukuthi imizimba yenu ingamalungu kaKristu? + Ingabe kufanele ngithathe amalungu kaKristu ngiwahlanganise namalungu esifebe? Lutho neze! 16 Anazi yini ukuthi noma ubani ohlanganiswe nesifebe, umzimba munye naso? Ngoba, “laba ababili,” kusho yena, “bayoba nyamanye.” + 17 Kodwa noma ubani ohlanganiswe neNkosi munye nayo emoyeni. + 18 Balekelani ukuziphatha kabi ngokocansi! *+ Zonke ezinye izono umuntu angase azenze zingaphandle komzimba wakhe, kodwa noma ubani oziphatha kabi ngokocansi wona owakhe umzimba. + 19 Anazi yini ukuthi umzimba wenu uyithempeli + lomoya ongcwele ongaphakathi kini, eniwuthole kuNkulunkulu? + Nokuthi anibona abenu, + 20 ngoba nathengwa ngentengo. + Khazimulisani uNkulunkulu + emzimbeni wenu + ngazo zonke izindlela.