uJobe
31 “Ngenze isivumelwano namehlo ami. +
Ngakho ngingayinaka kanjani ngokungafanele intombi? +
2 Siyoba yini-ke isabelo sami esivela kuNkulunkulu ophezulu,
Liyoba yini ifa elivela kuMninimandla Onke ophezulu?
5 Ngake ngahamba yini endleleni engelona iqiniso?*
Unyawo lwami lwake lwagijimela yini ekukhohliseni? +
7 Uma izinyawo zami ziphambuka endleleni +
Noma inhliziyo yami ilandele amehlo ami +
Noma izandla zami zingcolisiwe,
8 Khona-ke mangihlwanyele imbewu kudle omunye, +
Futhi engikutshalayo makusishulwe.*
9 Uma inhliziyo yami ihungwe owesifazane +
Ngahoba + emnyango kamakhelwane,
10 Umkami makagayele enye indoda ukudla okusanhlamvu,
13 Uma ngingabanga nobulungisa ezincekwini zami
Lapho zinesikhalo ngami,
14 Yini engingayenza lapho uNkulunkulu engibuza?
Ngingamphendula ngithini lapho efuna kulandiswe? +
15 Owenza mina esibelethweni akabenzanga yini nabo? +
Akuyena yini owasenza singakazalwa? *+
16 Uma nganginqaba ukunika abampofu ababekufisa, +
Noma ngibangela amehlo omfelokazi ukuba abe lusizi; *+
17 Uma ngangikudla ngedwa ukudla kwami
Ngingaziphi izintandane; +
18 (Ngoba kusukela ebusheni bami intandane yakhulela kimi njengokungathi nginguyise,
Futhi kusukela ngiseyingane* ngangilokhu ngihola umfelokazi.)
19 Uma ngabona umuntu eshabalala ngenxa yokungabi nangubo
Noma ompofu engenasembatho; +
20 Uma engazange* angibusise +
Njengoba ayezifudumeza ngoboya bezimvu zami;
21 Uma ngasikaza intandane ngesibhakela +
Lapho idinga usizo lwami esangweni ledolobha; *+
22 Ingalo* yami mayihlukane nehlombe lami,
Ingalo yami mayinqamuke endololwaneni.
23 Ngoba ngangiyesaba inhlekelele evela kuNkulunkulu,
Futhi ngangingenakukwazi ukuba phambi kwenkazimulo yakhe.
25 Uma ngathola injabulo engcebweni yami eningi +
Ngenxa yezinto eziningi engaziqongelela; +
26 Uma ngabona ilanga* likhanya
Noma inyanga inyakaza ebukhazikhazini bayo; +
27 Inhliziyo yami yahungeka ekusithekeni,
Nomlomo wami waqabula isandla sami njengesenzo sokukukhulekela; +
28 Bekuyoba isiphambeko esifanelwe ukujeziswa abahluleli,
Ngoba bengiyobe ngimphikile uNkulunkulu weqiniso ophezulu.
31 Abantu betende lami abashongo yini ukuthi,
32 Akukho sihambi* okwakudingeka silale ngaphandle ebusuku; +
Iminyango yami ngangiyivulela umuntu oyisihambi.
33 Ngake ngazama yini ukufihla izeqo zami njengabanye abantu, +
Ngokufihla isiphambeko sami ekhukhwini lengubo yami?
34 Ngake ngesaba yini ukuthi iningi lizothini,
Noma ngake ngesatshiswa yini ukwedelela kweminye imindeni,
Kungenze ngithule, ngesabe nokuphumela ngaphandle?
35 Ukube nje othile ubengangilalela! +
Bengiyobhala igama lami kwengikushilo.
UMninimandla Onke makangiphendule! +
Ukube nje ummangaleli wami ubewabhale encwadini amacala!
36 Bengiyoyitshatha ehlombe,
Ngiyibeke ekhanda njengomqhele.
37 Bengiyomtshela ngazo zonke izinto engizenzile;
Bengiyosondela kuye ngokuzethemba, njengenkosana.
38 Uma umhlaba wami ubungakhala ngami
Nemisele yawo ikhale kanyekanye;
39 Uma ngizidle mahhala izithelo zawo, +
Noma uma ngibangele usizi kubanikazi bawo; +
40 Khona-ke mangimilelwe ameva esikhundleni sikakolweni
Nokhula olunukayo esikhundleni sebhali.”
Amazwi kaJobe aphela lapha.