18 Noma ubani ozihlukanisayo ufuna ukufeza izifiso zakhe zobugovu;
Wenqaba konke ukuhlakanipha okuwusizo.
2 Umuntu oyisiphukuphuku akajabuli ngokuqonda;
Uncamela ukwambula okusenhliziyweni yakhe. +
3 Lapho kufika omubi, kufika nokwedelela,
Nehlazo lihambisana nesihlamba. +
4 Amazwi aphuma emlonyeni womuntu angamanzi ajulile. +
Umthombo wokuhlakanipha uwumfudlana ophuphumayo.
5 Akukuhle ukukhetha omubi +
Noma ukugodlela umuntu olungile ubulungisa. +
6 Inkulumo yesiphukuphuku ibanga ingxabano, +
Nomlomo waso uzibizela induku. +
7 Umlomo wesiphukuphuku uwukubhujiswa kwaso, +
Nezindebe zaso ziwugibe ekuphileni kwaso.
8 Amazwi omnyundeli anjengokudla okumnandi; +
Ayagwinywa angene phakathi esiswini. +
9 Noma ubani ovilaphayo emsebenzini wakhe
Ungumfowabo womuntu obangela incithakalo. +
10 Igama likaJehova lingumbhoshongo oqinile. +
Olungile ubalekela kuwo athole isivikelo. +
11 Ingcebo yomuntu ocebile yidolobha lakhe elinezivikelo eziqinile;
Engqondweni yakhe ifana nodonga oluvikelayo. +
12 Inhliziyo eqhoshayo yandulela ukuphahlazeka komuntu, +
Ukuthobeka kwandulela udumo. +
13 Lapho umuntu ephendula indaba ngaphambi kokuba ezwe amaqiniso,
Lokho kungubuwula nokuhlazeka. +
14 Umoya omuhle ungamqinisa umuntu lapho egula, +
Kodwa ubani ongabekezelela umoya omunyu? +
15 Inhliziyo yoqondayo izuza ulwazi, +
Nendlebe yohlakaniphile ifuna ukuthola ulwazi.
16 Isipho somuntu simvulela indlela; +
Simhlanganisa nezikhulu.
17 Olwethula kuqala udaba lwakhe ubonakala elungile, +
Kuze kube yilapho kufika lowo ommangalele amphenye ngemibuzo. +
18 Inkatho iyaziqeda izingxabano +
Ixazulule nemibango eshubile.
19 Kulula ukuthumba idolobha elinezivikelo eziqinile kunokunqanda ulaka lomfowenu owoniwe, +
Futhi kukhona izingxabano ezinjengemigoqo yenqaba. +
20 Umuntu uyosuthiswa okuvela esithelweni senkulumo yakhe; +
Uyobhekana nemiphumela yezinto azishoyo.
21 Ukufa nokuphila kusemandleni olimi; +
Labo abathanda ukulusebenzisa bayodla izithelo zalo. +
22 Lowo othole umfazi omuhle, uthole into enhle, +
Uthola nomusa kaJehova. +
23 Umuntu ohluphekayo uyancenga lapho ekhuluma,
Kodwa ocebile uphendula ngokhahlo.
24 Kukhona abangani abaphihlizanayo, +
Kodwa kukhona umngani onamathela ngaphezu komfowenu. +