ISAHLUKO SESHUMI NANE
“Isibusiso Kuze Kungabikho Ukuswela”
1, 2. (a) Yikuphi ukukhetha okuzuzisayo ngamunye wethu angakwenza? (b) Ukugcwaliseka kwasiphi isiprofetho okuthinta izibusiso esingazithola?
ISIKHATHI sethu yisikhathi sokwahlulela nesesibusiso. Siyinkathi yokonakala kwenkolo nesokubuyiselwa okungokomoya. Ngokuqinisekile kufanele ufune isibusiso kanye nemiphumela emihle yamanje neyesikhathi esizayo yokubuyiselwa okungokomoya! Kodwa ungaqiniseka kanjani ngakho? Impendulo ihilela isiprofetho esagcwaliseka ngokuyinhloko ngemva nje kokuqala ‘kwezinsuku zokugcina’ ngo-1914. (2 Thimothewu 3:1) UMalaki wabikezela: “‘INkosi yeqiniso [uJehova] eniyifunayo iyofika . . . ethempelini laYo, nesithunywa sesivumelwano enijabula ngaso. Bheka! Iyofika ngokuqinisekile,’ kusho uJehova wamabutho.”—Malaki 3:1.
2 Lesi siprofetho esisemqoka kangaka ekuphileni kwakho sisencwadini yokugcina ezincwadini zesiprofetho ezingu-12. Njengoba siphetha ingxoxo yazo, lokho okwabhalwa uMalaki kubalulekile. Incwadi yakhe inomyalo obalulekile oyokwenza wena nezinye izinceku zikaJehova nithole “isibusiso kuze kungabikho ukuswela.” (Malaki 3:10) Ake sihlolisise isahluko 3 sencwadi kaMalaki.
ISIKHATHI SOKUHLANZWA NGOKOMOYA
3. Yini eyenziwa abantu bakaNkulunkulu basendulo eyaholela ekukhethweni ‘kuka-Israyeli kaNkulunkulu’?
3 Emakhulwini angaba mahlanu eminyaka ngemva kwesikhathi sikaMalaki, uJehova, emelelwe uKristu (“isithunywa” sikaNkulunkulu “sesivumelwano” sika-Abrahama), wafika ethempelini elingokoqobo eJerusalema ezokwahlulela abantu baKhe besivumelwano. Iningi kuleso sizwe lalingakufanelekele ukuqhubeka liboniswa umusa, ngakho uJehova wasilahla. (Mathewu 23:37, 38) Ungabubona ubufakazi balokho kulokho okwenzeka ngo-70 C.E. Ungaqiniseka futhi ukuthi esikhundleni saso, uNkulunkulu wakhetha “u-Israyeli kaNkulunkulu,” isizwe esingokomoya sabangu-144 000 abathathwe kuzo zonke izizwe. (Galathiya 6:16; Roma 3:25, 26) Nokho, kwakungekhona lokho ukugcwaliseka kokugcina kwesiprofetho sikaMalaki. Sikhuluma nangesikhathi samanje futhi siwathinta ngokuqondile amathemba akho esikhathi esizayo okuthola “isibusiso kuze kungabikho ukuswela.”
4. Imuphi umbuzo okwadingeka uphendulwe ngemva kokuhlala kukaJesu esihlalweni sobukhosi ngo-1914?
4 Ukugcwaliseka kwesiprofetho seBhayibheli kuqinisekisa ukuthi ngo-1914, uJesu Kristu wamiswa njengeNkosi yoMbuso kaJehova wasezulwini. Kwabe sekufika isikhathi sokuba uJesu aveze ukuthi iliphi iqembu lamaKristu elalifanelwe umusa waphezulu. Obani ababeyophumelela esivivinyweni sokuba msulwa ngokomoya? Impendulo ungayithola emazwini kaMalaki: “Ngubani oyolumela usuku lokufika kwayo, futhi ngubani oyokuma lapho ibonakala? Ngoba iyoba njengomlilo womcwengi.” (Malaki 3:2) UJehova wafika nini futhi kanjani “ethempelini” lakhe ezokwahlulela?
5, 6. (a) Lapho uJehova efika ethempelini lakhe elingokomoya ezohlola, yini ayithola phakathi kweningi lababethi bangamakholwa? (b) Kwakudingeka zenziweni izinceku zikaNkulunkulu ezigcotshwe ngomoya?
5 Ngokusobala, uNkulunkulu akafikelanga ethempelini lamatshe nodaka. Ithempeli lokugcina elinjalo lokukhulekela kweqiniso lalibhujiswe ngo-70 C.E. UJehova wafikela ethempelini elingokomoya, ilungiselelo abantu abangeza ngalo kuye futhi bamkhulekele ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo. (Hebheru 9:2-10, 23-28) Amasonto eLobukholwa ayengelona neze lelo thempeli elingokomoya ngoba ayeyingxenye yesimiso senkolo esinecala lokuchitha igazi nokufeba ngokomoya, esasikhuthaza izimfundiso zamanga kunokukhulekela okumsulwa. UJehova waba “ngufakazi osheshayo ngokumelene” nabanjalo, futhi wena uyazi ukuthi isahlulelo sakhe esibi sasifaneleka. (Malaki 3:5) Nokho, ngemva kokumiswa koMbuso kaNkulunkulu, kwakuneqembu lamaKristu eqiniso elalikhonza emagcekeni ethempeli likaNkulunkulu elingokomoya elabonisa ukwethembeka kwalo kuNkulunkulu libhekene novivinyo olunzima. Noma kunjalo, kwabona laba abagcotshiwe kwakudingeka bahlanzwe. Imibhalo yabaprofethi abangu-12 yakhuluma ngalokho, ngoba inezithembiso ezithinta inhliziyo zokubuyiselwa ngokomoya nangokwenyama phakathi kwezinceku zikaNkulunkulu. UMalaki wabikezela ukuthi kwakuyoba nabantu uJehova ‘ayobacwenga njengegolide nanjengesiliva.’ ‘KuJehova babeyoba ngabantu abaletha umnikelo wesipho ngokulunga.’—Malaki 3:3.
6 Ngokobufakazi obunamandla obutholakalayo, kusukela ngo-1918 kuqhubeke, uJehova wahlanza amaKristu agcotshiwe, wahlanza ukukhulekela kwawo, imikhuba, nezimfundiso.a Wona kanye ‘nesixuku esikhulu’ esazihlanganisa nawo kamuva, baye bazuza kakhulu. (IsAmbulo 7:9) Njengeqembu elinobunye, bayaqhubeka beletha “umnikelo wesipho ngokulunga,” umnikelo ‘owanelisayo kuJehova.’—Malaki 3:3, 4.
7. Yini okufanelekayo ukuba sizibuze yona ngokuma kwethu noNkulunkulu?
7 Kuyiqiniso lokho ngabantu bakaNkulunkulu bebonke, kodwa kuthiwani ngathi ngabanye? Ungase ubuze: ‘Esimweni sami sengqondo nakwengikwenzayo, kukhona yini okusadinga ukucwengisiswa? Ingabe kusadingeka ngicwenge ukuziphatha kwami, njengoba nje noJehova ebacwengile abagcotshiweyo bakhe?’ Sibonile ngaphambili ukuthi abaprofethi abangu-12 baqokomisa imibono nokuziphatha okungafanele kanye nezimfanelo nezenzo ezinhle. Lokho kukwenze wazi ukuthi “yini uJehova ayicela kuwe.” (Mika 6:8) Phawula, kuthiwa “kuwe.” Lokhu kugcizelela isizathu sokuba ngamunye wethu azihlole ukuthi kusadingeka yini acwengwe noma ahlanzwe ngokwengeziwe.
“NGIYANICELA UKUBA NINGIVIVINYE”
8. Yisiphi isimemo uJehova asidlulisele kubantu bakhe?
8 Cabanga ngalokho uJehova akushoyo futhi ngoMalaki esahlukweni 3, ivesi 10. Uzothola lesi simemo esihle: “‘Lethani konke okweshumi enqolobaneni, ukuze kube khona ukudla endlini yami; ngiyanicela ukuba ningivivinye kulesi sici,’ kusho uJehova wamabutho, ‘ukuthi ngeke yini nginivulele amasango ezikhukhula asemazulwini empeleni ngithululele phezu kwenu isibusiso kuze kungabikho ukuswela.’” Lesi simemo sidluliselwa kubantu bakaNkulunkulu njengeqembu. Ingabe unomuzwa wokuthi siqondiswe nakuwe njengomuntu ngamunye?
9. Hlobo luni lweminikelo nokweshumi ongakuletha kuJehova?
9 Ungamnika kanjani “okweshumi” uJehova? Kuyavunywa, awubophekile ukuba ulethe iminikelo nokweshumi okungokoqobo, njengoba kwakusho uMthetho. UNkulunkulu manje ulindele iminikelo engokomoya. Njengoba sixoxile esahlukweni esandulele, uPawulu wachaza umsebenzi wakho wokushumayela njengomnikelo. (Hoseya 14:2) Wabe esesho olunye uhlobo lomhlatshelo, ebhala: “Ningakukhohlwa ukwenza okuhle nokupha abanye izinto [ezibonakalayo], ngoba uNkulunkulu ujatshuliswa yimihlatshelo enjalo.” (Hebheru 13:15, 16) Kusobala-ke ukuthi “okweshumi” okushiwo kuMalaki 3:10 kufanekisela iminikelo engokomoya neyezinto ezibonakalayo. NjengomKristu obhapathiziwe, uzinikezele ngokugcwele kuJehova, kodwa okweshumi kwakho kufanekisela ingxenye yalokho okungokwakho okwazi ukukuletha kuJehova, noma ukusebenzise enkonzweni yakhe. Kuhlanganisa isikhathi, amandla, izimali, neminikelo yezinto ezibonakalayo ozenza zitholakalele ukusetshenziswa enkonzweni kaJehova.
10. ‘UJehova ungamvivinya’ ngamuphi umqondo ofanele?
10 Yeka indlela okufaneleka ngayo ukuba okweshumi okungokomfanekiso ukunikele kuJehova ngomuzwa wokuzinikela nothando! Umuzwa wokuphuthuma nawo uhilelekile. Uyaqaphela ukuthi usuku olukhulu lukaJehova lusondela ngokushesha nokuthi “luyesabeka kakhulu.” (Joweli 2:1, 2, 11) Ukuphila kusengozini. UNkulunkulu ukhipha isimemo nawe ongasabela kuso. UJehova ukucela ukuba ‘umvivinye.’ Yiqiniso, akukho muntu ophansi okufanele agagamele avivinye uJehova njengokungathi uNkulunkulu akathembekile. (Hebheru 3:8-10) Kodwa ngokuthobeka ungamvivinya ngomqondo ofanele. Kanjani? Uthembise isibusiso. Lapho umlalela, uyamvivinya uNkulunkulu, njengokungathi uyabuza, ‘Uzongibusisa yini?’ Naye ube esezibophezela ngokuthi uzokubusisa, egcina isithembiso sakhe. Ngakho, ukuvumela kukaNkulunkulu ukuba ‘umvivinye’ kuyakuqinisekisa ukuthi uzokubusisa kakhulu.
11, 12. Yiziphi izibusiso zikaJehova kubantu bakhe oye wazibona?
11 Uyabona ukuthi abantu bakaJehova baye banikela kakhulu ngezinto ezibonakalayo nangemihlatshelo engokomoya. Ngenxa yalokho, uJehova uthulule ‘isibusiso kwaze kwangabikho ukuswela.’ Kungenzeka usibonile leso sibusiso sinikwa abantu bakaNkulunkulu, njengoba sibonakala ngokwanda okumangalisayo kwamanani oFakazi BakaJehova okuye kwenzeka kusukela ekuqaleni kwekhulu lama-20 kuze kube sosukwini lwethu. Ukubonile nokuthuthuka okuphawulekayo ekuqondeni ‘izinto ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Korinte 2:10; IzAga 4:18) Nokho, ake ukubheke ngolunye uhlangothi: Kukuthinte kanjani wena?
12 Kungenzeka ukuthi wake wasonta, noma kwake kwaba nesikhathi owawusaqala ngaso ukuya emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Ngaleso sikhathi, angakanani amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo owawuwaqonda? Manje qhathanisa lokho nalokhu osukufundile kusukela ngaleso sikhathi nosukwazi ukukufakazela ngemiBhalo. Noma cabanga ngezinto ezijulile osuziqonda, ezihlanganisa iziprofetho ezigcwalisekayo manje. Cabanga nangentuthuko yakho ekusebenziseni amavesi athile eBhayibheli ezicini zokuphila kwakho. Yeka inqubekela-phambili osuyenzile! Ungasho njengoba kwasho umphostoli uPetru: “Sinezwi lesiprofetho elenziwe laqiniseka ngokwengeziwe.” (2 Petru 1:19) Nanti iphuzu: Wena uye ‘wafundiswa uJehova’ futhi uphakathi kwabantu abaqhuba ubuKristu bangempela futhi abafuna ukukhonza uJehova phakade. (Isaya 54:13) Kwamanje ungasho kugcwale umlomo ukuthi ukubusise kakhulu.
IGAMA LAKHO ENCWADINI YOKUPHILA
13. Kungenzeka kanjani ukuba igama lomuntu lilotshwe encwadini kaNkulunkulu yenkumbulo?
13 KuMalaki 3:16 kukhulunywa ngezibusiso zikaJehova ezengeziwe: “Ngaleso sikhathi abamesabayo uJehova bakhuluma omunye komunye, yilowo nalowo nomngane wakhe, uJehova waqhubeka enakile futhi elalele. Kwalotshwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe yalabo abamesabayo uJehova nalabo abacabanga ngegama lakhe.” Kokubili abagcotshiweyo nesixuku esikhulu babonisa ‘ukwesaba uJehova’ okunenhlonipho. Awukubheki yini njengelungelo ukuba omunye woFakazi BakaJehova, ilungu labantu abajabulayo abacabanga ngegama likaJehova futhi balimemezele emhlabeni wonke? Yeka indlela onganeliseka ngayo ngokuba nesiqinisekiso sokuthi uJehova uyakukhumbula ukwethembeka kwakho!—Hebheru 6:10.
14. Abaprofethi abangu-12 bakusize kanjani ukuba ubone izimo zengqondo nemikhuba uJehova ayizondayo?
14 Nokho, wena ungakufanelekela kanjani ukuba igama lakho lifakwe kuleyo “ncwadi yenkumbulo,” ebhalwayo kumanje nje phambi kukaJehova? Khumbula ezinye zezeluleko ezihlakaniphile esizithole ezincwadini zabaprofethi abangu-12. Siye saqonda ukuthi ikuphi ukuziphatha, izimfanelo, nezimo zengqondo ezingamjabulisi uJehova. Ngokwesibonelo, abaprofethi basiqaphelise ngemikhuba uNkulunkulu athi ingqubuzana nezindinganiso zakhe zokulunga futhi ingonakalisa ukuphila kwethu, ‘njengokuziphatha okubi’ ‘nomoya wobufebe.’ (Hoseya 4:12; 6:9) UNkulunkulu uyabazonda abantu abakhohlisa abangane babo bomshado noma amanye amalungu omkhaya. (Malaki 2:15, 16) UJehova waphefumulela abaprofethi ukuba bagcizelele ukuthi akathokozi ngobudlova, noma ngabe obanhloboni. (Amose 3:10) Wabuye wabenza baqokomisa isidingo sokugwema ukungabi nabulungisa noma ukungathembeki ezindabeni zebhizinisi nezezimali. (Amose 5:24; Malaki 3:5) Izincwadi ezingu-12 zigcizelele nendlela okubaluleke ngayo ukuba amadoda aphathiswe igunya angaxhoshwa ukukhetha noma ubugovu lapho ahlulela.—Mika 7:3, 4.
15. Yiziphi ezinye zezinzuzo ezinhle oyozithola ngokulandela izikhuthazo zabaprofethi abangu-12?
15 Nokho, abaprofethi benze okungaphezu nje kokusibonisa izinto okumelwe sizigweme. Baqokomise nezinzuzo esingazithola ngokusekela izindinganiso zikaNkulunkulu. Siyosondelana kakhulu noJehova. (Mika 4:5) Ibandla lakithi liyoqina ngokwengeziwe futhi likhuthale uma kuvame ukulunga. Umshado wethu uyoqina kakhulu, umkhaya wethu ube nobunye ngokwengeziwe, ugxile kakhulu ezintweni ezingokomoya. (Hoseya 2:19; 11:4) Ngokwenza ngobulungisa nangokwethembeka, abanye bayosihlonipha. Siyolingisa isihe sikaJehova ngokubonisa isihawu nomusa wothando, bese abafowethu nodadewethu nabo besibonisa lezi zimfanelo. (Mika 7:18, 19) Yebo, siyozungezwa abantu abangokomoya, abafowethu nodadewethu abathanda iqiniso nokuthula, futhi ngaphezu kwakho konke, siyobe sizuze ubungane noJehova. (Zakariya 8:16, 19) Awuvumi yini ukuthi uyazithola kakade lezi zibusiso?
16. Imuphi umehluko obonakalayo namuhla, futhi uyosho ukuthini ngosuku lukaJehova lwamanqamu?
16 Ngenxa yalokhu esisanda kuxoxa ngakho, kuyiqiniso impela ukuthi “umehluko phakathi kolungileyo nomubi”—phakathi kwamaKristu eqiniso nawamanga—ucace kakhulu kunangaphambili. (Malaki 3:18) Silwela ukuzivumelanisa nezindinganiso zikaJehova kanti abaningi ezweni baya bengena obishini lokungamhloniphi uNkulunkulu. Uyazi ukuthi lo mehluko uyobafaka kwenkulu inkinga lapho “usuku olukhulu lukaJehova” lufika.—Zefaniya 1:14; Mathewu 25:46.
17. Esikhathini esizayo, ungakusebenzisa kanjani ukwaziswa okukule ncwadi?
17 Ngokusobala-ke, izeluleko zabaprofethi abangu-12 aziphelelwa isikhathi. Njengoba ubhekana nezinselele nezinqumo, ungase uthande ukubukeza ukwaziswa okulusizo okusezahlukweni zale ncwadi. Ngaleyo ndlela ubonise ukuthi uyafisa ukuqhubeka ufundiswa izindlela zikaJehova ‘nokuhamba ezindleleni zakhe.’ (Mika 4:2) Kodwa ukuhamba kuleyo ndlela akugcini esikhathini samanje. Isifiso sakho esiqotho ukuba igama lakho lilotshwe unomphela encwadini kaJehova yenkumbulo, akunjalo? Izincwadi zabaprofethi abangu-12 zingakusiza ukuba kwenzeke lokho.
UKHOLO LUHOLELA ENSINDISWENI
18. Iyiphi imfuneko esemqoka oyithola kuJoweli 2:32, futhi umphostoli uPawulu wanezelani kuleyo mfuneko?
18 Egcizelela isici esiyinhloko esingakulethela umusa kaNkulunkulu waphakade, uJoweli wathi: “Wonke umuntu obiza igama likaJehova [uyosinda].” (Joweli 2:32) Abaphostoli ababili, uPetru noPawulu, bayicaphuna le mfuneko esemqoka. (IzEnzo 2:21; Roma 10:13) UPawulu wanezela nesinye isici kuleso sikhuthazo lapho ebuza: “Bayombiza kanjani lowo abangabanga nokholo kuye?” (Roma 10:14) Ngokuqinisekile uyafuna ukubiza igama likaJehova nokuba nokholo kuye manje naphakade!
19. Kuhilelani ukubiza igama likaJehova?
19 Ukubiza igama likaJehova kuhilela okungaphezu kokwazi nokusebenzisa igama likaNkulunkulu. (Isaya 1:15) Umongo kaJoweli 2:32 ugcizelela ukuphenduka kwangempela nokuthembela entethelelweni kaJehova. (Joweli 2:12, 13) Ukubiza igama likaNkulunkulu kusho ukumazi ngempela, ukumethemba, ukumlalela, nokumbeka kuqala ekuphileni kwethu. Yebo, ukukhonza uJehova kuba yinto esiyiphilelayo. Lokho kube sekuholela ekuphileni okwanelisayo nokuhlala njalo, okuyisibusiso esivela kuNkulunkulu.—Mathewu 6:33.
20. Njengoba ubonisa ukholo, yimuphi umvuzo omangalisayo ongawuthola?
20 UJehova wathi ngoHabakuki: “Olungileyo, uyoqhubeka ephila ngokwethembeka kwakhe.” (Habakuki 2:4) Qiniseka ukuthi uyakugxilisa lokhu engqondweni nasenhliziyweni yakho. Kungelinye lamaqiniso eBhayibheli awumgogodla. UPawulu wabhekisela kulowo mbhalo kathathu ezincwadini zakhe eziphefumulelwe.b (Roma 1:16, 17; Galathiya 3:11, 14; Hebheru 10:38) Leli qiniso lidinga ukuba ube nokholo emhlatshelweni uJesu Kristu awunikela ngenxa yezono zethu. UJesu wachaza: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo . . . abe nokuphila okuphakade.” Sifunda nokuthi: “Obonisa ukholo eNdodaneni unokuphila okuphakade.” (Johane 3:16, 36) Lowo mhlatshelo wenza kutholakale ukuphulukiswa okunganikezwa uMkhululi wethu kuphela. Ngemva kokuloba amazwi kaJehova achaza okuyokwenziwa usuku lwaKhe olukhulu ezweni elibi likaSathane, uMalaki waqhubeka: “Ilanga lokulunga liyophumela kini, nina enilesabayo igama lami, linokuphulukisa emaphikweni alo.” Yebo, uJesu uyokhipha ukukhanya okuphulukisayo. Lokhu kuhlanganisa nokuphulukiswa ngokomoya esikutholayo manje. Kodwa yeka indlela okujabulisa ngayo ukucabanga ukuthi kuyodlulela nasekuphulukisweni okuphelele ngokwenyama ezweni elisha!—Malaki 4:2.
21. Kungani ungaba nokholo emandleni kaJehova okufeza intando yakhe?
21 Kusemqoka nokuba nokholo emandleni kaNkulunkulu okufeza intando yakhe. Osukwini lukaMika, kwakunzima ukuthemba abanye abantu. Wathi: “Ungabi nokholo kumngane. Ungabeki ithemba lakho kumngane oyisifuba.” Kodwa uMika wayengenankinga yokuthemba uJehova; akufanele ube nayo nawe. UMika wathi: “Mina, ngizohlala ngibheke uJehova.” (Mika 7:5, 7) Ngokungafani nabantu ongeke ubaqonde, uJehova uyafuna futhi unamandla okugcwalisa injongo yakhe yokulwela ubukhosi bakhe nenhlalakahle yaphakade yabantu abanokholo.
22. Kuyokwenzekani kubantu ababiza igama likaJehova ngokholo?
22 Ungawenanela ngokuqiniseka amazwi kaHabakuki: “Ngiyokwethaba ngoJehova ngokwakhe; ngiyojabula ngoNkulunkulu wensindiso yami.” (Habakuki 3:18) Umprofethi uJoweli ucacisa isizathu sokujabula kwalabo ababiza igama likaJehova ngokholo: ‘Bayophunyuka’ noma, njengoba uPawulu esho, ‘bayosindiswa.’ (Joweli 2:32; Roma 10:13) Ukuphunyuka noma ukusindiswa ngamuphi umqondo? Ukuba kwakho nokholo sekukusindisile kakade ebuqilini bukaSathane nasemiphumeleni eminingi ebuhlungu etholwa ababi. (1 Petru 1:18) Nokho, ngaphezu kwalokho, ungabheka phambili ngokuqiniseka ekusindisweni ekupheleni kwalesi simiso sezinto esibi okuyoba inhlekelele. Lokho kuyokuvulela ithuba lokuthola izibusiso eziningi ezabikezelwa abaprofethi abangu-12.
AMAZWIBELA EPHARADESI
23, 24. (a) Yimaphi amazwibela ePharadesi anikezwa ngabaprofethi abangu-12? (b) Izinto ezalotshwa abaprofethi abangu-12 ziwuthinte kanjani umbono wakho ngekusasa?
23 Kunezibusiso ezingapheli ezilindele abantu ‘abesaba uJehova.’ (Malaki 3:16) Abanye babaprofethi abangu-12 basinikeza amazwibela acacile ePharadesi lasemhlabeni eseliseduze, izincazelo ezingakwenza uphuphume injabulo nokulangazela. Ngokwesibonelo, uMika wabhala: “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele.” (Mika 4:4) Ngempela, ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu, uyozizwa ulondekile futhi uvune izithelo zomsebenzi wakho!
24 Usuke ungaphuphi uma ubheka phambili ekupheleni kokugula, usizi, ngisho nokufa. Cabanga nje ngenjabulo abayoba nayo abantu abavuselwa ekuphileni benethemba lokuba abantu abaphelele! Bayokubona ngokugcwele besemhlabeni lokhu uHoseya 13:14 akushoyo: “Ngizobakhulula esandleni seShiyoli; ngizobophula ekufeni. O Kufa, ziphi izindosi zakho? O Shiyoli, kuphi ukubhubhisa kwakho?” UPawulu wasebenzisa leli vesi ovukweni lwasezulwini.—1 Korinte 15:55-57.
25. Uyozizwa kanjani ezweni elisha?
25 Akufanele kube nzima kakhulu ukukholwa ukuthi uvuko lwasemhlabeni luyokwenzeka. (Zakariya 8:6) Lapho u-Amose noMika bebikezela ukuthi abantu bakaNkulunkulu babezobuya ekuthunjweni, kungenzeka ukuthi kwaba nzima ukukukholwa lokho. Kodwa uyazi ukuthi kwenzeka. (Amose 9:14, 15; Mika 2:12; 4:1-7) Ababuya bathi: “Saba njengababephupha. Ngaleso sikhathi umlomo wethu wagcwala ukuhleka, nolimi lwethu ukukhamuluka kwenjabulo. . . . UJehova wenze into enkulu ngakwenzile kithi. Sijabulile.” (IHubo 126:1-3) Uyozizwa kanjalo nawe ezweni elisha lapho uthola “isibusiso kuze kungabikho ukuswela.”
Izinceku zikaJehova zizungezwe abantu abathanda iqiniso nobulungisa
26. Balindelwe yini labo abalukhumbula njalo usuku lukaJehova?
26 Ngemva kokuba “usuku lukaJehova” seluqede ububi emhlabeni, “ubukhosi buyoba ngobukaJehova” ngomqondo ophelele. (Obadiya 15, 21) Ngeke yini kube isibusiso esimangalisayo leso ngazo zonke izikhonzi zakhe zasemhlabeni? Nawe ungaba phakathi kwalabo ayosebenza kubo amazwi kaMalaki isahluko 3: “‘Ngokuqinisekile bayoba ngabami,’ kusho uJehova wamabutho. . . . ’Ngiyobabonisa ububele, njengoba nje umuntu ebonisa indodana yakhe emkhonzayo ububele.’” (Malaki 3:17) Ngokusobala, ukwethembeka kwakho, kwamanje okukwenza ube sethubeni lokusindiswa, kuyobe sekukulethela “isibusiso kuze kungabikho ukuswela.” Yeka ithemba elimangalisayo!
a Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka INqabayokulinda ka-June 15, 1987, amakhasi 14-20.
b UPawulu wacaphuna i-Septuagint yesiGreki, ewubeka ngendlela ehlukile kancane kunombhalo wesiHebheru.