IzAga
11 Isikali esikhohlisayo siyinto enengekayo kuJehova,+ kodwa isisindo setshe esiphelele siyamjabulisa.
2 Ingabe kufike ukugabadela? Khona-ke kuzofika ihlazo;+ kodwa ukuhlakanipha kukwabanesizotha.+
3 Ngubuqotho babaqotho obubaholayo,+ kodwa ukuhlanekezela kwalabo abenza ngokukhohlisa kuyobaphanga.+
4 Izinto zenani elikhulu ngeke zibe nanzuzo ngosuku lolaka,+ kodwa ukulunga kuyokhulula ekufeni.+
5 Ukulunga kongasoleki okuyokwenza indlela yakhe iqonde,+ kodwa omubi uyowa ebubini bakhe.+ 6 Ukulunga kwabaqotho okuyobakhulula,+ kodwa abenza ngokukhohlisa bayobanjwa ukunxanela kwabo.+
7 Lapho umuntu omubi efa, ithemba lakhe liyashabalala;+ ngisho nokulindela okusekelwe emandleni kushabalele.+
8 Ngolungileyo owophulwayo ngisho nasosizini,+ kuthi omubi angene esikhundleni sakhe.+
9 Ngomlomo wakhe, oyisihlubuki uchitha umuntu wakubo,+ kodwa abalungile bophulwa ulwazi.+
10 Ngenxa yobuhle babalungileyo umzana uyesasa,+ kodwa lapho ababi beshabalala kuba khona ukukhamuluka kwenjabulo.+
11 Ngenxa yesibusiso sabaqotho umzana uyaphakanyiswa,+ kodwa ngenxa yomlomo wababi uyadilizwa.+
12 Oswele inhliziyo umedelelile umuntu wakubo,+ kodwa umuntu onokuqonda okubanzi yilowo othulayo.+
13 Ohambahamba enyundela+ wembula imfihlo,+ kodwa onomoya othembekileyo uyayimboza indaba.+
14 Lapho kungekho ukuqondisa okunekhono, abantu bayawa;+ kodwa ngobuningi babeluleki kukhona insindiso.+
15 Umuntu kuyomhambela kabi ngoba ebe yisibambiso somuntu ongaziwa,+ kodwa okuzondayo ukuxhawula uhlala engenazinkathazo.
16 Ngowesifazane othandekayo ozuza udumo;+ kodwa omashiqela, bona, bazuza ingcebo.
17 Umuntu onomusa wothando uwuphatha ngendlela enomvuzo umphefumulo wakhe,+ kodwa umuntu onesihluku ulethela umzimba wakhe isigcwagcwa.+
18 Omubi uthola inkokhelo yamanga,+ kodwa ohlwanyela ukulunga, uthola umvuzo weqiniso.+
19 Okumela ngokuqinile ukulunga uyothola ukuphila,+ kodwa oxoshana nokubi uzibizela ukufa.+
20 Abanezinhliziyo eziyizigwegwe bayinto enengekayo kuJehova,+ kodwa abanendlela engasoleki bayamjabulisa.+
21 Ngisho noma isandla singaba kwesinye isandla, umuntu omubi ngeke ayekwe angajeziswa;+ kodwa inzalo yabalungile iyophunyuka nakanjani.+
22 Njengendandatho yegolide yasekhaleni empumulweni yengulube, unjalo owesifazane omuhle kodwa ofulathela ukuba nengqondo.+
23 Isifiso sabalungileyo ngokuqinisekile sihle;+ ithemba lababi liwulaka.+
24 Kukhona osakazayo kodwa nokho owandiswayo;+ nozigodlayo kokulungile, kodwa umphumela uba ukuswela kuphela.+
25 Umphefumulo ophanayo uyokhuluphaliswa;+ nophuzisa abanye ngokungagodli naye uyophuziswa ngokungagodli.+
26 Ogodla okusanhlamvu—abantu bayomqalekisa, kodwa ikhanda lalowo okuvumela ukuba kuthengwe liyobusiswa.+
27 Ofuna okuhle uyoqhubeka efuna ukuthakazelelwa;+ kodwa othungatha okubi, kuyokwehlela phezu kwakhe.+
28 Othembela engcebweni yakhe—yena ngokwakhe uyowa;+ kodwa abalungile bayokhephuzela njengamahlamvu.+
29 Noma ubani olethela indlu yakhe isigcwagcwa,+ uyothola umoya;+ futhi umuntu oyisiwula uyoba yinceku yohlakaniphile enhliziyweni.
30 Izithelo zolungileyo zingumuthi wokuphila,+ futhi lowo ozuza imiphefumulo uhlakaniphile.+
31 Bheka! Olungileyo—uyovuzwa emhlabeni.+ Kangakanani-ke omubi nesoni!+