1 Korinte
3 Kanjalo-ke, bafowethu, angikwazanga ukukhuluma nani njengabantu abangokomoya,+ kodwa njengabantu abangokwenyama, njengezingane+ kuKristu. 2 Nganondla ngobisi, hhayi ngokudla okuqinile,+ ngoba naningakaqini ngokwanele. Eqinisweni, namanje anikaqini ngokwanele,+ 3 ngoba nisengabangokwenyama.+ Ngoba njengoba kukhona umhawu nombango phakathi kwenu,+ anibona yini abangokwenyama futhi anihambi yini njengoba kuhamba abantu?+ 4 Ngoba uma omunye ethi: “Mina ngingokaPawulu,” kodwa omunye athi: “Mina ngingoka-Apholo,”+ akukhona yini ukuthi nimane nje ningabantu?
5 Uyini-ke u-Apholo?+ Yebo, uyini uPawulu? Yizikhonzi+ enaba ngamakholwa ngazo, njengoba nje iNkosi yanikeza umuntu ngamunye. 6 Mina ngatshala,+ u-Apholo wanisela,+ kodwa uNkulunkulu waqhubeka ekhulisa;+ 7 kangangokuthi lowo otshalayo akalutho+ nalowo oniselayo akalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo nguye owutho.+ 8 Lowo otshalayo nalowo oniselayo bamunye,+ kodwa umuntu ngamunye uyokwamukela umvuzo wakhe ngokomshikashika wakhe.+ 9 Ngoba siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu.+ Nina niyinsimu kaNkulunkulu elinywayo,+ isakhiwo sikaNkulunkulu.+
10 Ngokomusa ongafanelwe+ kaNkulunkulu engaphiwa wona, njengomqondisi ohlakaniphile wemisebenzi ngabeka isisekelo,+ kodwa omunye umuntu wakhela phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqhubeke eqaphela indlela akhela ngayo phezu kwaso.+ 11 Ngoba akukho muntu ongabeka esinye isisekelo+ ngaphandle kwaleso esibekiwe, esinguJesu Kristu.+ 12 Uma umuntu akhela phezu kwalesi sisekelo igolide, isiliva, amatshe ayigugu, izinto zokhuni, utshani obomisiwe, izinhlanga, 13 umsebenzi walowo nalowo muntu uyobonakala, ngoba usuku luyowuveza, ngoba uyokwambulwa ngomlilo;+ futhi umlilo uyobonisa ukuthi umsebenzi walowo nalowo muntu uluhlobo luni. 14 Uma umsebenzi womuntu awakhele kuso usala,+ uyothola umvuzo;+ 15 uma umsebenzi womuntu usha, uyolahlekelwa, kodwa yena ngokwakhe uyosindiswa;+ nokho, uma kunjalo, kuyoba njengokungathi udabulé emlilweni.+
16 Anazi yini ukuthi nina niyithempeli likaNkulunkulu,+ nokuthi umoya kaNkulunkulu uhlala kini?+ 17 Uma umuntu ebhubhisa ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyombhubhisa;+ ngoba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele,+ okuyithempeli+ eniyilo nina.+
18 Makungabikho muntu oziyengayo: Uma umuntu phakathi kwenu ecabanga ukuthi uhlakaniphile+ kulesi simiso sezinto, makabe yisiwula, ukuze ahlakaniphe.+ 19 Ngoba ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu;+ ngoba kulotshiwe ukuthi: “Ubamba abahlakaniphile ebuqilini babo.”+ 20 Nokuthi futhi: “UJehova uyazi ukuthi imicabango yabantu abahlakaniphile iyize.”+ 21 Ngakho makungabikho muntu oziqhayisa ngabantu; ngoba zonke izinto zingezenu,+ 22 kungakhathaliseki ukuthi uPawulu noma u-Apholo+ noma uKhefase noma yizwe noma ukuphila noma ukufa noma izinto ezikhona manje noma izinto ezizayo,+ zonke izinto zingezenu; 23 nina ningabakaKristu;+ uKristu, yena, ungokaNkulunkulu.+